ZULU.2461.sis sarah
buza kusis'sarah
Ngisola ukuthi isoka lami lifuna ukungibulala!
MINA nesoka lami sineminyaka engu-32. Sekuphele iminyaka engu-11 sihlala ndawonye kanti sinezingane ezimbili kodwa asishadile.
Isoka lami alifuni ngiye ndawo ekubeni alingenzeli lutho.
Alingisizi ngisho noma ngabe ngigula. Siphila ngemali yesondlo sezingane yena eyakhe uyinika abazali bakhe.
Alifuni ukuba ngifune umsebenzi kanti langitshela ukuthi lifuna ukuthenga isibhamu engicabanga ukuthi lizongibulala ngaso ngelinye ilanga.
Ngifuna ukulishiya kodwa ngikhathazekile ngezingane zami ngoba zizothi ngilahle ubaba wazo. Ngenzenjani"
MAH, Frankfort
Kuyangimangalisa ukuthola ukuthi sekuphele iminyaka engu-11 ubekezelele lesi simo.
Ngineqiniso lokuthi ucabanga ukuthi akukho ongakwenza ngoba unezingane zale ndoda... Kodwa akukuhle ukuhlala nomuntu ongafuni ukuba usebenze noma unyakaze.
Akanondli lo muntu enjalo nje. Akafuni ukuba uphile impilo oyithandayo!
Ngabe wake wakhuluma naye uzwe ukuthi kudalwa yini ukuba akuphathe ngale ndlela"
Ngiyasiqonda isizathu esenza ukuba ucabange ukumshiya kodwa ake ukhulume nomuntu omdala ebandleni ukuze akunike iseluleko ngongakwenza ngalolu daba.
Akulula ukuthatha isinqumo ikakhulu ngoba unezingane zalo muntu, kodwa ngokwami ngibona sengathi ungaphila kahle kakhulu ngaphandle kwakhe.
Awuzange usinike iminyaka yezingane zakho kodwa uma kungukuthi sezikhule ngokwanele, zichazele ngesimo obhekene naso.
Ngineqiniso lokuthi ngokuhamba kwesikhathi izingane zizosibona isizathu esenza ukuba ucabange ukumshiya ubaba wazo.
108 BONA ZULU - July 2007
Ngadlwengulwa owesimame!
Ngingowesilisa oneminyaka engu-34 owadlwengulwa owesimame oneminyaka engu-50. Ngicela iseluleko sakho mayelana nalolu daba ngoba kwathi uma ngibikela amaphoyisa ngalo anganginaka. Ngenzenjani"
RM, Maf Residensia
Akujwayelekile ukuthi owesilisa adlwengulwe owesimame!
Kungenzeka ukuthi amaphoyisa ayecabanga ukuthi uyadlala ngesikhathi uwabikela lolu daba.
Uma uzimisele ngokumvulela icala lona wesimame, udaba lwakho lubikele umphathi wesiteshi samaphoyisa.
Mtshele ukuthi wavula icala emaphoyiseni kodwa angakunaka nokuthi ufuna lulungiswe ngendlela enobulungiswa lolu daba.
Ngabe usangithanda"
Ngineminyaka engu-38, eyomyeni wami ingu-34. Sinezingane ezintathu.
Inkinga yami wukuthi angazi noma le ndoda isangithanda yini ngoba ayisezi ekhaya kanti ivele iye kubazali bayo ngaphandle kokungitshela.
Uma ngicela ukuba sivakashele abazali bami ayifuni.
Isihlale nabazali bayo kusukela ngoSeptember nyakenye kanti yahamba nezingane zethu ezimbili. Uma kwenzekile yangishayela ucingo iyangithethisa.
Ngenzenjani" Ngisayithanda.
Okhathazekile, Rooikoppie-Rayton
Njengoba ushadile kuyilungelo lakho ukuthi umyeni wakho akutshele uma kukhona inkinga anayo.
Kubukeka sengathi kukhona inkinga umyeni wakho abhekene nayo kanti unamahloni okukutshela yona.
Mhlawumbe kuzodingeka ukuba ucele iseluleko kubazali bakhe nizame ukuthola ukuthi yini inkinga yakhe.
Ngineqiniso lokuthi abazali bakhe bayazi ngayo njengoba ehlala nabo.
Uma bengafuni ukukusiza, khuluma nabantu enikhonza nabo noma amalungu omndeni ucele ukuba banixazululele le nkinga yenu.
Okokugcina, awumceli ngani umyeni wakho ukuba nihlale phansi nibonisane ngalolu daba" Uma kukhona omone ngako kufanele akutshele. Ngeke kunisize ngalutho ukuthula kwakhe.
Isoka lami liyinkonkoni
Mina nesoka lami sinengane kanti umndeni walo awukholwa ukuthi le ngane ngeyalo. Alikaze liyenzele lutho ingane yethu eneminyaka emithathu.
Ngisanda kuzwa ukuthi liyinkonkoni kanti angikukholwa lokho. Lisangithatha njengentombi yalo kanti alikaze liyiphathe eyokuthandana kwalo nabantu besilisa.
Ngenzenjani"
Ngifuna londle ingane yethu. Ngabe kufanele ngiyishiye kulona ingane"
Ongathandi ukuzidalula
Awusho ukuthi isoka lakho liyavuma yini ukuthi ingane ngeyalo. Wukuhlolwa kwegazi kuphela okuzocacisela lona noma umndeni walo ukuthi ingane ngeyalo.
Ngokwamazwi akho, kuzwakala sengathi awusayithandi le ndoda, mhlawumbe kufanele ukhohlwe iyona.
Kodwa uma ingubaba wengane yakho, kufanele yondle ingane.
Okokugcina, yingane yakho lena - uzozisola uma uthatha isinqumo sokuyishiya nalo muntu.
Njengoba esakuthatha njengentombi yakhe kodwa eqhubeka ethandana nabantu besilisa, kuyacaca ukuthi akazi yini ayifunayo... asisayikhulumi-ke eyokunakekela ingane!
Angifuni ukuya naye ocansini
Ngineminyaka engu-32, eyesoka lami ingu-44, sinezingane ezimbili. Inkinga yami wukuthi induku yesoka lami ayivuki uma siya ocansini... uma kwenzekile yavuka, kuthatha imizuzwana embalwa.
Angisakuthandi ukuya nalo mlisa ocansini, kanti siyaxabana uma efuna ukuba siye.
Enye inkinga wukuthi le ndoda iqonyiwe. Sengike ngakhuluma nayo ngalolo daba ngayitshela nokuthi kuyingozi lokhu ekwenzayo. Yangiphendula ngokuthi asihlukane uma lokho kungixaka. Sengifikelwa wumqondo wokubheka omunye umuntu engingathandana naye.
ME, Middelburg
Angazi ukuthi usahlaleleni kule ndoda! Awukuthokozeli ukuya nayo ocansini, nihlala nixabana, iqonyiwe futhi isikutshele kahle ukuthi hlukanani uma uhlushwa yindaba yokuqonywa kwayo.
Lubukeka seluyinto efile lolu thando lwenu.
Uma usuphelelwe wuthando lokuya nale ndoda ocansini, usucabanga nokubheka engxenye, mhlawumbe lokho kungaba yisinyathelo esihle.
Kodwa uma usayithanda (kodwa lokho awuzange ukusho encwadini yakho), inkinga edala ukungaboni kwenu ngaso linye kungenzeka kube yilena yokungavuki kwenduku yayo. Kufanele ibonane nodokotela ngale nkinga ukuze isizakale. Uma usafuna ukuqhubeka naye, mbekezelele ngesikhathi esazama ukuthola usizo.
Okunye okufanele ukubheke wukuqonywa kwayo njengoba ukhala ngako. Mhlawumbe ukungavuki kwenduku yakhe kudalwa wukuthi akasakuthandi.
Bonisanani ngalolu daba uthole ukuthi isazimisele yini ngawe le ndoda.
Ngenzenjani ngengane yami"
Ngineminyaka engu-33, eyentombi yami ingu-29. Sathandana ikhulelwe ingane yenye indoda ngo-2003. Manje sinengane eneminyaka emibili.
NgoJanuary 2006 ngathola ukuthi intombi yami isibuyelene nesoka layo elayikhulelisa ingane yokuqala. Ngicabanga ukuba sihlukane kodwa ngikhathazekile ngengane yami nginovalo lokuthi izohlupheka. Ngicela usizo lwakho.
AIB, Vaalulater
Okokuqala, thola ukuthi intombi yakho yayihlukene ngempela yini nesoka layo.
Kungenzeka ukuthi abakaze bahlukane noma ayisakuthandi isizimisele ngokuqhubeka nesoka layo lakudala.
Uma sibuyela odabeni lwengane: thola iseluleko kwabomthetho uzwe ukuthi ami kanjani amalungelo akho mayelana nalolu daba.
Kuzwakala sengathi ufuna ukuba ingane yakho ihlale iphatheke kahle kanti kuzodingeka ukuba ulwele ukuba ibuyele ngakuwena. [z]
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kule ngosi. Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah, Box 32083, Mobeni, 4060
BONA ZULU - July 2007 109
