zulu.2324.yourworld_tvguide
YISIKHATHI SE-TV!
UYASHISA!
Wayecula neB2K eyayicula iR&B, manje ungambona kwi-You Got Served (June 25, 8pm, e-tv). Sixoxisana no-Omarion Grandberry:
Ngabe ikhuluma ngani le-movie?
Ikhuluma ngabangani ababili. Iqembu labadansi abadansa nalo ezitaladini lenza ezibukwayo. Kodwa kwathi uma iqembu elihlala kwelinye idolobha libacela ukuba baqhudelane nalo kwadingeka ukuba uDavid – engidlala indawo yakhe – no-Elgin – indawo yakhe edlalwa nguMarques Houston - bazame ukukhuphula amasokisi.
Kwachithwa u-$8 million kwenziwa le-movie kanti yangenisa u-$16 million ngesonto lokuqala ikhishiwe – ngabe ngokwakho yisiphi isizathu esenza yaba yimpumelelo?
Umdanso. Akekho umuntu owayengaba nekhono lokuveza iqembu lonke labadansi ngale ndlela abavela ngayo enze okufanele njengoba kwenza uChris Stokes ongumqondisi wayo!
Ngabe yahlukaniswa yini iB2K?
Ayihlukaniswanga wukuyishiya kwami, noma wukushiya kwabanye. Sahlukana ngoba kuyilowo nayilowo esefuna ukuzimela. Saqala ukucula ndawonye sineminyaka engu-14. Ngibafisela inhlanhla abafowethu esasicula nabo. Kodwa sasigxile ezintweni esasizenzela zona sodwa kunokugxila eqenjini.
(Imithombo: tv.com; US; Variety)
Spider-Man 2 (June 14, 8pm, e-tv)
U-Peter Parker kumele axazulule izinkinga ezimkhungethe empilweni yakhe alwe nesikhohlakali esinguDoctor Octopus. Yi-movie emnandi lena yabadala nabancane.
Spy Kids 2: Island Of Lost Dreams (June 18, 8pm, e-tv)
Umndeni wonke uzoyithokozela le okudlala kuyona izingane “eziyizimpimpi” okumele zilwe nososayensi ohlanyayo – nelinye idlanzana lezingane.
ONGAKUBUKA
SPIDER-MAN
(June 7, 8pm, e-tv)
Umfundi ofunda e-high school uba namandla njengo-spider man. Kodwa isigameko esehlela umndeni wakhe simenza abone ukuthi kufanele asebenzise amandla akhe alwe nobugebengu.
AMA-MOVIE OKUBU-KWA
Ubusuku bukaNick noBridget buyaphazamiseka, ugcina esele noKatie. U-Nick utshela uKatie ukuthi uyamthanda nokuyinto engehli kahle kuKatie leyo. Ngokuhamba kwesikhathi uNick umtshela ukuthi uzwe kuthiwa nguStorm odubule uStephanie. U-Katie umtshela ukuthi ucela angakutsheli muntu lokho akuzwile. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6pm, SABC1
U-James unika uPheko iseluleko sokuthi makatshele uThandaza ukuthi yini emhluphayo ngoba lokho kungaphephisa uthando lwabo. Ubuye akhumbuze uThandaza ukuthi uPheko umthanda kangakanani. NgoMsombuluko kuye kuLwesihlanu, 9pm, SABC2
U-Priya uthukuthelele uFrank, kodwa intukuthelo yakhe uyikhombisa ngenye indlela! U-Maggie uthatha isinqumo sokuthi uPriya makathandane noRajesh kanti uLen utshela uLolly ukuthi uthandana noFrank. Kodwa ngabe bafanelene? NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.30pm, SABC3
Obaba bama-soapie
Sibheka okuzokwenziwa obaba abadlala kuma-soapie kule nyanga
U-Lu utshela uMiles ngokukhathazeka kwakhe nangokudideka kwakhe ngoDavid – kukhona okwenzekayo abebekade bengakulindele. USbu uthola ukuthi uMiles uthandana nomunye umuntu ngaphandle kuka-Andisa. U-Miles utshela uNsumpa uStofberg ngezinsongo zikaDavid. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 6.30pm, e-tv
U-Nadia utshela uDaniel ukuthi akakhethe okukodwa phakathi kokuhoxisa icala elithweswe uPravesh nokushada naye. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 7.30pm, e-tv
U-Ngamla ubhala isheke elibukeka liyimvalamlomo – kwenziwa yini ukuthi angamamukeli uSenzo njengelunga lomndeni wakhe? Kuyamhlupha nokuzwa ukuthi u-Abi akakalishiyi leli lizwe. NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 8pm, SABC1
EZAMA-SOAPIE
ESIKU-KHE-THAYO
Nihlanganiselwe nguSlash Luthando
Lapha sibona okwakwenziwa osaziwayo bethu bengakadumi.
Ababukeli bakhutha-zwa ukuba babhale izindaba basho ukuthi ngobani abafuna ukubuyisana nabo babeke nezizathu ezabaxabanisa. Uma kukhethwe udaba lwakho uyasizwa kuvuselelwe lobo budlelwane.
IZINHLELO ZEZIGAMEKO ZANGEMPELA
Kuthotshwa amanxeba kuhla-nganiswe imindeni kulolu hlelo.
Uyimbongi, umculi we-kwaito nomdlali kanti ubuye afeze amaphupho.
Abazali banikwa ithuba lokuvu-selela ubudle-lwane babo nezingane zabo.
