zulu.2353.will
BONA ZULU – January 2008
U-Will Smith uyintandokazi kabalandeli besilisa nabesimame. Kwabesilisa uyiqhawe, kanti abesimame bakhala ngobuhle bakhe…
ULWE nabakwamanye amazwe kwi-Independence Day nakwiMen In Black. Udlale indawo ka-Ali kwiThe Greatest waba “luhlupho” edlala noMartin Lawrence kodwa phezu kwalokho uyifune waze wayithola “intokozo”. Manje ubhekene nenselelo enkulu yokuba yindoda yokugcina kwaphilayo eMhlabeni.
Lokho akuhlangene nemikhovu emunca igazi abantu asebephenduke baba iyona ngenxa yegciwane elihlasele eNew York nasemhlabeni wonke efilimini ethi I Am Legend.
Kuleli filimu uSmith udlala indawo kasosayensi ongangenwa yileli gciwane okumele alwele ukuphuma kuleli dolobha athole nabanye abasindile kuleli gciwane.
Okunye obungakwazi ngaye…
l Uma ucabanga ukuthi igama elithi Will limele u “William,” ushaye phansi. UnguWillard Christopher Smith.
l U-Smith wasungula iDJ Jazzy Jeff & The Fresh Prince nomngani wakhe ayefunda naye uJeff Townes bawina iGrammy yomculo weRap ngo-1988.
l Wahlangana nomkakhe uJada Pinkett ngesikhathi evivinyelwa ukudlala indawo yentombi yakhe kwiThe Fresh Prince Of Bel-Air.
“Uba namandla uma ushade nomuntu onamandla,” kuphawula uSmith ngomshado wabo
“Ngikholwa wukuthi akekho umuntu wesimame oyofana noJada empilweni yami. Kwabambalwa engake ngahlangana nabo, akekho owangiphatha njengoJada.
“Ngisho abanye abantu besimame bangaba bahle bahehe, kimina lokho akwenzi mehluko.”
l Waphawula kanjena ngokudlala kwiThe Fresh Prince Of Bel-Air: “Ngazama ngawo wonke amandla ukufunda umbhalo wale filimu. Ngangize ngilingise abanye uma besho izindawo zabo. Ngiba namahloni uma ngibukela lezo ziqephu. Ngashaya udaka.”
l Wayengafuni ukudlala indawo ka-Agent J kwiMen In Black, kodwa uJada wamncenga ukuba ayidlale. Wenqaba ukudlala ekaNeo kwiThe Matrix.
l U-Smith usethole ama-Oscar amabili eBest Actor – nge-Ali neThe Pursuit Of Happyness.
l “Nginamandla amangalisayo,” kusho uSmith emva kokujimela ukudlala indawo ka-Ali. “Ngeke amandla ami aphele ngisho noma sengiya ocansini. Umkami uyakuthanda lokho.”
l Njengoba ehola u-$20 no-$28 million ngesithombe ngasinye, uhlala esohlwini lwezi “Njinga ezingu-40” eziphambili ezikhishwa yiFortune Magazine zabantu baseMelika abaneminyaka engaphansi kuka-40.
l Usanda kuthenga umuzi eStockholm, eSweden ngoba uthi le ndawo ikahle uma ufuna ukuphumula.
l Ukhonze ukudlala i-chess – ne-bingo! Ulukhuluma kahle ulimi lwaseSpain.
l KwiThe Pursuit Of Happyness, uSmith wadlala nendodana yakhe uJaden. Indodakazi uWillow iqale ukudlala kwi-I Am Legend.
l Kuwo wonke amafilimu adlala kuwona uvame ukuthi “Aw, hell no!” njengo-Arnold Schwarzenegger ovame ukuthi “Ngiyabuya!”. Ungamuzwa uWill esho njalo kwi-I Am Legend. [z]
UBONA uyasibuyekezela
U-Will uyatha-ndwa…
BONA ZULU – January 2008
