zulu.2274.yourman_coaching
IZELULEKO
Musa ukuba
YINQOLA
Ongumqeqeshi kule nyanga ngowayedlalela iPirates neChiefs uFana "Skhehla" Tshabangu - ukhombisa obaba bangawaqeqesha kanjani amadodana abo ukuba akhahlele ngazo zombili izinyawo
U-Oscar Ndzunga nendodana yakhe eneminyaka engu-10 uNkanyezi.
SONKE sesike sezwa ngomdlali 'oyinqola' - okusho ukuthi okwazi ukukhahlela ngonyawo olulodwa. Lokhu kuzwakala njengesizathu esihle kulabo badlali abakwazi ukusebenzisa izinyawo zabo zombili ngokufanayo ekukhahleleni nasekujikeni nokungabadlali abasethubeni lokuzibona begqoke ijezi leBafana ngolunye usuku.
Lawa ma-exercise kuhloswe ngawo ukusiza abafana beminyaka ephakathi kweyisithupha neyishumi nokuyiyona minyaka yokubafundisa ukukhahlela ngezinyawo zombili - ngokusho kukachwepheshe uFana Tshabangu.
OKUMQOKA
1 OTSHANINI
Hlalisa indodana yakho otshanini igobise amadolo, ilule izandla zombili ibambe ibhola njengasesithombeni.
2 PHAKAMISA UMLENZE
Ukuqiniseka ukuthi isahleli kanjalo, ayiphakamise unyawo lwayo lwakwesobunxele bese ithinta ibhola kancane. Lokhu kungenhloso yokuqeqesha izinyama zomlenze wayo, akudingeki ukuba ize ikhahlele ibhola.
3 PHINDA USHESHISE
Myeke lokhu akuphinde ngonyawo lwakhe lwesokudla. Makuthi lapho esekujwayele lokhu bese umtshela akwenze ngokushesha - aqale ngelakwesobunxele bese kuza elakwesokudla enze ngokushesha. Unyawo lwakhe olungenamandla luzokhathala ngokushesha kunalelo elinamandla.
4 GXILA KONGENAMANDLA
Uma umlenze wakhe wakwesokudla kuyiwo ongenamandla, menze enze ama-exercise amaningi okukhahlela ngalowo mlenze. Lokhu kuzoqinisa umlenze ongenamandla kuwenze ufane nalowo onamandla.[z]
Indaba: Force Khashane
izithombe: Peter Whitfield
Okubili okubalulekile:
Umlenze ongenamandla yiwo okufanele uwuvocavoce kakhulu kodwa nalona onamandla ungawuyekeleli.
Abafana abancane kungenzeka basheshe bacikeke yile-exercise, ngakhoke kungakuhle uyenze ibe ingxenye yokufudumeza igazi.
UKUQEQESHELWA IBHOLA
