zulu.2428.yourworld_tvguide
YISIKHATHI SE-TV!
OKUHLEKISAYO
U-Eddie Murphy uxoxa ngakubone edlala indawo yomndeni wakwaKlump kwiThe Nutty Professor 2 (September 19, 10.15 pm, SABC1)
Ngabe kukuphatha kanjani ukuphinda udlale indawo kaBuddy Love?
Ngiyamthanda uBuddy Love kule filimu, kuningi akwenzayo kulokhu. Ekuqaleni, wayezama ukuthatha intombi kaSherman ecekela phansi nempilo yakhe kodwa manje usumthola kuyo yonke indawo.
Ngabe kwakunzima ukudlala indawo yabalingiswa abayisithupha abahlukene?
Kuba nzima ukudlala kwi-movie engahlelekile kahle ebhalwe kabi. Kodwa sisebenze nabantu abakahle kule filimu nomqondisi wayo unekhono kanti ngenza engikuthandayo. Okwaba yinselelo kwaba wukubavusa ngenze bahambe ngibuye ngenze nobude babo bushiyane bahambe ngezindlela ezingafani kubuye kube nokuxhumana phakathi kwabo.
Kwakuthatha isikhathi esingakanani ukukushintsha ube yilaba balingiswa?
U-Granny Klump wathatha isikhathi ngoba kwakukhona ophisi abangu-12 abahlukene okwakumele baxhunywe kuyena. Balungisa amehlo nezandla zakho kanti kuphela amahora amane noma amahlanu uhleli. Wukuphaqulwa okungabanga lula. Kuyakhathaza ukuhlala phansi.
Ngabe kwakujabulisa ukusebenza noJanet Jackson?
Ngimazi edlala kahle. Ngake ngambona edlala indawo yentombazana eyayihlukunyezwa. Wasikhalisa kodwa manje useyisihlabani.
SOURCE: www.findarticles.com
Panic Mechanic (September 19, 4pm, SABC2)
Le ikhishwe nguLeon Schuster usomahlaya wakuleli kanti udlala indawo kaHanky Pranky odume ngelikaSchucks. Emva kokulahlekelwa wumsebenzi ngenxa yohlelo lwesenzangakhona, wasebenza lapho kufundiswa khona ngengcindezi, wathola ukuthi umqashi wakhe uyisigebengu.
Garfield (September 19, 8pm, e.tv)
Impilo yekati elivilaphayo elikhonze ukudla ishintsha emva kokuba umninilo efuya inja ebizwa ngo-Odie ngenhloso yokujabulisa intokazi ayithandayo.
Kiss of the Dragon (September 27, 10pm, SABC1)
Kule uJet Li udlala indawo yephoyisa elisezithendeni zodayisa ngezidakamizwa.
ONGAKUBUKA
AMA-MOVIE ONGA-WABUKA
Bagcina izimfihlo
Ngabe laba balingiswa bayofunda nini ukuthi amanga nezimfihlo kugcina kuvelile?
UWandi uqamba amanga kuKeke ngobudlelwane bakhe noLu, kodwa uDavid umtshela ukuthi uthandana namanye amadoda. U-Fats uya noMpumi eholidini eThekwini, kodwa uMpumi uyaziphindiselela uma ezwa ukuthi ubemqambela amanga. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.30pm, e-tv
U-Jess utshela uCalvin ukuthi uyazi kukhona
amfihlela kona kodwa
uyaphika uthi akukho.
U-Priya uyasola uma uChicco ethenga imoto ngoba akazi ukuthi imali uyithathephi. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.30pm,
SABC3
UPheko noMirriam bafihlela uThandaza okushiwo nguTshedza. UPheko ulungela ukuya emhlanganweni ongaqondakali – ngabe usefuna omunye umsebenzi? U-Azwindini naye kukhona umsebenzi azowunikwa nguTshedza kodwa lokho akugcini kuyimfihlo! NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 9pm, SABC2
U-Jason akakhululeki uma ebuzwa ukuthi umngani wakhe omusha ukuphi kanti uDumisani ushaqiswa akuthola kwikhomphyutha kaJason. U-Cleo uyangabaza ukuthi uKhaphela ezwe ingxoxo yakhe kanti angambulala uDumisani uma engadalula imfihlo yabo. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 8pm, SABC1
EZAMA-SOAPIE
Sihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
ESIKU-KHE-THAYO
Luyabuya uchunge lomdlalo okhuluma ngenkohliso, ukuphindisela nenkohlakalo. Kulokhu sizobona ukuthi kuphelelaphi ngamadoda amabili anamandla – uLunga Gwedashe noChris Ngcobo – nemindeni yawo.
Lo mdlalo oyintandokazi kakhulu eSA ubuyile kanti kusazolandelwa impilo yabesimame abaphila emihlabeni engafani ngesikhathi befuna ukwazi ukuthi bangobani. Okwenza lo mdlalo uhluke wukuthi uluchunge lwabesimame, ukhuluma ngabesimame kanti uphrojuswe, wabhalwa wabuye waqondiswa abesimame.
Le ikhuluma ngoDineo Nkgatho (Warona Seane), ongungqongqoshe wasephalamende okonakale impilo yakhe emva kokudivosa noZweli Motaung (James Ngcobo), ongusotswebhu we-ANC ephalamende. Bheka ukuthi uwuphatha kanjani umndeni wakhe nomsebenzi awenzayo.
Udaba olumayelana nokuba ngum-Africa nokwazi ukuthi umi kuphi kanti iJacob’s Cross ikhuluma ngoJacob Makhubu onomama waseSA nobaba waseNigeria, olangazelela impilo yaseNew York.
Kule kukhulunywa ngokubulawa kwabantu ngendlela engaqondakali kanti uBongani Thwala noPhaphama Molefe baphenya amacala okubalwa kuwona elokufa kwesangoma esinamandla kuye kwelokubulawa kukankosikazi womlimi. [z]
AMA-DRAMA AKULELI
