zulu.2297.yourstyle_teen
Ubonakala noma esesteji ukuthi uyisibonelo esihle kwezefeshini kanti usikhombise izimpahla zakhe zokugqoka ezinhle
U-Chomee
1. Ngokwami ifeshini esesitayeleni…
Iyilokho okungiphatha kahle okuhle.
2. Uma ngingekho esteji ngigqoka…
I-tracksuit. (Ingiphatha kahle uma ngihamba.)
3. Ngiyisibonelo esihle…
Ngokudansa kwami esteji nangesitayela sami sokugqoka.
4. Umsiki wengqephu oshisayo njengamanje…
NguDavid Tlale – ubashaya emakhanda.
Uyiciko ekusikweni kwengqephu.
5. Okokugqoka okubiza kakhulu kanye nokushibhile engake ngakuthenga…
Ipheya lezicathulo zika-R3 500 nendandatho ka-R21.
6. Ngagcina nini ukubala amapheya ezicathulo zami…
Angikaze ngiwabale. Engikwaziyo wukuthi nginamapheya amaningi.
7. Ngeke ngiphume ekhaya ngaphandle…
Kwe-vest, i-jean nepheya lamateku.
Lezo zinto zingiphatha kahle.
8. Ngithanda ukuthenga…
KwaRodeo eGreen Stone Shopping Centre. Banezinto engizithandayo: kulula ukuthola into engiyithandayo khona kanti babiza kahle.
9. Imibala engiyithandayo…Umbala o-purple ngoba wenza ngibukeke kahle, kulandele umbala omnyama nomhlophe.
10. Isiqedaphunga engisithandayo…
Yi-Hypnotic Poison ngoba inephunga elimnandi. [z]
Umgqokisi: Thato-ya-Ona Lerefolo
Izithombe: Peter Whitfield
IFESHINI YENTSHA
