zulu.2376.beauty
72 BONA ZULU July 2008
BUKEKA KAHLE
okuqine njengezi
NZIPHO!
KUYANDA ukuxhuma izinzipho ‘eziyimikokotelo’ kwezemvelo ngemizamo yobuhle.
Zintathu izinhlelo ezisetshenziswa ochwepheshe bezinzipho - i-gel, acrylic, ne-silk. Zonke zinemithetho yazo futhi zisetshenziselwa izinhlobo ezithile zezinzipho.
Uhlelo lwe-gel
“Yilo oluyindlela yendalo,” kusho uMariette de Vaal weBlue Earth Salon eDurban North. “Le ndlela ye-gel ilungele labo abangasebenzi ngama-chemicals uma kukhona abakwenzayo ngezandla zabo. Lena yindlela ejwayeleke kakhulu engadali monakalo ezinziphweni.”
Ukufaka i-gel kuyefana nokufaka i-nail polish. Ungazikhethela ukufaka iFrench polish noma i-gel ewumbala othile opendwa phezu kozipho.
“Kuthi lapho izinzipho zizinde, zinqunywe ngokuthanda kwakho zize zibe wusayizi owudingayo,” kusho uMariette.
Le gel ihlala amasonto amathathu kuya kwamane nokuncika ekukhuleni kwezinzipho zakho.
Uhlelo lwe-acrylic
Nakuba lungesilo olwendalo njengolwe-gel, i-acrylic iqinile. Iyimpuphu esaluketshezi. Kufakwa ibhulashi oketshezini, emva kwalokho lifakwe kuphawuda kubunjwe njengebhola ngaphambi kokuba lakhelwe oziphweni. Lena yindlela enhle kulabo abadla izinzipho nabasebenzisa izandla.
Lena ngenye indlela ekhombisa obukhulu ubuchule kulezi ezintathu. “Kuningi ongakwenza ngendlela ye-acrylic ngoba inezinhlobonhlobo zemibala futhi ingaqinisa izinzipho ezithambile,” kusho uMariette.
Izinzipho zihlala cishe amasonto amathathu noma amane nokuncika ekutheni zikhula kanjani.
Uhlelo lokusasilika
Uhlelo lokusasilika yilo olungadumile. “Ukulusebenzisa kulula ngoba kusetshenziswa umucu osasilika obekwa phezu kozipho. Le ndlela ifanele abantu abazinakekelayo izinzipho zabo ngoba ihlala isikhathi eside,” kusho uMariette.
Lolu hlelo yilo kuphela olungenachunge lwemibala - uma ufuna umbala, bakupenda lolo zipho ngopholishi.
Kunjani ukubiza?
Isethi yezinzipho ehambisana nezeluleko ibiza cishe R300. “Lokhu kuncika ekutheni izinzipho zakho zikusiphi isimo: uma uzinakekela futhi zizinde ngokwanele, ngeke uzidinge izeluleko,” kusho uMariette.
Ukuzigcina zisesimweni nokuyinto okumele uyenze njalo emva kwamasonto ambalwa, kubiza phakathi kuka-R150 noR180. [z]
GALLO
OKUFANELE UKUKHUMBULE NGEZINZIPHO ZOKUFAKELWA
■ Zidinga ukunakekelwa kakhulu
■ Ngalolu hlobo lwezinzipho, usengcupheni yokuba ne-fungus - ngakhoke zinakekele uzigcine zihlanzekile. Uma seziqala ukuxebuka, phuthuma kuchwepheshe wakho wezinzipho.
■ Faka amagilavu uma usebenza ekhaya - ukuze zihlale isikhathi eside.
■ Qiniseka ukuthi uchwepheshe wakho uwufundele lo msebenzi.
Ukusebenza kungangcolisa izandla zakho, kodwa lukhona usizo lwezinzipho ezonakele...indaba nguCharis Dawson
