zulu.2393.Fashion
Usukulungele ukuzidumisa!
BONA ZULU – December 2006
Yisikhathi sokuzidumisa emaphathini sigqoke kahle...
Ingubo enhle yengeza ubuhle koyifakile. Noma yini emakhwifikhwifi iyamuma owesimame, angisayiphathike uma kuzoba yinto ebomvu. Nabesilisa bangakwenza lokhu bese bashaya nejakhethi emabhaqubhaqu.
Avela: Ingubo ebomvu eyi-chiffon ruffle (R180), Kevin Ellis. Umgexo (R80), Max.
Khule: Ibhulukwe le-leather (R1 300), Kevin Ellis. Ihembe elibomvu (R150), Kevin Ellis. Ijakhethi ependwe ngokumabhaqubhaqu
(R1 500), Kevin Ellis.
izitayela nokudidiyela nguCHRISTINE HAMMANN
umsizi JESSICA MITCHELL
izithombe nguCHRISTOPHER LAURENZ
abakhangisi ngu-AVELA noKHULE abaphuma kwa-Ice
iziphaqulo nezinwele nguCATHERINE ophuma kwaMuse
Sibonga abakwaBoogies Rock & Roll Diner, Umhlanga (031-561-7739/8) ngokwamukela ithimba lethu lefeshini.
Umbala omnyama uyadlisa noma nini. Imihlobiso yemibala egqamile mihle emini nasebusuku.
Ijakhethi ehlotshiswe ngesandla (R150). Ihembe (R150). Ibhulukwe (R350). Ubuhlalu (R20 umucu). Cane (R150). Isigqoko (R100). All Kevin Ellis.
BONA ZULU – December 2006
BONA ZULU – December 2006
Le ngubo ungayigqoka emsebenzini uphinde futhi uyigqoke nasemcimbini wasebusuku. Ungayifaka nebhulukwe, umgexo nezicathulo ezinde.
Ingubo enentambo (R410), G Couture. Ibhulukwe (R420), Reverse at YDE. Ama-sandal aphesheya (R1 300), Europa Art. Okulenga kumgexo (R299), Miglio. Umgexo (R459), Miglio. Okokuhlobisa izinwele (R69), Accessorize.
Usukulungele ukuzidumisa!
Gqamisa ukuma komzimba wakho. (Qiniseka ukuthi ufaka izicathulo eziphakeme ukuze ubukeke umude.) Ezisasiliva ngokucwebezelayo nezisagolide yizo ongagqamisa ngazo ubuhle bakho.
Avela: Ingubo (R200), Moskow at YDE. Umgexo (R399), Miglio. i-Diamante hair clip (R69), Accessorize. Isikhwama (R259), Accessorize.
Khule: Ijakhethi (R599), Truworths Man. Ibhulukwe (R320), Truworths Man. Ihembe (R250), Truworths Man. Izicathulo zesikhumba zaphesheya (R990), Europa Art.
u
BONA – December 2006
Usukulungele ukuzidumisa!
Gqama ngombala omnyama nomhlophe - okunemigqa, amachashazi nokuhlotshisiwe kwesimanje. Uma kuboshwe njengo-bow tie kubukeka kahle kakhulu.
Avela: Ingubo enokumnyama nokumhlophe enesitimela (R400), Max. Amacici angubucwebe (R249), Miglio. Okwezinwele (R12), Accessorize.
Khule: Isudi emnyama enokumhlophe
(R1 500), Kevin Ellis.
IZITOLO
ACCESSORIZE: Buza kule nombolo: 021-447-7718
EUROPA ART: 031-566-1949
G COUTURE: 072-725-1395; 011-444-2682;
021-465-7542
KEVIN ELLIS: 083-333-3319
MAX: 031-312-8834
MIGLIO: 021-853-0454
TRUWORTHS: Ezitolo ezikhethiweyo ezweni lonkana
YDE: Emagatsheni asezweni lonkana. Buza kule nombolo 021-797-8002
BONA ZULU – December 2006
Okunemisho yemibhalo yezilwane kuhle uma kuhambisana nokusagolide. Izingubo ezisemadolweni zibukeka kahle nezicathulo eziphakeme, kanti nesikhafu ungasifaka ekhanda noma emqaleni ukuqedela lobo buhle.
Ingubo ehlotshiswe ngezilwane enesikhafu (R410),
G Couture. Ama-bracelets asagolide owafaka njengomgexo (R169 each), Miglio. Okusagolide okulenga kumgexo. (R169), Miglio. Amacici (R149), Miglio.
BONA – December 2006
