zulu.2320.hair
BONA ZULU – November 2005
Style 1 (emumva)
Style 1
Izeluleko
Style 2
Ama-braids namanje asephambili kwifeshini. Zama lezi zitayela ezintathu...
nguCHRISTINE HAMMANN
izithombe ngu-ANDREW McGIBBON
umkhangisi nguZONGI ophuma kwa-Ice
iziphaqulo nezinwele nguLYNN HOFF
zezinwele
Ezobuhle
IZINWELE ezibhreydiwe zabakhona kusukela emandulo kanti namanje zisesesitayeleni. Uma ucabanga ukwenza ama-braids njengesitayela sakho esisha, qiniseka ukuthi uwenza kahle. Uma eqine kakhulu kungenzeka aphule izinwele zakho, kanti uma ethambe kakhulu angabukeka kabi.
Ukuze ama-braids akho abe sesimweni esihle sebenzisa imikhiqizo ewenza abe mahle.
Style 1 - Ubuhle basebusuku
1. Hlukanisa ama-braids aphezulu ukuze avuleke ngenhla. Ahlukanise ngama-clips.
2. Thatha ama-braids asemaceleni uwaphothe ngalinye phezu kwelinye eliseduze nalo uze wenze cishe uhhafu wekhanda kusuka phakathi nendawo kuya ngemumva.
3. Ahlanganise nge-clip enhle noma ngo-pin uhlobe ngomgexo wakho noma iribhoni.
Style 2 – Ubuhle bemvelo
1. Hlukanisa ama-braids ngokulingana uwabambe ngendlela yamaFulentshi kuze kufike ekugcineni.
2. Ekugcineni hlanganisa ngamalasitiki emibala ehlukene.
Style 3 – Gqama ubukeke kahle
1. Thatha izixhanti ezimbili zama-braids (zihambisane nengxenye eseceleni).
2. Aphothe kufike phakathi nendawo ngemumva uwabambe ngama-clips.[z]
Style 3
