zulu.2373.parreira
BONA – August 2005
(okwamanje)
indaba ngu-ISAAC KWELA
SEKUYILESO sikhathi futhi, lapho iSAFA isidlala umdlalo wayo ewuthandayo wokuqasha (noma wokungaqashi) umqeqeshi omusha weqembu lesizwe. Njengoba futhi abamaphepha befaka ukudideka okuncane, konke lokhu kwaqala ngaphambi kokuba le nsizwa ifike kuleli.
Ekupheleni kukaJuly, lezwakala izwi - ukuthi umqeqeshi owawina iWorld Cup uParreira usesayine ikontileka yokuba ngumqeqeshi weBafana kulandela izingxoxo aba nazo eRio de Janeiro. Kwakufanele aqale ngomhlaka 1 August.
U-August wafika wedlula engafikanga uParreira.
Manje kufanele afike ngoJanuary 2007. Make sibhekisise kabanzi ukuthi ngabe le ndoda ingubani, iphuma kuphi…
U-Carlos Alberto Gomes Parreira wazalwa ngomhlaka 27 February 1943 eRio de Janeiro. Ungomunye wabaqeqeshi ababili asebake bahola amaqembu amane esizwe kwiWorld Cup: iKuwait ngo-1982, United Arab Emirates ngo-1990, Brazil ngo-1994 nango-2006, ne-Saudi Arabia ngo-1998.
Njengoba iBrazil yawina iWorld Cup ngo-1994, lokho yirekhodi elihle kakhulu njengoba lo mqeqeshi engakaze alidlale ibhola elikhokhelayo.
Okumangaza kakhulu wukuthi wenza izifundo zokuvocavoca umzimba (physical education), umsebenzi wakhe wokuqala njengomqeqeshi waba se-Africa ngonyaka ka-1967 eGhana.
Esebuyela ekhaya ngeWorld Cup ka-1970, waqashwa njengomqeqeshi obhekele ukuba ngumqemane kwabadlali eqenjini lesizwe laseBrazil elalibophele abadlali abafana noPelé, Jairzinho, Rivelino noTostão. UParreira wayekanye nabo eMexico ngesikhathi bexebula i-Italy ngo-4-1 kumafayineli.
Waqhubeka wazakhela igama kulo msebenzi, nakuba zazikhona nezinkinga.
Ngesikhathi eqeqesha iSaudi Arabia kwiWorld Cup ka-1998 eFrance, ukwenza isibonelo, waxoshwa emva kwemidlalo emibili. Emva kwalokho, kwaba yindlela iBrazil eyadlala ngayo eGermany ngo-2006…
Ngisho naye uParreira imbala kwammangaza kakhulu ukubona izethenjwa zishaywa yiFrance kuma-quarter-finals. “Yinto le engingangabazi ukuthi akekho owayeyilindele ngisho nami imbala,” kusho yena etshela elinye lamaphepha.
Kwabikwa ukuthi wayesaba ngisho ukuhamba emigwaqweni yaseRio kwaze kwaba uyesula ekuqeqesheni.
LOKHO kuwina kwakhe ngo-1994, kumnika ithuba ngaphezu kwabanye abaqeqeshi beBafana.
“Ukuqoka umqeqeshi oseke wawina iWorld Cup yinto enhle, kodwa kufanele simeseke,” kusho uDoctor Khumalo etshela uNkareng Matshe wePretoria News.
Abezindaba bakuleli kufanele nabo bameseke umqeqeshi omusha, kusho uPitso Mosimane weSuperSport United. “Udinga isikhathi ngisho ngabe kwenzekani emidlalweni embalwa yokuqala.”
Owayengumqeqeshi we-Ajax Cape Town uGordon Igesund yena unxusa abantu bakuleli ukuba bameseke uParreira kuze kuphele ikontileka yakhe ngo-2010. “Sifuna ukumbona ephumelela ukuze akwazi ukuqhubeka. Ngeke siqhubeke ngalolu hlobo,” kusho yena.
Ongumqeqeshi ka-Under-23 nowayengukapteni weBafana uSteve Komphela naye uyavuma: “Ngisho ngabe siyathanda noma cha, sifuna umqeqeshi wakuleli noma wakwelinye izwe, lokho akusho lutho njengamanje. Kufanele simeseke uParreira ukuze kuphumelele izwe lethu.”
UMatshelane Mamabolo weThe Star, ubuze wathi, ngabe uParreira uzoluthola uxhaso aludinga kuSAFA?
“Yini ezokwenzeka uma engaphumeleli kweyokuhlungela i-African Cup Of Nations yango-2008? Ikontileka yakhe ingamvumela ukuba ahlale kodwa labo abayobe beyiziphathi-mandla zeSAFA ngenxa yengcindezi yabalandeli, zingamkhomba afika ngayo lo mlisa waseBrazil.”
Ngabe umfokaParreira uzoqala kuphi ukwakha iqembu lesizwe? “Ngabe naye uhamba ezinyathelweni zabaningi abasiphoxa kwi-African Cup Of Nations nokwathi kamumva sehlulwa yiBotswana kwiCosafa Cup, noma mhlawumbe naye uyohambela imidlalo yamakilabhu eCastle Premiership ngoba efuna abadlali? Ngabe uzoxhumana nozakwabo e-Europe ngenhloso yokuthola abadlali bakuleli abadlala phesheya?”
UParreira yindoda ekwazi ukwenza izingane ezincane zakwelaseBrazil ezihlala ezitaladini zikwazi ukuba zibe ngosaziwayo ebholeni emhlabeni wonke. Kulokho uParreia wathi: “Abasekho abadlali baseBrazil abaliqhamukisa ebhishi noma ezitaladini. Lena yinkoleloze endala. Bayakhiwa bakhuliswe emaqenjini.”
Ukudlala kwabo okuhle, yinto abangeke bafinyelele ezingeni eliphezulu ngaphandle kwayo kodwa ngenxa yokusebenza kanzima.
UParreira uthe uRonaldinho, ukwenza isibonelo, kwakungadingeka ukuba aziqeqeshe amahora angu-20 ngesonto esengumfana.
Lena iyonanto abadlali abazimisele ngokudlala kwiBafana - nalabo abadlala njalo - okudingeka bayibeke emqondweni. Umqeqeshi omusha uzolindela inhlonipho nezinga lobuchwepheshe nokuyizinto ebezingekho kubadlali bebhola lakuleli.
ABAGXEKAYO bathi isitayela esithandwa wuParreira esokuzivikela emumva, kodwa yena uyakuphika loko. “Inhloso yami wukuba ngilinganise indlela yokudlala phambili nasemumva,” kusho yena.
Futhi okunye akuthandayo wukuziqalela yena iqembu phansi ngokwakhe. “Ukuphumelela kweKuwait ukungenela iWorld Cup kwaba ngcono kakhulu kunokuwina kweBrazil,” kusho yena. “Ngasebenza khona iminyaka eyisishiyagalombili, konke sasikwakha sikususa phansi. Kwakukuhle kakhulu.”
Njengoba uGordon Igesund, Doctor Khumalo, Pitso Mosimane nabanye beshilo, uParreira kufanele anikwe ithuba - uSAFA amnike inkululeko.
Ngisho ngabe uyamthanda noma cha, okungephikwe wukuthi sesinaye umqeqeshi osewake wawina iWorld Cup, nokungumuntu onesipiliyoni esingefaniswe nesanoma ngubani kuleli.[z]
Ikusasa lethu lisezandleni zakhe
Ekugcineni iSA isithole umqeqeshi osake wawina iWorld Cup ukuba aqeqeshe iBafana - ngabe uzokwazi ukuhlenga isimo sebhola lethu?
UParreira esicubungulela ikusasa lebhola lakuleli.
Indlela ebange ku-2010
BONA ZULU – October 2006
u
t
Unesipiliyoni esingefaniswe nesanoma ngubani kuleli
BONA ZULU – October 2006
Okufanele ukwazi…
ABAQEQESHI abangu-13 eminyakeni engu-14 akusilo neze irekhodi iSouth Africa engaziqhenya ngalo…
u Stanley Tshabalala (Jun-Oct 1992).
u Ephraim Mashaba (Apr 2001; Aug 2002-Nov 2003).
u Augusto Palacios (Dec 1992-Jan 1994).
u Clive Barker (Mar 1994-Dec 1997).
u Jomo Sono (Jan-Feb 1998; Mar-Jul 2002; May 2003).
u Philippe Troussier (Mar-Jul 1998).
u Trott Moloto (Oct 1998-Sep 2000; Apr 2002).
u Carlos Queiroz (Oct 2000-Mar 2002).
u Kenneth Kubheka (Jul 2003).
u Styles Phumo (Jan-March 2004).
u Stuart Baxter (May 2004-Dec 2005).
u Ted Dumitru (Jan-Feb 2006).
u Pitso Mosimane (May 2006, Aug 2006).
