zulu.2337.potatoes
Uma unothando lwamazambane
Amazambane ngisho ngabe uwabilisile, uwabondile, uwathosile noma uwabhakile...ahlale emnandi kanti futhi akongela imali!
BONA ZULU – August 2007
amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGEMINI FOOD PROMOTIONS
izithombe nguKIM THUNDER
Potato Pizza
Base
1 izambane elicwecwiwe labiliswa labondwa
1 inkomishi (250ml) i-self-raising flour
3 izipuni (45ml) imajarini
1 i-teaspoon (5ml) i-Aromat
Filling
1 izambane elibilisiwe lasikwa izikwedlana
1 utamatisi oqotshiwe
1 uphepha oluhlaza oqotshiwe
4 izingcezu zikapholoni oqotshiwe
1 i-teaspoon (5ml) i-Aromat
1 inkomishi (250ml) ushizi ogreythiwe
1. Endishini hlanganisa ndawonye izambane, ufulawa, imajarini ne-Aromat.
2. Ebhodini elibhuqwe ngofulawa, yendlala inhlama bese uyikhiphela kwi-oven tray egcotshiwe.
3. Vuvuzela i-base ngezithako ze-filling, ugcine ngoshizi.
4. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-200oC imizuzu engu-25 izambane lize libe nsunjwana.
Kubiza: R22,50
Kwanela abangu-4
Potato Vetkoek
3 amazambane acwecwiwe agreythwa
1 inkomishi (250ml) ufulawa
2 ama-teaspoon (10ml) uwoyela
1 iqanda
1 i-teaspoon (5ml) u-baking powder
usawoti nophepha wokunonga
uwoyela wokuthosa
1. Endishini hlanganisa ndawonye zonke izithako
2. Epanini kuwoyela faka ngesipuni ingxube yamagwinya ize ibe nsunjwana. Ungawadla ne-mince enokhari.
Kubiza: R16,75
Kwanela abangu-6
Potato Tart
2 izinkomishi (500ml) amazambane abondiwe
2 izinkomishi (500ml) ushukela
6 amaqanda ahlukanisiwe
1 i-teaspoon (5ml) i-vanilla essence
4 izipuni (60ml) ujamu i-apricot
1. Endishini hlanganisa ndawonye izambane, ushukela, okwamaqanda okuphuzi ne-vanilla essence.
2. Kwenye indishi, shaya okwamaqanda okumhlophe kuze kuhlangane kodwa ungakomisi. Kufake engxubeni yezambane bese ukukhiphela kwi-ovenproof dish egcotshiwe.
3. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC imizuzu engu-30.
4. Epanini shisa ujamu, uwuthele phezu kwe-tart eshisayo. Kuseve ngokushesha no-cream noma no-ice cream.
Kubiza: R15,30
Kwanela abangu-6
Country Cottage Pie
Pie
1 isipuni (15ml) uwoyela
1 u-anyanisi oqotshiwe
1 isigaxa sikagaligi ogayiwe
1kg i-mince
1 i-beef stock cube
1 inkomishi (250ml) i-frozen peas
1/2 inkomishi (125ml) ukherothi oqotshiwe
1 x 410g ithini likatamatisi oqotshiwe
usawoti nophepha
1 isipuni (15ml) i-corn flour
Topping
7 amazambane acwecwiwe
1/2 inkomishi (125ml) ubisi
2 izipuni (30ml) imajarini
usawoti nophepha
1. Epanini thosa u-anyanisi nogaligi ne-mince kuze kube nsunjwana.
2. Faka i-stock cube, u-peas, ukherothi notamatisi bese ukunonga ukupheke imizuzu engu-8-10.
3. Enkomishini hlanganisa i-mix corn flour namanzi amancane ukwenza inhlama. Kubondele engxubeni ye-mince ukupheke kuze kushube usosi kancane. Kuthululele kwi-ovenproof dish bese ukubeka eceleni.
4. Bilisa amazambane aze athambe, uwabhucuze ufake ubisi nemajarini bese ukunonga.
5. Beka i-mash phezu kwengxube ye-mince. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC imizuzu engu-30 kuze kube nsunjwana.
Kubiza: R43,67
Kwanela abangu-6
Brown Onion Sweet Potato Bake
8 ubhatata ocwecwiwe wasikwa izingcezu
2 u-anyanisi osikwe izingcezu
1 iphakethe lesobho elinsundu eliyimpuphu
1 3/4 izinkomishi (440ml) ubisi
1. Beka i-layer yamazambane kwi-ovenproof dish, ngaphezulu wenze i-layer ka-anyanisi. Kuphindaphinde lokhu uze uqede ugcine nge-layer yamazambane.
2. Kujeke hlanganisa isobho eliyimpuphu nobisi. Thela phezu kwezambane no-anyanisi. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC amahora angu-1 1/2.
Kubiza: R16,20
Kwanela abangu-6
Baked Haddock With Cheesy Potatoes
4 amazambane ageziwe
200g i-smoked haddock fillets
3/4 inkomishi (185ml) ubisi
30g imajarini
usawoti nophepha
15g i-chives noma i-parsley eqotshiwe
1/2 inkomishi (125ml) ushizi ogreythiwe iCheddar
1. Usebenzisa imfoloko, hlabisisa izambane ngalinye ulipheke kwi-microwave imizuzu engu-5-7. (Ummbese kufanele uzingenele kalula uma ephekekile.)
2. Endishini, pheka i-haddock obisini, uyivenge ubeke ubisi.
3. Ngesikhathi upheka inhlanzi, sika amazambane ngaphezulu uwakopolote ukhiphe okungaphakathi, izikhumba zawo zime kahle ulahle lokhu okusikile.
4. Endishini bhucuza ndawonye amazambane, ubisi olubekile nemajarini bese ukunonga. Faka i-haddock nama-chives.
5. Gcwalisa amagobolondo amazambane ngengxube yezambane ne-haddock ngaphezulu ubeke ushizi.
6. Kugrile kuze kuncibilike ushizi. Kuseve ngokushesha.
Kubiza: R28,75
Kwanela abangu-4 [z]
Potato Pizza.
BONA ZULU – August 2007
u
t
Uma uthanda amazambane
Country Cottage Pie.
