zulu.2254.Cassius
AKULULA ukukholwa wukuthi le ndawo yokujima engahlelekile neze eseGoli yilapho kujimela khona umpetha osewine izicoco ngaphansi kweWorld Boxing izikhathi ezine. Uma uya kule ndawo udlula abantu abadayisa emgwaqweni nabacela imali…
Indawo yokujima esekhoneni likaMooi noBree maphakathi neGoli eyengqalabutho enguNick Durandt obe nesandla esikhulu empumelelweni yabashayi-sibhakela abanjengoPhilip Ndou noSilence Mabuza.
Ngaphakathi ejimini uthola abashayi-sibhakela beshaya ama-punching bags kanti abanye basuke beseringini bengcweka. U-Durandt wangibingelela ngesizotha wangitshela ukuthi ushampeni angafika noma nini kule ndawo.
Emva kwemizuzu embalwa, kwangena indoda eyayigqoke i-tracksuit emhlophe eyayingesona neze isidlakela.
KwakunguCassius Baloyi lowo – kanti awumfanele lo mdlalo awudlalayo ngendlela azothe ngayo asisayiphathi-ke eyokuwina izicoco zomhlaba ezine!
WAZALELWA eMalamulele ngaphandle kwaseGiyani eLimpopo eminyakeni engu-33 edlule uBaloyi kanti waqeqeshwa ngubaba wakhe uJoseph, owayephakamisa izinsimbi.
“Ngangineminyaka eyisishiyagalombili ngesikhathi ubaba ethengela mina nomngani wami ama-glove okushaya isibhakela,” kusho kukhumbula uBaloyi. “Sasivame ukungcweka nomngani wami, ubaba abe ngumqeqeshi.
“Wayengenalwazi ngesibhakela kodwa wathenga izincwadi zokulolonga abashayi-sibhakela abangama-amisha ayesifundisa ngazo isibhakela.”
NguThomas Shinyori umculi womculo wesiShangane owaqhakambisa ikhono likaBaloyi ngesikhathi emcela ukuba ambhulele amazolo alwe nomngani wakhe ngaphambi kokuba acule (uThomas).
“Izingane ezisezindaweni ezingomakhelwane zasijoyina kwakhula nesibalo sababejimela endaweni kababa kwabonakala ukuthi sesingaqala ukulwa emiqhudelwaneni yama-amisha.”
Kodwa ubaba kaBaloyi waqinisekisa ukuthi indodana yakhe iyasithola isinkwa sokuphila. “Wayengafuni ukuba isibhakela sithikameze imfundo yami,” kuchaza ushampeni.
“Ngangiqala esikoleni kuqala, ngizilolonge njalo ntambama ngehora lesihlanu!”
UBALOYI waba ngumshayi-sibhakela waseS.A wokuqala owawina indondo yegolide kuma-Olympics ayeseGermany ngo-1992.
Lokho kwaqinisekisa ukuthi naye wayezolwa kuma-Olympics alandelayo ayezobanjelwa eBarcelona – kodwa wadumala emva kokuba abagqugquzeli bama-Olympics eSouth Africa bamtshela engakahambi ukuthi sebebakhethile abashayi-sibhakela ababezohamba.
Phezu kwalokho kudumala kwakhe uBaloyi, wakwazi ukuvikela isicoco se-national junior championship kaningana.
“Ngo-1993 ngazitshela ukuthi ngihlukene nokulwa kuma-amesha nokwathi kuwona lowo nyaka ngavotelwa njengomshayi-sibhakela ovelele,” kusho uBaloyi. “Emva kwalokho ngahlangana noNick Durandt wangitshela ukuthi uma ngifuna ukulwa esigabeni sabakhokhelwayo kumele ngijoyine isitebela sakhe.
“Sanikana izinombolo zezingcingo sahlukana. Emva kwamasonto amabili ngaxhumana noNick wathi uzofika azongilanda ePietersburg!
“Ngafika kanjalo eJozi!”
UBaloyi walwa impi yakhe yokuqala esigabeni sabakhokhelwayo e-Eldorado Park ngo-1994 lapho ashaya khona u-Isaac Skosana empini eyathatha imizuliswano emine nokuyilapho (uBaloyi) aphuka khona esandleni.
Emva kwalokho uBaloyi wavikela isicoco sakhe se-national junior featherweight izikhathi ezingu-13.
“Kwathathwa isinqumo sokuba ngizame inhlanhla esicocweni seWorld Junior Feather Weight – ngayinqoba leyo mpi eyayiseMiami,” kusho uBaloyi.
“Ngasivikela kasikhombisa leso sicoco.”
Wabuye wawina eseWBO featherweight asivikela kane.
NgoMay kulo nyaka waba ngushampeni we-IBF junior-featherweight.
UBaloyi ubusiswe ngokugxila entweni ayenzayo kanti nezibhakela zakhe zihlala kuzwele endodeni.
“Ngaqanjwa ngoCassius Clay, owagcina esenguMohammad Ali kanti nami ngifuna ukuhamba ezinyathelweni zakhe,” kusho uBaloyi.
Nakuba isibhakela singamnike thuba, uBaloyi uyasithola isikhathi asichitha nonkosikazi wakhe uNomacingo nendodakazi yabo uKhashonela.
Uyayazisa kakhulu imvelaphi yakhe kanti amabombo uwabhekisa ekhaya eMalamulele emva kwempi. [z]
BONA ZULU – August 2006
Ziningi izicoco aseziwinile uCassius Baloyi umshayi-sibhakela ongazibekile phansi…
Umpetha kwezesibhakela…
Sixoxisana noshampeni
Ushampeni namabhande akhe eWorld Boxing Champion ne-International Boxing Federation.
indaba nguTEDDY GOMBA
