zulu.2354.career
Ezemisebenzi
Ziningi izinselelo ezihambisana nalo msebenzi ezingaphezulu kokukhishwa kwamathikithi!
AKUNGATSHAZWA ukuthi kufanele ube nesibindi uzinikele uma uyiphoyisa eSA. Kodwa kulo msebenzi bavuna izithelo ezinhle labo abangakhohlwa wukuthi umsebenzi abawenzayo usemqoka kangakanani emphakathini.
Uma uyiPhoyisa likaMasipala kuningi ongakwenza okubandakanya ukuhlanganisa ingane edukile nabazali bayo, ujahe umkhuthuzi ubuye uxazulule inkinga yodlame lwamatekisi!
"Kusukela leli lizwe lathola umbuso wentando yeningi, amaphoyisa amukeleka kalula emphakathini. Abantu babuye bathande nomfaniswano wawo nalokho okumelwe yilo mfaniswano. Umsebenzi ofuna ukuhlonishwa lona kanti ngoba nomphakathi amathemba awo alele emaphoyiseni," kusho uTitus Malaza oyisekela lomphathi wamaPhoyisa kaMasipala eThekwini.
AmaPhoyisa kaMasipala angaphansi komasipala bendawo. Ngaphandle kokubhekana nobugebengu bansuku zonke nokulwa nabo, abuye enze imisebenzi ebalulekile abangayenzi abeSA Police Services, njengokugadwa kwezimoto ezihamba emigwaqweni baqikelele nokuthi imithetho kamasipala iyagcinwa.
Basebenza ngokubambisana nabeSAPS babophe izephula-mthetho ukuze ziphenywe noma zigwetshwe.
UConstable Nokuthula Mthethwa waqala ukusebenzela umbutho wamaphoyisa kaMasipala ngo-1997.
Uyavuma ukuthi wayengazitsheli ukuthi uyogcina enza lo msebenzi - kodwa uthando lwawo lwahlwayeleka enhliziyweni yakhe...
"Ngagcina sengikuthanda ukuba yingxenye yaleli thimba kwangikhanyela ukuthi lo msebenzi ngowami," kusho yena.
UConstable Mthethwa wenza iNational Policing Diploma e-UNISA
"Ngiyazwana nokuphuma ngihlole isimo. Abantu bacabanga ukuthi kulo msebenzi sibopha abantu kuphela kodwa sikhona ukuze sisize isizwe," kusho yena.
USayitsheni uWiseman Mchunu waqala ukusebenzela amaPhoyisa kaMasipala ngo-1998. Okwamthatha kakhulu yindlela okwakuhlolwa ngayo ababefuna ukwenza lo msebenzi.
"Ngangisanda kuphothula izifundo zePublic Relations Management eTechnikon ngesikhathi ngibona isikhala sokusebenza emaphoyiseni kaMasipala. Lokho ngakubona kuyinselelo kimina kanti ngangingazi ukuthi kwakuzoba yisiqalo somsebenzi engangizowenza," kusho yena.
USayitsheni uMchunu uphethe amaphoyisa kanti umsebenzi wakhe ubandakanya ukululeka nokuqeqesha amaphoyisa angaphansi kwakhe.
Kodwa lokho akusho ukuthi umsebenzi wakhe uphelela ehhovisi. Isikhathi sakhe esiningi usichitha ngaphandle.
"Lo msebenzi ubuye ube yingozi kodwa siyanakekelwa," kusho yena. "Siyavikelwa sinikwe ama-vest okungelula ukuba angenwe yinhlamvu, sinikwe izibhamu sixhaswe amanye amaphoyisa uma isimo sishubile."
USayitsheni uMchunu wenza izifundo zomthetho ngokungagcwele phezu komsebenzi awenza usuku lonke.
"Kuyakhathaza ukuphuma ngiyobenza ngaphandle," kusho yena. "Eqinisweni usuku luphela ngikhathele ngiyimvithi kudingeke ukuba ngifike ekhaya ngifunde!
"Kodwa angikhali neze ngomsebenzi wami kumnandi ukuba yingxenye yalo mbutho. Umuntu uzizwa esekhaya futhi eyingxenye yalo mndeni. Abantu baphatheka kahle uma bebona thina nezingane ziyajabula uma zibona amaphoyisa edlubhe umfaniswano wawo!"
Izinga lobugebengu nelezingozi zomgwaqo liphezulu kakhulu eSouth Africa kanti akubi lula ukuthi amaphoyisa abhekane nezinye izimo ahlangabezane nazo uma kwenzeke ingozi emgwaqweni.
"Kuqala ngangihluleka nawukulala ebusuku ikakhulu uma ngibone ingozi ebandakanye nezingane," kusho uConstable Mthethwa ongumama. "Kodwa ngokuhamba kwesikhathi uyazijwayela izinto ezinjengalezo."
USayitsheni uMchunu uthi ingqondo yakhe uyiphumuza ngokuya ejimini.
Umuntu ongafaka isicelo sawo
Kufanele kube:
Oneminyaka engaphansi kuka-30;
Ongakaze enze icala;
Ophothule ibanga leshumi;
Ophase i-fitness test;
Onezincwadi zokushayela.
Kufanele ubuye uzinikele ekusebenzeleni umphakathini; ube nesibindi ungesabi ukugcina umthetho; ube namaqhinga okubhekana nezinxushunxushu.[z]
BONA ZULU - January 2007
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
Joyina amaPhoyisa kaMasipala
BONA ZULU - January 2007
Imali ongayihola
Imali ongayihola ingasuka ku-R5 000 kuya ku-R6 000 ngenyanga, ikhuphuke ize ifinyelele ku-R12 000 nangaphezulu uma unesikhundla.
Ukuqeqeshwa
Okwamukelwa izicelo zabo baqeqeshwa izinyanga eziyisithupha esikhungweni sokuqeqesha amaPhoyisa kaMasipala. Bayahlolwa kudingeke ukuba baphase ukuze baqhubeke benze lo msebenzi.
Kunama-diploma neziqu zobuphoyisa ezitholakala e-UNISA, Lyceum College. naseTshwane University of Technology.
Buza emahhovisi kaMasipala wangakini ukuthi abanazo yini izikhala zalo msebenzi. Bheka nezikhangiso ezibonakala emaphephandabeni.
KUDE KWESOBUNXELE: UMthethwa noMchunu beqhuba umsebenzi wabo.
KWESOBUNXELE: USayitsheni uMchunu esebenza. Wenza izifundo zomthetho.
NGEZANSI: "Ngiyazwana nokusebenza ngaphandle," kusho uConstable uMthethwa.
