zulu.2392.thapelo
BONA ZULU - October 2007
Ave emuhle!
Sixoxisane noThapelo Mokoena ngomsebenzi wakhe, uthando lwakhe lomculo wombhaqanga nesihlahla azalelwa ngaphansi kwaso...
indaba nguJENNI O'GRADY izithombe nguJOHN HODGKISS
UThapelo uthi izinsuku zakhe zokuhamba emakilabhini sezedlula kanti manje usethanda ukuzihlalela nabangani bazixoxele bazincokolele balalele umculo omnandi..
Ukuhamba kwayo! Okunye kwezinto ezimnandi ezithokozelwa abaqhudelana kwiFear Factor.
ENDAWENI esasizobonana naye kuyo, uThapelo wafika ngehora leshumi ekuseni. Umngani wami uKanya wavele wahlanya ngimtshela ukuthi ngizoxoxisana noThapelo Mokoena.
"Unenhlanhla, ave emuhle," kusho umngani wami ngaleli bhungu eliqabula uKarabo emdlalweni iGenerations.
UThapelo usekujwayele ukunakwa ngabantu emva kokuba ngumethuli wokuqala omnyama wohlelo lukamabonakude iFear Factor nokuphatha eminye imicimbi ephambili.
Usechithe isikhathi esiningi evakashela ezindaweni ezisemaphandleni kulo lonke elase-Africa ngosizo lwabeMTV ngenhloso yokuqwashisa ngesifo se-AIDS.
"Iningi labantu basuke befuna ukungibingelela bese beqhubeka nezinto zabo," kusho yena. "Kodwa uma ngiya emadolobheni amancane, abantu bavele bahlanye," kusho yena ehleka.
Uliqhamukisa eLadysmith emndenini wabafana abawu-9 nodadewabo ababili. Uzichaza njengomfana womSuthu owakhulela KwaZulu Natal.
Isihlahla
Ngempela wazalelwa ngaphansi kwesihlahla. Ngaleso sikhathi ayengekho ama-cellphones. Njengoba ubaba wakhe wayengekho ekhaya ngaleso sikhathi - ngaleyo ndlela umama kaThapelo kwadingeka ukuba alinde umalume wakhe (umalume kaThapelo) okwakuzodingeka ukuba azomthatha amuse esibhedlela ayobeletha. Kodwa endleleni 'umntwana' uThapelo wayenezinye izinhlelo engeke esalinda. Kwadingeka ukuba umalume wakhe amise imoto ngokushesha emgwaqweni olubhuqu.
Ugogo kaThapelo uCarol nomngani wakhe omkhulu uMa Flansie, basiza umama kaThapelo bamkhipha emotweni bambeka emgwaqweni ngaphansi kwesihlahla esihle somkhamba bambelethisela khona.
"Umama wami wangitshela le ndaba ngiseneminyaka engu-22, kwadingeka ukuba ngihambe ngiyobona lesi sihlahla," kusho uThapelo.
"Ngangifuna ukuchitha isikhathi naso ngisithinte, ngithathe nezithombe.
"Ngesikhathi ngisithola, kwase kuyisona kuphela isihlahla esase sisele emva kokuthuthukiswa kwaleyo ndawo.
"Uyazi ukuthi abantu bawaphatha kanjani amatshe enhlanhla noma into yokuba babe nogazi - namike leso sihlahla, yisona esingakhela izinhlanhla, siqinile singinika amandla. Ngizokwenza i-tatoo yaso emlenzeni wami."
Impilo yasedolobheni
Ekukhuleni kwakhe wayenesifiso sokuba aphile ezindaweni ezinhle aqale impilo yokuzimela lapho esephothule u-matric wakhe.
Wayezimisele ngomuzi wakhe, imoto nemali.
"Njengoba umama wayenguthisha, yayingekho-ke enye indlela yokuba angiyeke ngihambe ngaphandle kwezifundo," kusho yena ehleka.
"Wayengumama osemncane kodwa eqotho. Wakhula kahle wasikhulisela ukuba sithande imfundo. Ukukhulela edolobheni elincane, kwakungakuniki uhlu olubanzi lokukhetha imisebenzi," kusho yena. "Ngangazi kuphela esasikutshelwa abazali bethu - ukuthi kufanele sihambe siyoba ama-accountants, odokotela noma onjiniyela."
Enyuvesi
UThapelo wayeqhuba kahle kakhulu kwi-economics yezamabhizinisi esikoleni, kanti uthishanhloko umama uNonhlanhla nobaba wakhe uMike - ongumnini weqembu le-Free State Stars - bathanda ukuba abhalisele izifundo zeBCom eWits.
"Kodwa kwakungahambisani nami ukuba yi-accountant," kusho yena ehleka. "Ngabona ngosuku lokuqala ngiqala ukubeka unyawo lwami ehholo lokwethulwa kwezifundo, kodwa ngisaba ukungahambisani nabazali bami."
Ukhumbula emhlanganweni wabomndeni wakhe ngesikhathi eyiphahlaza indaba esenezinyanga eziyisishiyagalolunye enza iziqu zakhe.
Omunye umfowabo ungunjiniyela, omunye uyi-accountant, abanye bazibandakanye neqembu lebhola likayise - konke kwavele kwahleleka, kodwa uThapelo yena washintsha wafuna ukuba ngumdlali wemidlalo yezithombe.
"Ngachitha isikhathi esingangonyaka wonke. Umama nobaba bahlala phansi etafuleni bangilalela, ekugcineni bangivumela ukuba ngizame endimeni yokudlala ezithombeni."
Waphinde wacabanga ukuthi kuzodingeka ukuba abe nomunye umsebenzi azowenza kwenye imboni. Waphindela ezincwadini, kwathi ngo-2004 wathola iziqu kwezokuqoshwa kwezithombe nokudlala bukhoma esikoleni samafilimu nama-drama.
Wajoyina i-agency kwathi ngokushesha wathola indawo ephambili esikhangisweni seSprite. "Ngajabula kangangoba kimina kwakungathi ngithole indawo ephambili efilimini," kusho uThapelo.
Ukuzinikela
Ngaphandle kwethalente lakhe, ukuze ahlale engumqemane, ugibela amabhayisikili, adlale i-basketball ne-volleyball adle nama-fruit amaningi.
Ngaphansi kweso elibukhali likamama nogogo wakhe, wafunda ukupheka konke ukudla akuthandayo - ithanga elinongiwe, i-gravy katamatisi nama-vegetable. Kodwa futhi kukhona lezo zinsuku ezigqilazayo ezimshiya ekhathele agcine ngokuzifudumezela kwi-microwave.
Emzini wakhe uThapelo uthanda izinto zakudala, njengoba ehlobise nge-cough emise okuka-L nezithombe zemibala emnyama nemhlophe.
"Uma ngingakhetha, ngingakhetha ukuphila esikhathini seminyaka yo-1950," kusho yena.
Ukhonze ama-movie, ikakhulu amafilimu ezobuciko akuleli kanti wenza konke okusemandleni ukuhlale azi ngokwenzeka kuma-theatre. Ubusuku uthanda ukubuchitha nabangani bezixoxela bezincokolela belalele uCorinne Bailey Rae, umculo we-soul nowe-jazz nombhaqanga wakudala.
Uthi indaba yokuhamba amakilabhu yinto esihlukene naye. Ngesikhathi simbuza ukuthi kukhona athandana naye, uvele wahleka.
"Angishadile...," kusho yena eqhuba ethi: "... okwamanje ... Asiyishiye lapho leyo ndaba..."[z]
Ngabe uzoyidla" Le-pizza inezithako ezingajwayelekile.
Kunjalo, kodwa ngabe usethathiwe"
BONA ZULU - October 2007
u
t
Ngifisa sengathi ngangiphila ngeminyaka yo-1950
UThapelo ebuka ngesikhathi omunye wabaqhudelanayo ekomunye umzuliswano "wesihluku."
BONA ZULU - October 2007
UThapelo uzichaza njengomfana womSuthu owakhulela KwaZulu Natal.
