ZULU.2259.free
BONA ZULU – February 2006
Okwamahhala
Ungangenela futhi nge-cellphone. Bhala uBONA, ubhale uFREE, bhala uCADBURY noma u-ALPO noma uREVLON noma MAXIVATE, bese uthumela ku-34110. Ungangenela kaningi ngokuthanda kwakho. I-SMS ibiza R2 iyinye.
30 AMAHAMPA
Ubuhle ongabumela
Yiba nesikhumba esihle ngochunge olusha lweMaxivate.
I-Maxivate Skin Recovery Cream yelapha isikhumba; i-Maxivate Facial Wash isusa amafutha; i-Maxivate Cream ne-Ointment iyasivuselela sikhanye, amaphilisi i-Maxivate Skin, Hair and Nail Formula akuhlanza ngaphakathi.
UBONA unikezela ngamahampa angu-30, abiza R110 iyinye, aqukethe imikhiqizo engenhla. Ukuze uzibeke ethubeni, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini. Ikheli lithi: BONA/Maxivate Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140.
10 AMAHAMPA OKUDLA KWEZINJA
Impilo yenja
I-Alpo Full Course® ukudla kwezinja okwenziwe ngcono ngochwepheshe abaphambili emhlabeni ukunika inja yakho konke okunomsoco ekudingayo empilweni yayo.
I-Alpo Full Course® ithuthukisa impilo yenja yakho, nayo ihlale ithokozile futhi nawe ukuthokozele ukuba nayo isikhathi eside.
Ukuze uzibeke ethubeni, lokuthola eyodwa ihampa kwangu-10 ama-Alpo Full Course® thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, kuleli kheli: BONA/Alpo Full Course® Giveaway, Box 322, Melrose Arch, 2096.
Usuku lokuvala:
28 February 2006
14 AMAHAMPA
Amakha aphambili
AbakwaRevlon bakholwa wukuthi ngeValentine’s Day kufanele siphathwe kahle. Kungakho uBONA unikezela ngamahampa angu-14 akwaRevlon aneWhimsical yabesimame, Body Lotion neBody Spray, abiza R220 iyinye.
Ukuze uzibeke ethubeni, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini uyithumele kuleli kheli: BONA/Revlon Whimsical Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.[z]
6 AMAHAMPA
Zibike ngoshokoleti
AbakwaCadbury sebenze ushokoleti i-P.S. ukuba ukukhulumele ngale Valentine’s Day!
Thumela iP.S. enomyalezo wothando kumuntu omthandayo. Bheka ohlotshiswe kabusha ezitolo.
UBONA unikezela ngamahampa ayisithupha emikhiqizo yeCadbury ebiza R500 iyinye. Ukuze ube sethubeni, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini ukuthumele kuleli kheli: BONA/Cadbury P.S. Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
Izipho zika
R11 893
BONA – August 2005
