ZULU.2438.NestleAdvertorial
Seafood
Muffins
Isikhathi sokukulungisa: 20 imizuzu
Isikhathi sokubhaka: 20 imizuzu
Kuphuma: ama-muffin angu-12
85ml (1/3 inkomishi) iNESTLÉ Dessert Cream
5ml (1 i-teaspoon) i-lemon juice
250ml (1 inkomishi) i-tuna evengiwe noma enye i-seafood
60ml (¼ inkomishi) ushizi ogreythiwe iCheddar
60ml (¼ inkomishi) i-celery eqotshisisiwe
375ml (1½ izinkomishi) ufulawa
5ml (1 i-teaspoon) ushukela
10ml (2 ama-teaspoon) u-baking powder
ibinzana likasawoti
2,5ml (½ i-teaspoon) i-thyme
ibinzana le-cayenne pepper
1 iqanda
185ml (¾ inkomishi) iNESTLÉ IDEAL Evaporated Milk
85ml (1/3 inkomishi) uwoyela
i-parsley eqotshiwe
1. Gcoba ithini lama-muffin (izinkomishi naphezulu phakathi kwezinkomishi) ngemajarini. Shisisa uhhavini ngezinga elingu-180ºC.
2. Hlanganisa ndawonye i-lemon juice neNESTLÉ Dessert Cream ukwenza i-sour cream.
3. Hlanganisa i-tuna, ushizi, i-sour cream ne-celery endishini bese ukubeka eceleni.
4. Kwenye indishi hlanganisa ufulawa, ushukela, i-baking powder, usawoti, i-thyme nophepha.
5. Vula isikhathi phakathi nendawo. Shaya ndawonye iqanda, iNESTLÉ IDEAL Evaporated Milk nowoyela ukufake ezithakweni ezomile, ukugovuze kuze kuhlangane.
6. Kufake ngesipuni kuma-muffin tin phezulu ufake ngesipuni ingxube ye-tuna. Kuvuvuzele nge-parsley.
7. Kubhake imizuzu engu-20 noma kuze kukhukhumale kubhakeke kahle lapho ukuhlola nge-skewer sensimbi kodwa kungomi.
8. Kupholise ethinini imizuzu embalwa, ukuxegise ukuphakamise kahle. Kuyeke kuphole kwi-wire rack. Kuseve kufudumele nemajarini. [z]
ezentengiso
