ZULU.2404.Backpage
Lafa elihle
KAKHULU
UJames Brown wathi – “Ngiyaziqhenya ngobumnyama bami.” UJoe Khumalo wayekholelwa kulokho – manje akasazizwa ekhululekile kwiSA entsha. Izizathu yilezi…
IZINTO azisefani nakuqala. Ngangihambela phezulu ngiziqhenya ngokuba ngumuntu omnyama. Isifuba sami sasikhukhumala sibe manzonzo lapho ngibona owakithi omnyama esho ngesihluthu sezinwele, izibuko ezimnyama nama-dashiki. Phakathi kwabantu abamhlophe, amehlo ami ayeqhakaza ekhanya, ngihleke kuze kukhukhumale ubuso ngiphakamise inqindi yami emoyeni ngiziqhayisa ngamandla omnyama. Ngani? Ngoba ngangingumvikeli womfowethu.
Ngesikhathi lapho ubandlululo ludla lubi, behlekisa ngezinwele zami ezinkulu ezimnyama nekhala lami eliyisicaba nezindebe zami eziwugqinsi, ngangithanda uLouis Armstrong, emnyama enekhala elaliyisicaba nomlomo owawundlalekile okwephakethe (njengoba agcina esebizwa ngokuthi nguSatchmo).
Ngajabula ngaze ngacishe ngakhala uKiep Keino umsubathi waseKenya enza izimanga kuma-Olympics ngeminyaka yama-60s.
Emva kwalokho kwaqhamuka amaBlack Panthers aseMelika nezinwele ezinkulu, amakhala ayisicaba nezindebe ezilugqinsi beqhayisa ukuba mnyama. Kwaqhamuka uJames Brown wakuqinisekisa lokhu ngengoma yakhe ethi Say It Loud I’m Black And I’m Proud.
Izincwadi ezazifundwa ngezika Chinua Achebe ezithi Things Fall Apart nethi No Longer At Ease – ngangingenalwazi lokuthi lezo zincwadi zaziphrofetha into eyayizokwenzeka.
Ngo-April 27, 1994 kwaba wusuku olukhulu eSA - kugcotshwa uNelson Mandela njengomongameli wezwe.
Kuningi okukhulu esasisakubhekile noma mhlawumbe yindlela engangizitshela ngayo.
Eminye yeminyaka engu-15 yenkululeko nombuso wentando yeningi, wangenza ngangaba nalokho kuziqhenya.
Akusekho konke lokho kuziqhenya njengomuntu omnyama, alusekho lolo hleko nokushaya isaluthi yeBlack Power. Udlame nesihluku yizinto zemihla ngemihla.
Njengamanje abafowethu abamnyama basemazweni engangisekudingisweni kuwo, sekufanele bangisabe ngoba ngizobahlukumeza.
Lokhu kwenzeka uma ngingagcwelezi futhi ngingabulali abantu bezwe lethu noma ngingadlwenguli izingane zabo.
Izwe o-Oliver Tambo, Govan Mbeki, Walter Sisulu nabanye abalakha kabuhlungu, njengamanje seliqhekeka phakathi. Ngiyethemba noMandela uzwa ubuhlungu ukubona izwe alinikelela ngempilo yakhe yonke ejele lifa libulawa abantu abasha ngenxa yomona.
Ngangimthanda umuntu omnyama, ngimthanda uJames Brown kanjalo neBlack Consciousness kaSteve Biko, ngiyazifela ngoNelson Mandela nezincwadi zikaChinua Achebe - namanje.
Njengamanje izincwadi zika-Achebe iNo Longer At Ease neThings Fall Apart seziqala ukungihlukumeza. Angazi noma ngizilahle noma ngizenzeni. “Nkosi sikelel’ i-Afrika. Unzima lomthwalo.” [z]
ISIZWE ESINGENAKUPHUMULA
Manje abafo-wethu aba-mnyama kufanele bange-sabe nge-sihluku sami
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU
(DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745;
Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli OMkhulu: Chris Burgess
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe; Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi ongamele ezobuciko:
Esthera van Wyk
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman; Kyle Young
UNobhala: Barbara Zulu
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
Ucingo: 021-530-8600 Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076
E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith Ucingo: 011-248-3500
Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700
Fax: 011-474-5479
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Busisiwe Motlhasedi
Tel: 011-449-1033
E-mail: busisiwem@caxton.co.za
UKUTHUNYELWA
KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli:
BONA Submissions,
Box 32083, Mobeni, 4060
