zulu.2253.defy
R52 500!
WINA
izithombe nguSALLY CHANCE
BONA ZULU – February 2007
Amafriji, izitofu, imishini yokuwasha nama-microwave - konke kwenani lika...
WUSUKU lwe-zithandani iValentine’s Day, ngakhoke uBONA ubambisene nabakwaDefy bafuna ukukhuthaza uthando ngokuba banike abafundi babo ithuba lokuwina imiklomelo emihlanu emangalisayo.
Bonke abahlanu abawinile, umuntu emunye uzothola i-microwave, isitofu, ifriji ene-freezer nomshini wokuwasha (njengoba kuchaziwe ngezansi, kwenani lika-R10 500.)
Enza ikhishi lakho libukeke kahle kulo nyaka ka-2007 ngezimpahla zikanokusho zakwaDefy.
Njengabenzi bezimpahla zikagesi abaphambili kuleli, uDefy wethenjwa ngenxa yekhwalithi elikwenza ungayikhaleli imali yakho.
Kusukela ngo-1932 abakwaDefy sebekhiqize izimpahla zikagesi zesimanje-manje zasekhishini nezokuwasha kulolonke elakuleli kangangoba namuhla zingaphezu kuka-12 million izimpahla zikagesi zakwaDefy ezisetshenziswayo. (Zonke izimpahla zakwaDefy ziyahambisana nemithetho ebhekele ukuphepha yamazwe omhlaba.)
l Microwave – DMO 289/291
Le microwave ecwebezelayo engu-900-watt ingamumatha umthamo ongamalitha angu-26 kanti ipheka ngokukhulu ukushesha, ine LED display, 10 amazinga amandla ayo, 5 auto-cook menus, uyakwazi nokuyicuphela ukuthi ipheke ngesikhathi esithile, uyakwazi futhi nokukhipha iqhwa ekudleni ngendlela eyiyo kanti ikhiyeka kalula.
l Washing machine – Automaid 600
Lo mshini unomthamo ongu-5kg, 600rpm spin speed, amazinga okushisa ehlukene, izinhlelo ezingu-13 zokuwasha, indlela esheshayo yokuwasha, indawo enkulu yokufaka izingubo evuleka ibe ngu-180◦, ngaphakathi iyinsimbi engagqwali, i-filter yayo ikhipheka kalula, kanti usebenzisa amanzi nogesi omncane.
l Kitchenair stove – 621
Sihle simnyama ngaphandle sinamapuleti amane (kubandakanya elishisa ngesikhulu isivinini), uhhavini ohlanzeka kalula ongamumatha umthamo ongamalitha angu-81, izinga lokushisa elisukela ku-70◦C kuya ku-230◦C, nesivalo sikahhavini esiyingilazi, amashalofu amabili kahhavini, ipani lokurosta kanye ne-rack kanjalo ne-drawer lokufudumeza.
l Fridge-over-freezer – Defy C305
Ikhishi lakho libukeka kahle uma kukhona leli friji eline-automatic defrost, amazinga okubanda ehlukene, amashalofu ongawakhipha (engilazi noma e-wire), ithreyi lamaqanda, ama-sealed crispers, iyakhanya ngaphakathi, ine-4-star freezer, ithreyi leqhwa, kanti iyakhiyeka.
Okufanele ukwenze wukugcwalisa ifomu yokungenela ekuleli khasi bese uyithumela kuleli kheli: BONA/Defy Valentine’s Day Competition, Box 32067, Mobeni, 4060. Usuku lokuvalwa kokwamukelwa kwemingenelo ngumhlaka 28 February 2007. [z]
IFOMU YOKUNGENELA
Gcwalisa ifomu yokungenela uyiposele kuleli kheli: BONA/Defy Valentine’s Day Competition, Box 32067, Mobeni, 4060.
Igama: ....................................................................
Ikheli: .....................................................................
.......................................... Ikhodi:.......................
Ucingo/Cell: .........................................................
(Sinike inombolo yezikhathi zomsebenzi).
Umbuzo: Esikhaleni ngezansi sitshele ukuthi ngobani abenza lezi zimpahla.
Impendulo: ...........................................................
Kuvalwa mhlaka 28 February 2007.
IMITHETHO. 1. Lo mncintiswano uvuleleke kunoma ngubani ngaphandle kwabasebenzi bakwaCaxton nabemindeni yabo, abaxhasi babo kanjalo nabathuthukisa ukuthengiswa kwemikhiqizo yabo. 2. Isinqumo samajaji singujuqu akuyukuxhunywana kubuzwane ngaso. 3. Imiklomelo ngeke ishintshaniswe ngemali. 4. Kuyokwamukelwa imingenelo ethunyelwe ngamafomu angu ‘ngqo’ kuphela. 5. Imiklomelo iyodilivwa kubathengisi bezimpahla zikagesi abayokhethwa yilowo owinile nokuyilapho efuna ukuba izimpahla zakhe azilande khona.
6. Imiklomelo engalandwanga kuze kuphele izinyanga eziyisithupha, iyodliwa.
BONA ZULU – February 2007
