ZULU.2453.yourlifeguide_heaven
USIZO LOMPHEFUMULO
Umfundisi uGeorge ukunikeza izimpendulo zokomoya ezinkingeni zakho
Ukuya ocansini noshadile
Kudalwa yini ukuthi kube yiphutha ukuya ocansini nendoda eshadile?
Ongakashadi, Pretoria
Dear Wena Ongakashadi: Okokuqala, kuyiphutha ngoba iZwi likaNKULUNKULU lisho njalo
(1 Cor 6:19). Okwesibili, lokhu kumosha impilo yomuntu, kuphule umoya, kulimaze imishado nemindeni, kanti kungalimaza nawe uqobo. Okwesithathu, okwenza kwabanye kuyenzeka nakuwe.
Abasemzini balawula umyeni wami
Abasemzini wami balawula impilo yomyeni wami. Ngenzenjani ukuze umyeni wami angizwe uma ngimbonisa, ikakhulu uma kubonakala ukuthi sebedlala ngaye.
Okhathazekile, Port Shepstone
Dear Wena Okhathazekile: Akufanele uzame ukungena phakathi komyeni wakho nomndeni wakubo. Ngaso sonke isikhathi (a) qhubeka umhloniphe phambi komndeni wakhe, (b) uhloniphe nomndeni wakhe kakhulu kunakuqala. Emva kwalokho usungakhuluma ngokukhathazeka kwakho - ungababeki cala - kodwa ungababuza lokho ofuna ukuphenduleka kukona. Yenza kubukeke sengathi kukhona ongakuqondisisi kahle kungabi sengathi bayinkinga kuwena.
Umyeni oqonyiwe
Ngingamtshela umngani wami ukuthi umyeni wakhe uqonyiwe?
Cynthia, Soweto
Dear Cynthia: Isimo obhekene naso sibucayi. Awufuni ukumphatha kabi umngani wakho noma ukumxabanisa nomyeni wakhe. Ngicabanga ukuthi kuya ngokuthi ubungani benu bujule kangakanani. Uma nizwana kakhulu kusho ukuthi uyamkhohlisa uma ungamtsheli. Uma kwenzeka umtshela, angamxolela umyeni wakhe kodwa umyeni wakhe akuzonde. Kungangcono uthule ungazifaki ezindabeni zabo.
Abasemzini abangithandi
Isoka lami liyangithanda kodwa abakubo abangithandi. Bafuna ashade nentombazane abathi iyona emfanele. Isoka lami liyawazisa amasiko kanti aligcini ngokuhlushwa yilokhu okufunwa abazali balo kodwa alifuni nokubaphoxa. Siqhubeke sithandane? Ngabe kukhona engingakwenza ukuze bangithande?
Okhathazekile, Bloemfontein
Dear Wena Okhathazekile: Kuhle ukuzwana nabasemzini wakho. Ukuphumelela noma ukungaphumeleli kwakho ekubuyisaneni nabo kuzoya ngokuthi yini eyenza bangafuni ushade nendodana yabo. Zama konke ongakwenza ukulungisa isimo kulolu thando uthathe isinqumo ngokushesha ikakhulu uma isoka lakho lingalusukumeli lolu daba.
Abangani besilisa
Mina nesoka lami siyathandana. Ngabe kuhle ukuba nabangani besilisa?
Onobungani, Joburg
Dear Wena Onobungani
Akunankinga ukuba nabangani bobunye ubulili. Kodwa ukuze ubungani benu buhambe kahle, abangani bakho besilisa kufanele babe abangani besoka lakho. Nawe ngokunjalo kufanele wazi abangani bakhe besifazane. Uma lingafuni ukukukhombisa bona kusho ukuthi kukhona okushaya amanzi. [z]
Ukwahlukana kwezinkolo
Ngingowesimame ozinikele eNkolweni yobuKhrestu. Ngabe uNKULUNKULU Uthini ngokushada nomuntu oyiSulumane?
Grace, Pietermaritzburg
Dear Grace: NgokweBhayibheli, lokho kusho ukuboshelwa jokeni linye nabangakholwayo (2 Cor 6:14). Ukukhanya akukwazi ukuhlala nobumnyama. Uma nizinikele enkolweni yenu ngeke nihlale ngokuthula. Ekugcineni kufanele kube khona isivumelwano enifinyelela kusona. Isibonelo, inkolo yakhe iyamvumela ukuba ashade namakhosikazi amane, eyakho ithi akashade neyodwa (Amos 3:3). Ngabe ungavuma uma ethi ufuna ukuthatha isithembu?
SONDLA UMPHEFUMULO
Okwe-nza kwaba-nye kuye-nzeka naku-we
Write to
Pastor George:
Heavenly Help,
Box 473014,
Parklands, 2121
