zulu.2401.yourlifeguide_breast
Ukuhlinzwa kwamabele
Nakhu okumele ukwazi ngokuhlinzwa kwamabele uma ufisa ukuhlinzwa noma ukwazi ngako
UKUHLINZWA kuthatha imizuzu engu-90. Uma uhlinzwa kusikwa indawo engango-2,5cm ubude ngezansi kwengono ngayinye bese kugxishwa amasaka amancane ane-silicone noma i-gel ebeleni ngalinye ukuze abe makhulu (lokho kubizwa ngama-implants).
Ahlinzwa kanjalo amabele. Uma uthanda ungawaphakamisa noma uwaqinise amabele, noma uwanciphise, kodwa uma uzwa abantu bekhuluma nge "boob job" ubokwazi ukuthi bakhuluma ngokuwakhulisa.
Uma uhlinziwe izingono ziba ndikindiki kodwa kubuye kube ngcono zingakapheli izinyanga eziyisithupha ngokukaDkt. Braun ohlinzayo ozinze eGoli kwi-Website yakhe ethi www.drbraun.co.za.
Uthi uzokhohlwa wukuthi amabele akho akhulisiwe emva kwezinyanga ezimbili kuye kwezintathu uhlinziwe ngoba awuzwa mehluko kuwona.
Nakuba kungenankinga ukufaka ubhodisi, gwema ukuthinta amabele cishe amasonto amane.
Ukuhlinzwa kubiza R30 000 noma R35 000.
Ngaphambi kokubeka imali yokuhlinzwa yazi ukuthi ukuhlinzwa kuhambisana nezingqinamba.
Nakuba ucwaningo lukhomba ukuthi akukho ukuxhumana phakathi kokukhuliswa kwamabele nomdlavuza, kukhona izinkinga ongahlangabezana nazo.
Isibonelo, kuthiwa bangu-40% abantu abakhulisa amabele okudingeka ukuba baphinde bahlinzwe kulungiswa iphutha elenzeke behlinzwa okokuqala.
Abe-Food And Drug Administration (FDA) abagade amaphutha enzekayo eMelika bathole ukuthi kunezinhlobo zokugxishwa emabeleni okuphuma umoya ingakapheli iminyaka emithathu kufakiwe.
Kungenzeka okugxishwa emabeleni kuthinteke. Uma uwe wahuzuka kungadaleka umonakalo omkhulu uma kuqhuma. Uma kunesikhathi kugxishiwe, kungaklayeka noma kuvuze.
Abe-FDA bathole ukuthi izinkinga ziba mandla unyaka nonyaka okugxishwa emabeleni kuhleli emzimbeni wakho.
E-SA kubiza imali ecishe ifane neyokuhlinzwa ukufaka okusha okugxishwa emabeleni.
Odokotela abanasiqiniseko sokuthi ungakwazi yini ukuncelisa emva kokuhlinzwa. [z]
Indaba: Ntokozo Maseko
IMPILO YAKHO
Uma okugx-ishwe emabe-leni sekune-sikhathi kwa-fakwa, kunge-nzeka kukla-yeke
QAPHELA!
E-SA, akusibo bonke odokotela abangenza i-plastic surgery. Kumele baqeqeshwe eminye iminyaka emihlanu ukuze benze lowo msebenzi. Kusemahlombe akho ukuqinisekisa ukuthi udokotela ozokuhlinza uqeqeshiwe. Bheka ukuthi ubhalise enhlanganweni egunyaziwe yini. Cishe u-98% wodokotela baseSA abahlinzayo ubhalise kwi-Association Of Plastic And Reconstructive Surgeons Of Southern Africa.
UKUBALULEKA KOKUCABANGISISA!
Ungakacabangi ngamabele amakhulu nempilo engcono, bheka lezi zinto eziyingozi ezilandelayo esizithole kwi-website kaDkt. Skoll ohlinzayo oseCape Town ethi www.plasticsurgeon.co.za:
Ukuhlinzwa kunezinkinga: Kungenzeka umelwe yinhliziyo, ube ne-stroke noma okunye emva kokuhlinzwa - kusho ukuthi kumele uphile kahle ngaphambi kokukhulisa amabele. UDkt Skoll uthi ngeke ahlinze abantu abakhuluphele ngokweqile noma osekuphele amasonto amane beqhubeka bebhema ngaphambi kokuhlinzwa.
Okugxishwa emabeleni akuhlali unomphela: Kungenzeka kudingeke ukuba kukhishwe okugxishwe emabeleni noma kufakwe okunye.
Ukuhlinzwa kushiya izibazi: Nakuba kuvame ukuthi kungabonakali lapho uhlinzwe khona, ezinye izibazi ziba wugqinsi zibonakale ikakhulu uma ibala lakho linsundu.
Ukubhibha: Kungenzeka kubhibhe. Uma kunjalo kufanele okugxishiwe kukhishwe izinyanga ezintathu kuye kweziyisithupha.
Ukuthinteka kwemithambo: Imithambo ingathinteka izingono zibe ndikindiki unomphela.
Ukubonakala komdlavuza webele: Kungenzeka umdlavuza webele ungabonakali kalula uma uhlinziwe. UDkt. Skoll uthi abaneminyaka engu-40 kufanele benze iX-ray yebele ukuze kubonakale uma unezigaxa emabeleni ngaphambi kokuhlinzwa.
Ukugudluka: Okugxishwe emabeleni kungagudluka kudingeke ukuba uphinde uhlinzwe, ukhokhe enye imali yokulungisa lowo monakalo.
