zulu.2335.yourman_coaching
UKUVIMBA
UFana "Skhehla" Tshabangu umqeqeshi owayengunozinti we-Orlando Pirates, ufundisa uKgotso Mphuthing oneminyaka engu-10 ukuvimba
UKgotso Mphuthing oneminyaka engu-10 nomalume wakhe uKenneth Gasa oseqeqesha uKgotso emva kokushona kukababa wakhe.
UMA NIQALA
1 IZANDLA. Izithupha kumele zithintane noma zisondelane. Iminwe yesandla ngasinye kumele isondelane. Ngale ndlela akulula ukuthi ibhola liphunyuke ezandleni zikanozinti, ikakhulu uma likhahlelwe kakhulu.
2 UMZIMBA. Emva kokubamba ibhola ngezandla ezelulelwe ngaphambili, ezivulekile, noma ezibhekiswe phezulu, unozinti ubuyisa izandla - nebhola - zihlale esifubeni. Ngale ndlela uvikela izandla zakhe ukuze zingalinyazwa abadlali abazofuna ukumphuca ibhola aqinisekise ukuthi ibhola uyaligcina. Uma elicindezele esifubeni sakhe ngeke liwe, ngisho noma unozinti angawa phansi.
3 AMABHOLA AHAMBA PHANSI. Unozinti ubeka idolo elilodwa phansi - ubeka elangakwesobunxele uma ibhola liqhamuka ngakwesokudla, abeke elangakwesokudla uma ibhola liqhamuke ngakwesobunxele. Ubamba ibhola alicindezele esifubeni.
4 AMABHOLA EZA EMADOLWENI. Indodana yakho mayigobise amadolo kancane iye ngaphambili ibambe ibhola ngezandla zombili. Akufanele ilinde ibhola lize kuyona. [z]
QAPHELA: Uma indodana yakho ineminyaka engu-11 noma ngaphansi sebenzisa uSize 4 webhola uma uyiqeqesha, ngokukaFana Tshabangu. Uma ibhola elinguSize 5 ulikhahlele kakhulu, lingaphula iminwe yengane. U-Size 4 awusindi, ubambeka kalula kanti ungawuphonsa, uwukhahlele, uwushaye ngekhanda kalula.
Abafana abaneminyaka engu-12 nangaphezulu bangasebenzisa ibhola elinguSize 5.
UKUQEQESHEKA EBHOLENI
Indaba: Force Khashane
Izithombe: Peter Whitfield
Bamba yeka! Ukuma kwezandla, iminwe nezithupha kumqoka kakhulu, lapha sibona okungafanele ukwenze! Ukudedela ibhola emva kokulibamba yinto embi kakhulu engenziwa ngunozinti. Unozinti oqeqesheke kahle ngeke alidedele nakancane ibhola.
ISELULEKO
