zulu.2403.South African
UMLILO ungakushisa kancane esikhumbeni ngaphandle noma kakhulu kuze kungene ngaphakathi.
Oshayo mkhiphe ubucwebe noma izingubo ezimpintshayo. Qiniseka ukuthi indawo eshile uyifaka ngaphansi kwamanzi agijimayo. Beka amaphakethe aneqhwa abandayo cishe imizuzu engu-20 ukuze kwehle izinhlungu nokuvuvukala.
Uma kwenzeka kumila amabhamuza, ungawapitshizi ngoba lokhu kungakubeka engcupheni yokungenwa yizifo. Uma ipatshazi lizivelela ngokwalo, geza leyo ndawana ngensipho namanzi ugcobe nomuthi wokubulala amagciwane bese ubopha ngebhandishi.
Wonke amabhandishi kufanele ashintshwe nsukuzonke.
Uma amehlo eshiswe ama-chemicals - wageze ngamanzi apholile ngokushesha.
Vala lelo liso elithintekile bese uyisa lowo muntu kudokotela noma emtholampilo.
Ukusha okudalwa amakhemikhali kudinga ukusukunyelwa ngokushesha. Zonke izingubo zidinga ukukhishwa zigezwe ngamanzi imizuzu engu-15-30.
Izilonda zokushiswa wugesi zijwayelekile kanti zona zidinga ubonane nodokotela ngokushesha ngoba zenza umonakalo ngaphakathi.
Uma umuntu kuvutha izingubo azigqokile - engekho amanzi - sebenzisa ibhantshi, itshali noma ubhulankethi ukuze ucishe amalangabi.
Bamba ubhulankethi phambi kwakho ukuze uzivikele, bese yena umsonga ngawo.
Mlalise phansi kuthi indawo eshile ibheke phezulu.
Uma ekhona amanzi ongacisha ngawo umlilo ungawaphonsi ngoba umfutho wawo uzobhebhethekisa amalangabi kudaleke nomhwamuko oyingozi. Thela amanzi emalangabini.
Mthathe lowo muntu oshile ayothola iseluleko sochwepheshe bezokwelapha. Okokugcina, uma unokungabaza ukuthi mhlawumbe lowo muntu ulimale kangakanani, mthathe umyise esibhedlela esiseduze ngokushesha.[z]
Ukusha
BONA ZULU – August 2007
Nsukuzonke sihlale sisengcupheni yengozi yokusha emakhaya. Lokhu singabhekana kanjani nakho?
Ungakwelapha kanjani...
Ungalokothi!
u …ubeke iqhwa ngqo esikhumbeni
u …ugcobe ibhotela lapho ushe khona.
u …umboze inxeba lokusha ngento
enoboya ngoba izonamathela.
Quick Shisa Nyama Boerewors
4 x 30cm ophisi abade be-boerewors
1/2 inkomishi (125ml) i-chutney
1/2 inkomishi (125ml) i-tomato sauce
6 u-anyanisi omncane
6 izinduku ze-kebab
1. Beka ama-boerewors endishini. Kujeke, hlanganisa i-chutney ne-tomato sauce. Thela kuma-boerewors ukuyeke kunongeke ihora.
2. Shutheka izinduku ze-kebab kuphisi owodwa we-wors. Shutheka kwabanye ophisi ngendlela efanayo. Faka u-anyanisi ekupheleni kwe-kebab stick ngayinye.
3. Bhraya noma ugrile kuvuthwe.
4. Sika phakathi kwama-kebab sticks uma ususeva. Seva nophuthu noma nesinkwa.
Kwanela abangu-6
Kubiza: R53,25
Township Steak and Vegetable Pie
1kg i-stewing steak eqotshiwe
uwoyela wokuthosa
1 u-anyanisi oqotshiwe
1 iphakethe i-brown onion soup powder
2 izinkomishi (500ml) amanzi
2 izinkomishi (500ml) ama-frozen vegetables
1 iphakethe i-frozen puff pastry
ubisi lokubhrasha i-pastry
1. Epanini thosa isiteki no-anyanisi kube nsundu. Faka isobho namanzi. Pheka imizuzu engu-45.
2. Faka ama-veg, ufudumeze.
3. Ebhodini elivuvuzelwe ngofulawa, ndlala i-pastry, uyisike ibe wuhhafu. Ndlala omunye uhhafu endishini esetshenziswa kuhhavini. Faka ingxube yenyama. Beka i-pastry esele ngaphezulu. Cindezela amachopho ngemfoloko, bhrasha ngobisi.
4. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-220oC imizuzu engu-20 kuze kube nsundu. Seva nesaladi.
Kubiza: R45,40
Kwanela abangu-6
East Coast Chicken Breyani
2kg ophisi benkukhu
500g amasi
1 isixha i-dhania eqotshiwe
1 1/2 ama-teaspoon (7,5ml) i-turmeric
3 izipuni (45ml) u-curry powder
1 isipuni (15ml) i-chilli powder
4 upelepele obomvu okhishwe izinhlamvu waqotshwa
uwoyela wokuthosa
1 u-anyanisi ocwecwe waqotshwa
4 amazambane acwecwe aqotshwa
2 utamatisi oqotshiwe
2 izinkomishi (500ml) irayisi eliphekwe langavuthwa
1 inkomishi (250ml) i-black lentils, ephekwe yangavuthwa
1. Endishini, hlanganisa inkukhu, amasi, i-dhania, i-turmeric, u-curry powder, i-chilli powder nopelepele ubeke eceleni.
2. Epanini, shisa uwoyela. Thosa u-anyanisi uthambe ukugudluze epanini. Thosa amazambane abe nsundu.
3. Beka ingxenye yerayisi endishini esetshenziswa kuhhavini. Beka i-layer yama-lentils, utamatisi, u-anyanisi, ingxube yenyama namazambane. Beka irayisi elisele ngaphezulu.
4. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-180oC u-1-1 1/2 hours. Govuza kuhlangane izithako.
Kubiza: R56,12
Kwanela abangu-8
Bushveld-braaied Brisket Ribs
1 i-beef stock cube
1/4 inkomishi (60ml) amanzi abilayo
2 izipuni (30ml) iWorcestershire Sauce
3 izipuni (45ml) i-syrup
2 izipuni (30ml) i-tomato sauce
2 izipuni (30ml) u-vinegar
2 izipuni (30ml) i-chutney
1kg i-brisket
1. Kujeke, hlanganisa isobho namanzi. Faka iWorcestershire Sauce, i-syrup, i-tomato sauce, u-vinegar ne-chutney.
2. Faka i-brisket endishini esetshenziswa kuhhavini. Thela ingxube ubhake kuhhavini oshisiswe ngo-180oC ihora elilodwa.
Seva nepapa noma nophuthu.
Kubiza: R37,66
Kwanela abangu-6
Cape Malay Pork
500g i-pork eqotshwe ophisi
1 iqanda elishayiwe
1 inkomishi (250ml) izimvuthu zesinkwa
uwoyela wokuthosa
1 iphakethe i-chicken soup powder
1 inkomishi (250ml) amanzi
1 ithini lezingcezu zikaphayinaphu (beka ujusi)
1 u-anyanisi oqotshiwe
1 isipuni (15ml) u-vinegar
1 isipuni (15ml) iWorcestershire Sauce
1 isipuni (15ml) ushukela
1. Endishini faka i-pork eqandeni, ufake nezimvuthu zesinkwa. Epanini, shisa uwoyela uthose i-pork ibe nsundu. Kubeke eceleni.
2. Epanini hlanganisa isobho nojusi kaphayinaphu ukubilise.
3. Faka izithako ezisele ukupheke imizuzu emibili.
4. Kuseve ne-pork noma nerayisi noma nama-noodles.
Kubiza: R33,45
Kwanela abangu-4. [z]
Busisa umndeni wakho ngesidlo sesintu samaresiphi amnandi ongawenza kalula
Quick Shisa Nyama Boerewors.
amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGEMINI FOOD PROMOTIONS
isithombe nguKIM THUNDER
Izidlo
zaseMzansi!
BONA ZULU – August 2007
