ZULU.2470.sis sarah
BONA ZULU - February 2007
Angikwazi ukubona
ingane yami
Mina nonkosikazi sathola ingane ngo-2005. Emva kokuzalwa kwayo, umkami wathi kumele sime okwesikhashana ukuya ocansini.
Kwaphela izinyanga eziyisithupha singayi ngaze ngamtshela ukuthi sesiside kakhulu isikhathi sagcina ukuya ocansini njengabantu abashadile.
Waqala ukwenza izinto engangingaziqondi kahle afike ekhaya ebusuku.
Wagcina esezithathe zonke izingubo zakhe waphindela kubo.
Ngisamthanda kodwa akafuni ukuba ngibone ingane yami.
Ngisabadinga. Ngenzenjani" Ngicela usizo!
SS, Nkuna
Bheka umnyombo wale nkinga. Ukukhulelwa uthole umntwana kuba nomthelela omkhulu kuma-hormones omuntu wesimame kodwa lokho kuba yinto yesikhashana ebuye idlule.
Kuzwakala sengathi unkosikazi wakho wavika ngokuzalwa kwengane ngoba engasafuni ukuya nawe ocansini.
Kudalwa yini lokho"
Ngabe wayesethandana nenye indoda" Noma wayesekhathele uwena"
Thola okuyimbangela yale nkinga.
Uma kungukuthi wayengasakuthandi, akukho ongakwenza okungashintsha umqondo wakhe. Okufanele ukwenze wukwamukela isimo.
Kodwa unegunya lokubona ingane yakho.
Thola iseluleko kwabomthetho mayelana nodaba lwengane uzwe ngamalungelo akho.
Uzonda indodakazi yami
Sineminyaka engu-13 sishadile kanti sinezingane ezimbili. Nginengane yentombazane engayithola ngingakashadi kanti naye unendodakazi ayithola singakashadi.
Umyeni wami uba nodlame uma ephuzile kanti uyayizonda indodakazi yami.
Angazi ukuthi yini inkinga yakhe ngoba indodakazi yakhe ivakasha noma nini futhi ngiyiphatha kahle ngoba ngiyayithanda.
Sengicabanga ukumshiya kodwa angazi ukuthi kungenzekani ezinganeni zami uma ngimshiya.
Ngicela usizo!
NCX, Worcester
Kuzodingeka ukuba wena nomyeni wakho nicele iseluleko kumeluleki oqeqeshiwe.
Abanye abantu besilisa abakwazi ukuzwakalisa izidingo zabo kodwa umeluleki uyazi ukuthi izinto ezinjalo zixazululwa kanjani, uyayazi nemibuzo okufanele ayibuze.
Umyeni wakho unenkinga okufanele ayibikele omunye umuntu.
Ngaphambi kokumshiya, mnike ithuba lokuthola usizo kuxazululeke le nkinga asizakale.
Khumbula ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthola umnyombo wale nkinga, ngakhoke ungabheki ukubona umehluko ngokushesha.
Uma engafuni ukuthola usizo, akukho ongakwenza ngaphandle kokumshiya uhambe nezingane.
Ngilahliwe
Ngisejele ngagwetshwa iminyaka engu-12. Intombi yami engumama wengane yami ayisangivakasheli. Ayingibhaleli phezu kokuba yangithembisa ukuthi izongivakashela ingibhalele.
Ngisayithanda intombi yami kanjalo nengane yami kanti angifuni bangilahlekele.
FLJ, Middledrift
Yinkinga yabantu abasemajele lena kanti njengoba sengake ngasho esikhathini esedlule, kulula ukuthembisa umuntu oboshiwe ukuthi uzombhalela umvakashele kodwa leso sithembiso sigcine singafezekanga.
Kuyadabukisa lokho ngoba osejele akukho angakwenza ngaphandle kokubathemba abathandiweyo bakhe abangaphandle.
Kodwa ngokwazi kwami, owesimame uthatha isinqumo sokukhohlwa yilowo muntu osejele aqhubeke nempilo yakhe. Mhlawumbe usuke ecabanga ukuthi abantu bazomhleka uma ethi ulinde umuntu osejele.
Ngiyiqonda kahle inkinga yakho ngoba usayithanda intombi yakho kanjalo nengane yenu.
Kodwa abasemajele akukho abangakwenza ukuphoqa umama wengane ukuba alethe ingane ejele. Ongakwenza wukucela isihlobo sakho ukuba sivakashele intombi yakho siyincenge ikuvakashele okungenani kanye ngenyanga.
Yilokho ongakuzama. Uma ingafuni, mhlawumbe izovuma ukuba kube yingane ezokuvakashela.
Ngabe nginesinyama"
Isoka lami lashona ngonyaka odlule kanti abantu bathi angifune umuntu engizoya naye ocansini ngaphandle kokusebenzisa ikhondomu ngoba thina sikholwa wukuthi uma kushone isoka lakho, isinyama usikhipha ngokuya ocansini nomunye umuntu.
Emva kwalokho ngingakwazi ukuthandana nanoma yimuphi umuntu engimthandayo.
Kodwa ngesaba ukuthola izifo zocansi uma ngiya ocansini ngaphandle kokuzivikela.
Ngenzenjani"
PL, Volksrust
Njengoba sanda isibalo sabaphethwe yiHIV, uqinisile uma uthi uyesaba ukuya ocansini ngaphandle kokuzivikela.
Asikho isidingo sokubeka impilo yakho engozini. Zicabangele wena kuqala... ungalokothi uvume ukuya ocansini ungazivikelile.
Angiyithandi
Bengithandana namantombazane angaphezulu kwamahlanu ngaphelelwa wuthando lwawo wonke ngoba ayengenakho lokhu engangikufuna kumuntu wesimame.
Ngeshwa enye yayisikhulelwe kanti umndeni wami uthi kufanele ngishade nayo phezu kokuba ngazi kahle ukuthi angisayithandi.
Sengithathe isinqumo sokukhokha inhlawulo ngondle nengane yami kodwa angizimisele ukuchitha impilo yami nomama wengane yami.
Ngeke ngithokoze kulowo mshado. Ngenzenjani"
AP, Jozini
Sesifikile isikhathi sokuhlolisisa impilo yakho.
Uthi bewuthandana namantombazane angaphezulu kwamahlanu kanti ngokwencwadi yakho... ubuya ocansini nawo.
Uma uqhubeka uya ocansini namantombazane amaningi kusho ukuthi awuzicabangeli.
Phaphama! Ngabe awukaze uzwe nge-AIDS" Esikhathini samanje akufanele umuntu aye ocansini nabantu abaningi ngaphandle kokuzivikela. Uzoba nenkinga uma ungaziphethe kahle.
Umndeni wakho ukunika iseluleko sokuthi shada nomama wengane yakho ngoba ngokwabo yilokho ababona kufanele ukuba ukwenze kodwa uma ungamthandi umama wengane yakho kungcono ungashadi naye ngoba lowo mshado ngeke uphumelele.
Sihle isinqumo sakho sokukhokha inhlawulo wondle ingane yakho.
Cabangisisa kahle ngoba uzogcina usunenqwaba yezingane okufanele uzondle kanti akekho umuntu wesimame ofuna ukuthandana nomuntu onomthwalo wokondla izingane ohlale engenamali.
Ngiyamzonda!
Ngingowesimame oneminyaka engu-43 kanti ngithandana nowesilisa oneminyaka engu-57 ohlala eGoli. Lapho ehlala khona uhlala nowesimame oneminyaka engu-36.
Unesikhwele akafuni ukuba ngikhulume nabanye abantu besilisa. Kodwa mina angisho lutho kuyena njengoba ehlala nalo muntu wesimame ahlala naye.
Ngolunye usuku sisocansini wangibiza ngale ntombazane ahlala nayo. Manje sengiyamzonda.
Umndeni wami uthi angihlukane naye ngiqhubeke nempilo yami. Ngenzenjani"
AT, Maseru
Umndeni wakho uqinisile ngoba alukaze lube yimpumelelo uthando olunjena.
Njengoba uthi uyamzonda kusho ukuthi usulucabangisise kahle lolu daba kanti sekufike lapho ukhathala khona yile ndlela akuphethe ngayo.
Uqinisile - asikho isidingo sokuba uqhubeke uthandane nomuntu onenye intombi. Akhona amadoda angakuphatha kahle kunalena. [z]
Buza kuSis'Sarah
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
BONA ZULU - February 2007
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uzoyithola kule ngosi.
Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah,
Box 32083,
Mobeni, 4060
