zulu.2278.yourworld_knowall
NGABE YIQINISO UKUTHI IZITOLO ZENZELWE UKUSIHEHA UKUBA SITHENGE IMIKHIQIZO YAZO?
Lebogang Sehare, Katlehong
Kuningi Lebo esingakubala kuye kufike ekunukeni kwazo. Ukunuka kwezinkwa emasuphamakethe kuze kuphume kuma-air-conditioner ukuze nawe uzizwe usekhaya - kokunye uzwa ukunuka kophawuda bezingane.
Umnyango wesitolo ngenye yezindawo ezibalulekile nokuyilapho amasuphamakethe ebeka izinto ezithengisa ubuthaphuthaphu njengamaphepha nezimbali.
Izitolo zefeshini nazo zikhangisa ngengqephu yazo yakamumva. Okuyizidingo zemihla ngemihla njengesinkwa nobisi kuvame ukubekwa phakathi ngemumva ukuze ungene phakathi ugcine usuluthekile uthenge nobungakuhlelele.
Kuma-till kukhona izinto ezincane ezifana noswidi neziphaqulo.
KUNGANI NGIZAMULA UMA NGIKE NGABONA OMUNYE UMUNTU EZAMULA?
Sifiso Ncelani, Ekurhuleni
Awuwedwa! Ochwepheshe bathi baphakathi kuka-40% no-60% abantu abazamula ngoba bebona abanye bekwenza. Akekho onesiqiniseko sokuthi kungani. Zonke izilwane ziyazamula - kodwa ngabantu nezinkawu ezikwazi ukuzamula ngoba zibona abanye, nezinye zikwenza.
IMIBUZO YAKHO
Ngabe kukhona into oke uzibuze ukuthi yenzeka kanjani, kuphi noma nini? Nakhu lapho uzothola
khona izimpendulo ngemibuzo ekuqwashisa nasebusuku ulele
IQINISO
Indlulamithi ikwazi ukugeqa izindlebe zayo ngolimi lwayo olungubude obungu-50cm - okulingana nobude bama-ruler amabili
NGABE UKHISIMUSI USUKELA KUPHI?
Petrus Ntuli, Khayelitsha
Lona ngumbuzo olula futhi onzima Petrus! Igama elithi Khisimusi lichaza inkonzo eNgcwele kaKhrestu.
Usuku lukaKhisimusi wusuku oluyisikhumbuzo sokuzalwa kukaKhrestu nakuba ochwepheshe bezomlando ukuzalwa kukaKhrestu bekucabangela ekutheni kwakunguMarch, May, September noma uNovember! AmaKhrestu akudala akhetha uDecember 25 ngoba kwakungusuku olwamukelekile lokugubha nokuyiyona ndlela okwasunguleka amasiko kaKhisimusi afana nokudla okuphambili nezingoma zalesi sikhathi.
EZOSAZIWAYO
Ngabe uyamazi uJohn Stephens no-Alicia Augello Cook? Yebo uyabazi. Amagama abadume ngawo kwezomculo ngelikaJohn Legend no-Alicia Keys. Ubani obengaqagela ukuthi uNe-Yo waqala enguShaffer Chimere Smith! Cishe igama lakhe lakwezomculo walisusela kumlingiswa ophambili efilimini iMatrix.[z]
BUZA KITHINA Ngabe unombuzo kaMiss Know-all? Bhalela ekhelini elithi Miss Know-all, Box 473014, Parklands, 2121.
IZITHOMBE: GALLO
