zulu.224.beauty
AMAKHA OWESIMAME
Wonke umuntu uyakuthanda ukusondela. Njengamanje maningi amakha akhona ezimakethe nokuyinto eyenza kube nzima ukukhetha...
MASONTO onke sihlale sizwa ngezihlabani ezahlukene zethula uchunge lwemikhiqizo yamakha azo amasha, noma kuthiwe ubuso baleso sihlabani buzosetshenziswa ukumela lawo makha.
Nanku umhlahlandlela ongakusiza ungabi nobunzima ekukhetheni amakha owathandayo phakathi kwamaningi ezimakethe.
Ngalolu lwazi uzokwazi ukuthi yikuphi okudingayo ngalo Khisimusi.
Imindeni
Amakha angahlukaniseka ngokwemindeni emine: floral, fresh, Oriental noma a-woody.
■ Umndeni wama-floral yiwo onedumela unukisa okwezimbali. Amakha awo ngawabesimame afana ne-jasmine noma i-rose, noma athakwe ngokusazithelo njenge-vanilla noma i-peach. Ngenxa yokuthi umndeni wama-floral uthambile, uphathana kahle, yiwona onemikhiqizo efanele ukushisa kwehlobo. Ahwamuka ngokushesha.
Umkhiqizo wamakha omndeni o-floral wesihlabani, yilowo kaParis Hilton iFairy Dust, onenhlobo esawolintshi, i-water lily ne-peach nectar.
■ Emndenini wamakha afreshi kunezithako zama-citrus, amanzi nezitshalo eziluhlaza. Kwawokuhlaza singabala utshani, amacembe ne-bamboo, kanti ngokuvamile kuthakwa lawo a-floral nalawo asazithelo.
Amakha afreshi anohlobo lwe-elegant, sporty kanye nolwe-clean – alungele zonke izinsuku.
Isibonelo esihle samakha afreshi yi-Adidas Natural Vitality entsha, enamakha e-watermelon, orange ne-lotus bloom.
■ Ngaphansi komndeni we-Oriental kunezinhlobo ezifana ne-incense, vanilla, musk nama-spices. Amakha alolu hlobo abandakanya izithako zokudla ezifana no-caramel noshokoleti. Isibonelo esihle samakha e-Oriental yi-Parfumerie Generale Felanilla, equkethe amakha e-vanilla, amber kanye ne-spice saffron.
■ Umndeni wokugcina we-woody unephunga elithi malifuze elasehlathini noma lasemnyango. Izinhlobo ezikhona kulo mndeni, yi-pine, vanilla, ginger ne-leather. Lolu hlobo lwamakha a-woody luzwakala sengathi lomile. Ezinhlotsheni zalo singabala i-mossy nenhlobo esaphawuda.
I-Couture kaBagley Mischka ngenye yamakha angaphansi kwa-woody anamanye afana ne-musk, violet ne-mint.
Izinhlobo
Lapho uqeda ukuwafaka amakha azingenela ngokwawo emzimbeni. Lezi zinhlobo zamakha zehlukaniseka izigaba ezintathu.
■ Izinhlobo eziphambili ngezamaphunga amnandi, ekubeni yiwona athengisa ama-perfume. Kodwake ahwamuka ngokushesha. Athatha isikhathi esiyimizuzu engu-5-10. Asawolintshi nasa-ginger yizona zinhlobo eziphambili.
■ Izinhlobo eziphakathi singazithatha njengomzimba wamakha kanti ziphinde zaziwe njengenhliziyo yawo. I-lavender ne-rose yizona zinhlobo eziphakathi ezidumile.
■ Izinhlobo ezisesinqeni neziphakathi nendawo yizo ezenza i-perfume. Ezisesinqeni zihwamuka kancane esikhumbeni. ISandalwood (uwoyela walawo a-woody) ne-mint yizona zinhlobo ezisesinqeni.[z]
Indaba: Charis Dawson
Amakha asazi-mbali yiwo adumile
EZOBUHLE
