zulu.2472.yourman_coaching
UKU-"HEADER"
ibhola
U-Joshua Malebana noTshepo indodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa.
UMA kukhulunywa nge "headwork", igama elisetshenziswa emalokishini uma kukhulunywa ngokushaya ibhola ngekhanda, uMike "Sporo" Mangena ungomunye wompetha ekwenzeni lokhu. Emagolini angu-25 awafaka esadlala njengomgadli kwiBush Bucks, angu-16 wawafaka ngekhanda.
NgokukaMike, abaqeqeshi abayinaki indaba yokufundisa abadlali uku "header" ibhola, kanti nobaba abawafundisi amadodana abo.
Lokhu akugcini ngokuncisha indodana yakho amathuba okufaka amagoli kodwa kusho ukuthi ingagcina yenza amaphutha.
Isizulu sithi ligotshwa lisemanzi - bafundise besebancane.
Anidingi indawo enkulu uma nifundisana uku-header ibhola, kumele nigqagqane ngamagxathu amabili omuntu omdala.
Ukuze niqale kahle, qala ngokuphonsa ibhola, liphonse ngendlela ezokwenza ukuba lihlale kalula ekhanda lendodana yakho.
Phindaphindani nibe nesineke, indodana yakho ize ilishaye ngaphandle kokucabanga ibhola, kusho uMike. [z]
Indaba: Force Khashane
Izithombe: Peter Whitfield
UKUQEQESHEKA EBHOLENI
Indlela yokuvula amehlo ufake amagoli
UMA NIQALA
1LIPHONSE KAHLE. U-Joshua Malebana ufundisa uTshepo izinto okumele uzenze uma u-header ibhola emphonsela lona ngesineke ukuze lihlale kalula ekhanda lakhe. Bheka indlela uTshepo ame ngayo. Kuhle ukuthi uye phambili uma u-header ibhola.
2SEBENZISA ISIPHONGO. Ibhola ulishaya kahle uma ulishaya ngesiphongo. U-Joshua ufundisa uTshepo ukuthi isiphongo sakhe akasisebenzise njenge-bat angayisebenzisela ukuyisa ibhola endaweni efanele.
3VULA AMEHLO. Ukuvala amehlo ngesikhathi ibhola lihlala ekhanda yiphutha nabadlali abanesipiliyoni abalenzayo - qinisekisa ukuthi indodana yakho iwavulile amehlo uma ibhola lihlala esiphongweni.
Lapha uTshepo usikhombisa okungafanele UKWENZE uma u-header ibhola. Ngisho noma usebenzisa isiphongo, uma uvala amehlo ngesikhathi u-header ibhola, lizobheka endaweni engafanele - uhluleke wukufaka igoli.
ISELULEKO
