zulu.2473.braai
Zisha ngebrayi
Yisikhathi samaholidi, ilanga liyashisa, isibhakabhaka siluhlaza...lesi yisikhathi esimnandi sokuzikhipha niyozibusisa nomndeni wakho. Amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGemini Food Promotions, izithombe nguKim Thunder
OKUMNANDI
Cajun Sticky Ribs
CAJUN STICKY RIBS
* 1 u-anyanisi oqotshiwe
* 3 izigaxa zikagaligi ezigxotshiwe
* 1 uphepha obomvu oqotshiwe
* 1 upelepele obomvu okhishwe izinhlamvu waqotshwa
* 4 izipuni (60ml) uviniga
* 1/2 inkomishi (125ml) i-syrup
* 4 izipuni (60ml) i-coriander eqotshiwe
* 2kg ama-ribs e-pork
1. Endishini hlanganisa zonke izithako ngaphandle kwama-ribs. Zithele phezu kwama-ribs.
2. Braya ama-ribs emalahleni noma kuhhavini oshisa ngezinga elingu-180oC imizuzu engu-15-20 bese ukwenza kuhlofozele kwi-grill imizuzu emihlanu ukuphendule ukuze kungashi.
Kubiza: R97,30
Kwanela abangu-8-10
Iseluleko: Uma wenzela izingane le resiphi, uyeke upelepele. Ungawusebenzisa uphepha oluhlaza uma uthanda.
LUCKY BRAAI MEDLEY
* 1 inkomishi (250ml) ushukela onsundu
* 1 1/2 izinkomishi (375ml) i-tomato sauce
* 3/4 inkomishi (180ml) i-smooth apricot jam
* 3/4 inkomishi (180ml) uviniga onsundu
* 6 izipuni (90ml) i-mustard elungisiwe
* 1 isipuni (15ml) ama-dried herbs
* 1 i-teaspoon (5ml) usawoti
* 1 i-teaspoon (5ml) uphepha
* 6 ama-chuck steaks
* 6-12 ama-lamb chops (kuzoncika kusayizi)
* 1kg i-boerewors
1. Kujeke hlanganisa zonke izithako ngaphandle kwenyama. Kubonde ushukela uze uncibilike.
2. Braya inyama emalahleni (noma kwi-grill), ukuchochombise usosi uze uphekeke.
3. Epanini, shisa noma yimaphi amasosi asele ukugxabhise imizuzu emihlanu. Kubrashe enyameni. Kuseve nepapa nesinkwa.
Kubiza:R120,55
Kwanela abangu-10
CHICKEN KEBABS IN TOMATO AND CHILLI MARINADE
Kebabs
* 8 izifuba zenkukhu ezisikwe amaqashana
* 2 u-anyanisi osikwe izingcezwana
* 2 ophepha abaluhlaza abaqotshiwe
* 1 uphayi-naphu osikwe izingcezu
* ama-kebab sticks
Marinade
* 2 izipuni (30ml) uwoyela
* 2 izipuni (30ml) uviniga
* 2 izipuni (30ml) i-tomato purée
* 1 upelepele obomvu okhishwe izinhlamvu waqotshwa
* 1 isipuni (15ml) iWorcestershire Sauce
* 2 ama-teaspoon (10ml) ushukela
* usawoti nophepha
1. Usebenzisa intambo faka izingcezu zenkukhu nama-veg kuma-kebab sticks.
2. Endishini hlanganisa ndawonye izithako ze-marinade. Ama-kebabs ayeke anongeke imizuzu engu-30.
3. Braya ama-kebabs emalahleni, noma ugrile imizuzu engu-5-6 inkukhu ize iphekeke.
Kubiza: R50,30
Kwanela abangu-8
Iseluleko: Yizinhlamvu ezenza upelepele ubabe, kungakho sithi azikhishwe. Uma uthanda ukubaba, ziyeke!
IZELULEKO ZOKUBRAYA
■ Ngaphambi kokuqala ukubraya, kuhle ugcobe ucingo ozobrayela kulona ngowoyela wokupheka. Lokhu kuzosiza ekuvikeleni inyama inganamatheli.
■ Ngaphambi kokubraya sika u-anyanisi uwukhuhle kwi-grill ukuze inyama inambitheke kamnandi.
■ Amalangabi adalwa amanoni enyama aconsela emlilweni. Uma lokhu kwenzeka kwenza ukuba inyama ishe ibe mnyama inganambitheki kahle. Ukuze ukugweme, yiba ne-spray bottle yamanzi abandayo, ukuze udambise amalangabi lapho evela.
■ Uma uhlanza okokubraya, kungakuhle usebenzise ibhulashi locingo ngesikhathi isashisa.[z]
Lucky Braai Medley
Chicken Kebabs In Tomato And Chilli Marinade
Potato, Onion And Butternut Parcels
POTATO, ONION AND BUTTERNUT PARCELS
* 6 amazambane asikwe izingcezu
* 2 u-anyanisi osikwe izingcezu
* 1 i-butternut esikwe izingcezu
* 1/2 inkomishi (125ml) uwoyela
* 3 izipuni (45ml) ama-herbs aqotshiwe
* usawoti nophepha
1. Endishini hlanganisa amazambane, u-anyanisi ne-butternut.
2. Kujeke hlanganisa uwoyela, ama-herbs, usawoti, uphepha nama-veg ukubonde.
3. Thatha iziqephu ezingu-6 ze-foil ufake ama-veg kuzona ngokulingana. Zivale uzibhake ngamalahle imizuzu engu-30. Ungakubhaka nakuhhavini ongu-180oC.
Kubiza: R13,45
Kwanela abangu-6
►
◄
BEER BRAAI BREAD
* 1 1/2 izinkomishi (375ml) i-wholewheat flour
* 2 1/2 izinkomishi (625ml) i-self-raising flour
* 1 i-teaspoon (5ml) usawoti
* 3 izipuni (45ml) imajarini
* 3/4 inkomishi (185ml) ubhiya
* 3/4 inkomishi (185ml) ubisi nowoyela wokubhrasha ulofu
* 1/2 inkomishi (125ml) ushizi ogreythiwe iCheddar
* 4 i-spring onions esikwe izingcezu (ngokuthanda kwakho)
1. Hlanganisa ofulawa nosawoti. Khuhlela phakathi imajarini.
2. Enza imbobo phakathi nendawo, ufake ubhiya nobisi wenze inhlama.
3. Hlanganisa inhlama uyibumbe ibe ngu-loaf. Brasha ngowoyela ugoqe nge-foil.
4. Kubraye imizuzu engu-15. Vula i-foil uvuvuzele ngoshizi no-anyanisi. Kuyeke imizuzu engu-5 ushizi uze uncibilike.
Kubiza: R15,60
Iseluleko: Bhaka isinkwa imizuzu engu-50 ngezinga elingu-180oC. Sisuse usifake ushizi ne-spring onions, usibhake ngemizuzu engu-10.
BRAAIED PINEAPPLE DESSERT
* 1 uphayinaphu
* 4 izipuni (60ml) i-castor sugar
* 1 i-teaspoon (5ml) i-cinnamon
1. Ebhodini, sika ingaphezulu nengaphansi likaphayinaphu, uwenze izingcezu eziyindilinga (ungawucwecwi isikhumba).
2. Endishini hlanganisa i-castor sugar ne-cinnamon. Kuvuvuzele kuphayinaphu. Kubraye emalahleni imizuzu emihlanu.
3. Kuseve kushisa no-ice-cream.
Kubiza: R6,88 singawubali u-ice-cream
Kwanela abane
Beer Braai Bread
Braaied Pineapple Dessert
BONA December 2008
