zulu.2408.coffins
Yilwa nenani eliphezulu lokufa
Manje asikho isidingo sokuba uqede imali yakho ngoba ufuna ukuqiniseka ukuthi othandiweyo wakho ungcwatshwa ngesizotha
UKUPHELEZELA ngesizotha othandiweyo wakho kubalulekile kubantu abaningi bakuleli. Noma yini engaphansi kwebhokisi elibizayo netshe lesikhumbuzo elibizayo kuzoncisha lowo othandiweyo isizotha bese futhi kubukeka kabi kithina.
Ngabe lawa malungiselelo amayelana nokuqhosha, nokukhombisa uthando noma nokukhathazeka ukuthi abanye abantu bazocabangani.
Kodwa uma uhlala edolobheni, kukhona okunye okufanele ukucabange. Omasipala bethu abaningi sebephelelwa yindawo kangangoba uhulumeni usucabanga umthetho wokulawula izindlela zokungcwaba.
Okunye okuhlongozwayo, ukumba amangcwaba emva kweminyaka eyisithupha kuya kwelishumi bese kushiswa imizimba. Uma lokho kwenzeka, pho yisiphi isizathu sokuchitha imali yakho yokugcina ngamatshe esikhumbuzo amahle, emva kwalokho uthole ukuthi azodilizwa nguhulumeni"
Kodwake izindaba ezinhle, wukuthi kungenzeka ube nomngcwabo ohloniphekile ngemali ephansi!
Abiza kancane
UMnyango wezolimo nemvelo nabeWorking For Water njengamanje sebekhipha amabhokisi emali ephansi ngezinhlelo zabo ze-Invasive Alien Species.
Lawa amabhokisi enziwe ngokhuni lwezitshalo ezingadingeki esingathi ama-invasive alien, enziwe khona lapha KwaZulu Natal phakathi kwaso lesi sifundazwe ngenhloso yokuqeda lezi zitshalo.
Lawa mabhokisi adayiswa ngokuyingxenye yeshumi kunokubiza kwemingcwabo ejwayelekile - kanti namasonto azokwazi ukuthenga "izinto zokwakha lawa mabhokisi" bese eqeqesha imiphakathi ukuba izakhele amabhokisi uzidayisele, nokuyinto engadala amathuba omsebenzi.
"ESouth Africa, iningi labantu abahluphekayo liyaphoqeka ukuchitha izimali ezishisiwe ngamabhokisi omngcwabo ekubeni engatholakala ngemali engaphansi kwamaphesenti angu-20 kunemali yawo ejwayelekile," kusho uBheki Dlamini wezinhlelo zabe-Invasive Alien Species. Lawa mabhokisi aqala emalini engu-R350 kuya ku-R850.
Sivikela amakhasimende
"Lokhu sekungenele nemishwalensi esifaka nezinto zokudla, nokubeka ingcindezi enkulu kwabahluphekayo ukuba bachithe izimali zabo - noma babhekane nehlazo lokungakwazi ukungcwaba abathandiweyo babo ngendlela ezokwenza abanye abantu babone ukuthi umngcwabo ubumuhle uhloniphekile," kusho uDlamini.
Ukuvikela abathengi kulabo ababaqola izimali ngemingcwabo, lawa mabhokisi ngeke atholakale ngokuthengiselana ngqo.
Esikhundleni salokho, azophakelwa izinhlangano zenkolo zomphakathi. "Ngosizo lwabefundisi nabaholi bendabuko, umphakathi uzokwazi ukuwathola ngemali ephansi kakhulu," kusho uDlamini.
Lezi zinhlangano futhi zizovulela umphakathi amathuba omsebenzi ukuqinisekisa ukuthi abashonelwe bazokwazi ukumelana nezindleko.
Ezinye izifunda
Njengamanje lolu hlelo lomsebenzi lusesendaweni yaKwaZulu Natal, kodwa futhi luzokwenabela nakwezinye izifunda.
I-WfW ihlela futhi ukudala ukubambisana nezikhulu zomphakathi ukuze kusizakale umphakathi ontulayo.
Umngcwabo obiza imali eshisiwe akusiyo indlela yokukhombisa uthando - abantu ubakhombisa uthando besaphila ukuze babone ukuthi babaluleke kangakanani kuwena.[z]
BONA ZULU - June 2007
Amabhokisi omngcwabo
Umenzi wamabhokisi omngcwabo.
Izihlahla zakwamanye amazwe ezingadingeki kodwa esezisetshenziswa ngokuyikho.
indaba nguTANIA SANDBERG
