zulu.2311.muthi
ezemithi yesintu
ZIFAKE ezicathulweni zowesilisa ongakaze aqonywe noma owesimame ongakaze aqome. Abanye abazi ukuthi kukhona abantu abangazi ukuthi uthando luyisilwane sini.
Ngisho noma umuntu oyisishimane angasebenzisa maphi amaqhinga, ngeke akwazi ukuheha abesilisa noma abesimame.
Akulula ukuthi abantu abanale nkinga bacele usizo ngoba basaba ukuthi bazohlekwa. Owesimame oneminyaka engaphezulu kuka-35 ubizwa ngesigwadi uma engakashadi.
Nginethemba lokuthi abantu abanale nkinga bayaluthola usizo ezinyangeni ngoba ukushima yisifo esidinga ukwelashwa abanolwazi.
"Ngiyisishimane," kusho kubhala umfundi waseStanger. "Amantombazane awafuni nokungibheka - ngisho nalawo 'axegelwa yizimilo.'
"Ngawashela ngoba ngifuna ukubona ukuthi kukhona ngempela yini okushaya amanzi ngami. Kuyacaca ukuthi kukhona. Okuxakayo wukuthi ngiyinsizwa ebukekayo!
"Angifuni ukuba nezintombi eziningi. Engikufunayo wumuntu ozongithanda kuphela," kusho yena.
"Ngabe ukhona umuthi ongangisiza""
Ibhadi
"Ngifuna ukushada kodwa angimtholi umuntu engingathandana naye," kubhala umfundi waseWorcester oneminyaka engu-32 oshimile ocabanga ukuthi lokhu kuyibhadi.
Akusiwo amadoda kuphela anale nkinga.
"Sengizame konke ukuze ngibukeke kahle, ngehlise isisindo somzimba ngathenga nezingubo ezinhle kodwa abesilisa abafuni nokungibheka," kusho intokazi yaseGauteng eyi-accountant eneminyaka engu-20.
"Sengathi nalezi zicathulo engizigqokayo ezinezithende ezinde yizo kanye ezixosha abesilisa kunokuthi zibahehe," kuqhuba yona.
"Bhadi lini leli enginalo""
"Ngabe umuntu onjengami kungamsiza ukuhlaba imbuzi afake isiphandla ukuze ashade"" kubuza enye intokazi eneminyaka engu-35 enenkinga yokusheshe ihlukane nabesilisa ezwana nabo.
"Amasoka ami ayabaleka" kusho yona.
"Kokunye ngishelwa amadoda ashadile."
Ngingameluleka ngokuthi makaqale ezwe kwabadala ukuthi ukuhlaba kuyingxenye yesiko lakubo yini.
Isiphandla ngeke simsize uma kungakaze kuhlatshwe emndenini wakubo.
Usiko
Usiko lumqoka kakhulu uma kukhulunywa ngalolu daba.
Ukungawagcini amasiko kungenzeka kube esinye sezizathu zokuthi umuntu abe yisishimane.
Kungenzeka kube yindlela amadlozi akukhuthaza ngayo ukuba ubone ukuthi unephutha ngokungawagcini amasiko.
Okunye okungenza ukuba ushime wukungalulaleli ubizo lobungoma nokungagezwa emva kokushona kwesihlobo sakho.
Izinto ezinjengesichitho zingenza ukuba abanye babe nesidina bangaqonywa noma baqome.
Uma ufakwe isichitho ungasizwa amakhambi anjengotshani bezwe nomdabu. Ungaphalaza ngawo noma ugeze ngawo.
Iya okungenani ezangomeni ezintathu ukuze uthole ukuthi inkinga yakho ilele kuphi nokuthi ungasizakala kanjani.
Okokugcina
Ungesabi. Uma usola ukuthi uyisishimane, ungabi namahloni okuphumela obala ngenkinga yakho.
Ubushimane bunganqotshwa ngoba sonke lapha eMhlabeni siyaludinga uthando. [z]
Ungalwa
nobushimane
BONA ZULU - February 2008
nguFORCE KHASHANE
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: muthi@caxton.co.za
