zulu.2338.hawk
Ubizelwe ukusebenzela uJehova
U-Hawk usezelwe kabusha
UMasibulele Makepula ongushampeni esibhakeleni usitshela ngendlela impilo yakhe eshintshe ngayo...
indaba ngu-ERNEST MOTEBEJANE
ABALANDELI bakhe esibhakeleni babembiza nge "the Hawk" ngesikhathi esenza ezibukwayo. Izimbangi zakhe wayezishaya angazizweli. Kodwa wayenza okwenziwa esibhakeleni kanti manje uMasibulele Makepula usephila impilo ehluke kakhulu.
Uthi wafikelwa wubizo lokufafaza iZwi leNkosi esemncane kodwa wangalunaka. Wayecabanga ukuthi uzoba yihlaya kubangani bakhe uma elalela lolo bizo wagxila esibhakeleni.
UMasibulele uthi wayevame ukuphupha uNkulunkulu emkhuthaza ngokuba elaphe abantu. "Kodwa ngangiphila njengabo bonke abafana baselokishini ababengenandaba noNkulunkulu.
"Kwakungelula ukuchitha usuku lonke esontweni abangani bakho bebe bezithokozisa. Ngabajoyina.
"Umfowethu wangikhuthaza ngokuthi angiye esontweni. Ngaqala ngangavuma kodwa ngagcina senginothando lukaNkulunkulu."
Ngo-2002, izinsuku zokudansa acule kuphela uma esesontweni zaphela. UNkulunkulu wakhuluma naye ngoPastor NJ Sithole owasuka eThekwini walibhekisa eGoli eyonikeza uMasibulele Makepula umlayezo wakhe wamfica esejimini.
"U-Pastor Sithole wahamba lonke lelo banga ezongitshela ukuthi uNkulunkulu uyangidinga," kusho uMasibulele. "Ngazinikela ngaleyo ndlela enkonzweni."
Wayelambele ukushumayela kodwa esaba abangani bakhe ngokusho kwakhe kuSithole.
U-Pastor uSithole wamtshela ukuthi makasebenzele uNkulunkulu kuqala.
UMasibulele, igama lakhe elisho ukuthi "Masibonge," waqala umsebenzi wakhe ngokweluleka amalungu ebandla.
Ukholo lwakhe lwavivinywa kakhulu ngaleso sikhathi. Ngo2003, kwashona umalume wakhe sekusele izinsuku ezimbalwa ayolwa eMelika.
Wehlulwa empini yakhe noJorge Arce waseMexico kanti ekubuyeleni kwakhe ekhaya wathola izindaba zokuthi umfowabo wayegwazwe washona.
"Ngangi-vivinywa," kusho uMasibulele.
Manje wenza izifundo zezenkolo kanti isikhathi sakhe usichitha ngokweluleka abanye abashayi-sibhakela abakhuthaze ngokuphila impilo enhle.
UMakepula unezicoco zomhlaba ezintathu azithola ezigabeni ezehlukene - uneseWBU junior flyweight, i-IBO flyweight neWBC junior bantamweight.
Kuyisifiso sakhe ukuthola ezinye izicoco ezintathu kanti uthi isibhakela uyosiyeka ngentando kaNkulunkulu. [z]
BONA ZULU - January 2007
NGENHLA: Izinkinga ahlangabezana nazo zamenza waphendukela kuNkulunkulu - manje ushumayela iZwi leNkosi, usiza nabanye abashayi-sibhakela.
