zulu.2440.beauty
Izinyawo ezinhle
EZOBUHLE
Intwasa-hlobo isifikile njengoba seliqalile lifudumala. Sekuyisikhathi sokuzipholela ngama-sandals nama-slip-slops amahle - ngakhoke udinga ukwenza izinyawo zakho zibe zinhle... nguCharis Dawson
NJENGOBA izinyawo zakho kade sekunesikhathi cishe izinyanga ezintathu zonke zicashe ngaphansi kwamasokisi noma ama-pantihose, sekuyisikhathi sokuba uziqhakazise zibukeke kahle.
Ukuzicwala yiyona ndlela abantu ababona ngayo ukuthi ungumuntu okukhathalele ukubukeka kwakho - ungakhohlwa wukuthi abantu nezinyawo bayaziqaphela.
Cwala izinyawo zakho cishe kabili ngenyanga ulandela lezi zindlela zethu ezilula. Lokhu kuzokwenza ungabi namahloni okuveza izinyawo zakho phambi kwabantu.
Okudingayo
■ I-Nail polish remover (Zama iCutex, R10,49; etholakala kwaClicks)
■ I-Cotton wool (Zama i-TLC Cotton Wool, R13,99 enovolo abangu-80; etholakala kwaClicks)
■ I-Nail clipper (Zama i-Beauty Essentials, R19,99; etholakala kwaClicks)
■ I-pumice stone (Zama iFeet First pumice stone, R19,99 emabili; itholakala kwaClicks)
■ Ama-orange stick (Zama ama-Dischem orange stick, R6,95 engu-11; atholakala eDischem)
■ I-Moisturising lotion (Zama iDawn, Vitamin E hand and body cream, R11,99; itholakala kwaPick n Pay)
Ekugcineni udinga indishi yamanzi afudumele anensipho nethawula eli-damp.
Okunye okudingayo wupholishi wakho wezinzipho owuthandayo nozokwenza ubukeke kahle…
Okufanele ukwenze
1 Susa i-nail polish okungenzeka ukuthi isezinzwaneni.
2 Nquma izinzipho zakho ezisezinyaweni ukhiphe nokungcola okusemakhoneni.
3 Cwilisa izinyawo emanzini afudumele anensipho cishe imizuzu engu-15-20. Ngesikhathi izinyawo zakho zisemanzi, sebenzisa i-pumice stone yakho – ukhuhle kusuke izingqweqwe zesikhumba. Lokhu kuzokwenza izinyawo zakho zithambe zibe bushelelezi.
4Yomisa izinyawo zakho ngethawula bese usebenzisa ukucija kwe-orange stick yakho ukhiphe ukungcola phakathi kwezinzipho nezinyama. Qaphela ungalududuli kakhulu ngoba lokho kungakulimaza.
5 Gcoba i-lotion ezinyaweni zakho nasezinzwaneni bese uzisonga ngethawula eli-damp imizuzu engu-5-10. Ithawula elifudumele lingakwenzela izimanga ngoba lizothambisa izinyawo. Emva kwemizuzu elishumi, zihlambulule.
6 Hlikihla uzwane nge-cotton wool ecwiliswe kwi-nail polish remover ukuze kusuke i-lotion esele.
7 Hlukanisa izinzwane zakho ngokufaka isiqeshana se-cotton wool phakathi kwazo. Faka i-first coat yombala owuthandayo uyinike isikhathi sokuba yome. Bese emva kwalokho ufake i-second coat.
8 Uma ufuna ukusebenzisa upholishi onombala othile ezinzwaneni zakho, qedela ngokuba uwufake ungashubi noma i-sealer ukuze ungasuki kalula futhi uhlale isikhathi eside.[z]
BONA ZULU September 2008
BONA April 2008
