zulu.2426.bec events
Amathuba amabhizinisi Ekurhuleni
INHLOSO yeBONA Empowerment Club wukukhuthaza ifundise abantu ukuthi bangawavula kanjani amabhizinisi abo.
NgoJune uBONA uzobe une-forum ye-Empowerment Club Ekurhuleni, eSummer Place, ekhoneni lika-Elizabeth noLeith Roads eBoksburg.
Kwi-forum engomhlaka 25 June 2007, uMkhabele Sibeko ongumqondisi omkhulu kumasipala waseKurhuleni uyobe eyisikhulumi sosuku. Uyogxila emathubeni emisebenzi nokuthi ungaba kanjani yilungu lomphakathi wezamabhizinisi kule ndawo.
BONA ZULU – June 2007
I-MAGEU NUMBER ONE YETHULA AMA-AWARDS KA-2007
AMA-AWARDS ka-2007 eMageu Number 1 Business Start-Up asanda kwethulwa ngokusemthethweni ePolokwane.
Owokuqala owafinyelela kowamanqamu kuma-award angalo nyaka wamenyezelwa eThekwini eSuncoast Conference Centre ngomhlaka 29 March.
Uma ufuna ukungenela iMageu Number 1 Business Start-Up awards, fika emcimbini weBONA Empowerment Club noma uvakashele ku-www.empowermentclub.co.za
GUBHA iFather’s Day ngoJune neSasko Flour utende ubaba wakho ngeQuick Beer Bread eyehla esiphundu! Iphunga elimnandi elizophuma kuhhavini ngesikhathi ubhaka lizokwenza ukuba umndeni wakho ufune impinda!
I-Sasko Flour ikhiqizwa ngokolweni ocolisekile wakuleli nowakwamanye amazwe. Sekuphele iminyaka eyevile ku-70 iSasko Flour yenza ukubhaka kube okungcono kanti ayikho enye indlela enjengalena ongakhombisa ngayo umndeni wakho ukuthi uwunakekela kangakanani.
ZAMA IRESIPHI YETHU EYISIPESHELI NGE-FATHER’S DAY
Quick Beer Bread
450g iSasko Bran-enriched Self-raising Flour
1 i-teaspoon (5ml) i-mixed dried herbs
3 izipuni (45ml) ushukela
1 x 400g ithini i-whole-kernel corn ecwengiwe
350ml ubhiya
Indlela yokwenza
1. Endishini sefa ufulawa ufake ama- herbs, ushukela ne-corn. Thela ubhiya kancane kancane, uhlanganise kahle kube yinhlama.
2. Thululela ethinini lokwenza ulofu eligcotshisiwe ubhake kuhhavini oshisiswe ngo-180oC ihora elilodwa.
3. Pholisa imizuzu engu-5 ngaphambi kokukuthululela kwi-cooling rack.
Lesi sinkwa sikahle uma uzosidla emva kokusibhaka.
BAKE & COOK FOR PROFIT AND PLEASURE WITH SASKO FLOUR
DAYISA OBHULANKETHI BE- ARANDA UTHOLE IMALI
THENGA obhulankethi be-Aranda ubadayise uthole inzuzo. Thola ifomu yoku-oda nemithetho echaza ngebhizinisi emcimbini weBONA Empowerment Club. Funa amakhasimende ongawadayisela udayisele nama-spaza shop nezikole.
Uma ungeke uye emcimbini shayela uJerminah Tseise wakwa- Aranda ucingo ku-011-693-3721 ukuze akuthumelele imininingwane nge-fax noma ushayele uPuleng ucingo ku-011-883-8829 uma ufuna ukubhukela istokfela.
IZELULEKO
ZAKWA-SASKO
FLOUR:
Bhaka uhlukanise imibhako yakho
ungayihlanganisi ibe miningi.
Faka i-teaspoon lama-chives aqotshisisiwe, u-anyanisi noma i-parsley engxubeni ngaphambi kokubhaka ukuze kunambitheke ngokuthe xaxa.
Okubhakayo makubukeke kahle.
Sevela esithebeni esenziwe ngokhuni, uhlobise ngamaqabunga e-parsley.
Sidle noshizi noma ne-
cold meat nesaladi.
Kubhake ngosuku okuzodliwa ngalo noma okuzodayiswa ngalo.
Sebenzisa iSasko Flour njalo ukuze
uBhake okuNgcono
nokuMnandi!
UMA UCABANGA NGOBISI – CABANGA NGE-WOODLANDS
I-WOODLANDS Dairy yaqala ukukhiqiza ubisi ngo-1996. Bheka iFirst Choice Long Life Milk, Custard, iBhotela, uKhilimu noShizi.
Uma ubhaka, upheka noma uphekela abantu, qiniseka ukuthi ukhetha i-first choice.
Sibhalele ekhelini elithi: First Choice/BONA Recipe Competition, Box 1300, Rivonia, 2128. Faka iresiphi yakho, igama lakho, isibongo, inombolo ye-cellphone nekheli lakho - ngeke sigcine ngokukumema ukuba ube semcimbini oyoba ngakini kodwa uzobuye ube sethubeni lokuwina ihampa yeWoodlands Dairy ebiza R200 kulowo mcimbi.
I-GLENRYCK – INEMPILO IVULA INGQONDO!
SEKUNOBUFAKAZI bokuthi isidlo esinothiswe ngowoyela be-Omega-3 abatholakala enhlanzini esethinini sinempilo.
n I-Glenryck esethinini iqukethe i-calcium. Gwema izifo ezihlasela amathambo ngokudla izidlo eziqukethe i-calcium ezinjengenhlanzi esethinini i-Glenryck.
n Ungawakhiphi amathambo ngoba yiwona ane-calcium!
n Inhlanzi iGlenryck isisethinini elisha “elinesivalo esivuleka kalula.”
n Ungadla inhlanzi iGlenryck isethinini layo.
n Inhlanzi esethinini iGlenryck ayinama-preservatives.
n Zama iGlenryck esethinini enongwe ngeChilli noma ngeTomato Sauce.
Aba-yoqokwa nyanga zonke bayowina iSansui DVD Player kuthi oyobashaya emakhanda ekupheleni konyaka awine ivawusha yefenisha yakwaSavellsFairdeal.
UMNCINTISWANO WE-SAVELLSFAIRDEAL BONA EMPOWERMENT COMMUNITY BUILDER
Indlela yokungenela:
n Ngabe kukhona umuntu omaziyo okhuthaza noma osiza umphakathi?
n Ngabe wena usebenzela umphakathi ngokuphucula impilo yawo?
n Bhala yonke imininingwane phansi uyiposele kuleli kheli: SavellsFairdeal Community Builder Competition, Box 1300, Rivonia, 2128.
n Ungathumela igama lomuntu omkhethayo kuPuleng nge-fax usebenzise le nombolo: 011-883-8830.
Kulowo nalowo mcimbi we-Empowerment kuyomenyezelwa iSavellsFairdeal/BONA Empowerment Community Builder.
Okungafanele ukwenze endwangwini!
n Ungahlikihlisisi uma uhlanza okwenziwe ngesikhumba noma ngendwangu.
n Ungalisebenzisi ibhrashi elenziwe ngo-wire.
n Ungasisebenzisi i-sponge esiqinile.
n Ungayisebenzisi insipho noma i-bleach enamandla.
BONA ZULU – June 2007
ZAMA LESI SIDLO SOKUBAMBA UMOYA...
Thatha izambane elibhakiwe, livule ulinonge ngosawoti, u-pepper nemajarini. Faka iGlenryck Tinned Fish ebondwe kancane. Faka ushizi ogreythiwe uwuncibilikise kwi- grill. Seva nesaladi!
Imininingwane Yomcimbi
Ingqikithi: Amathuba amabhizinisi Ekurhuleni
Indawo: Summer Place, ekhoneni lika-Elizabeth noLeith Roads, Boksburg
Usuku: UMsombuluko, 25 June 2007
Isikhathi: Fikani ngo-6.30 pm ukuze siqale ngo-7pm
Indlela yokugqoka: Bukeka kahle/ imvunulo.
Imali: R30 umuntu emnyango.
Eyokudla neyezipho ibaliwe. Umuntu uyozithengela e-bar.
UKUZE UBHUKE:
Shayela uPuleng ku:
011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi
Bake & Cook For Profit Workshop
Indawo: Summer Place, ekhoneni lika-Elizabeth noLeith Roads, Boksburg
Isikhathi: 9 ekuseni kuze kube ngu-1 emini. Usuku: ULwesibili, 26 June 2007
Imali: R20 umuntu (kukhokhwa emnyango)
Shayela uPuleng ucingo ku-011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi.
UMkhabele Sibeko, ongumqondisi omkhulu Ekurhuleni.
U-Vicky Kubheka umethuli weBake & Cook for Profit.
Oyosithokozisa nguThiwe.
U-Force Khashane uMhleli weBONA.
