zulu.2246.health
Yeka ukubhema
Vikela ingane yakho - yeka ukubhema uma ukhulelwe... Lona umyalezo wabacwaningi baseBristol University abathi izingane ezingu-9 kwezingu-10 eziphathwa yiSudden Infant Death Syndrome - okungukufa okungachazeki lapho zilele nokubuye kwaziwe ngokuthi yi-cot death - kusuke kuyizingane zomama ababhema ugwayi lapho bekhulelwe.
ezempilo
Qhubeka uzamule!
Ukuzamula ungalindele, kungakuphathi neze kabi ngoba ngokwempilo lezo yizindaba ezimnandi. Lokhu akusho ukuthi usuke ulele noma ukhathele unesizungu. Ngokwabacwaningi baseLeeds University usuke uzamula ngoba uzwelana nomuntu oseduze kwakho - ngenxa yokuthi ungumuntu onozwelo kulabo abaseduze kwakho.
Fihla i-remote
Kulo nyaka thatha isinqumo sokwenza umndeni wakho uthole impilo...Uma ufihla i-remote yeTV ngokushintsha iTV izikhathi ezingu-10 ngosuku, kuzokwenza usebenzise ama-kilojoules angu-15 330 ngonyaka.
BONA ZULU - February 2008
Okufanele amabele akho
UDkt Joanna Scur wase-University yasePortsmouth eNgilandi uthi iningi labesimame liyeka ezemidlalo ngenxa yo-bra abangawenzi kahle umsebenzi wabo.
Uthole ukuthi amabele abesimame anyakaza ngezindlela ezintathu, kodwa o-bra benzelwe ukunqanda ukuba aye phezulu naphansi - ngakhoke amaphesenti angu-60 abesimame ezwa ubuhlungu ngisho ngabe bezivocavoca kancane. Ochwepheshe bathi kungakuhle ukuba ukhethe o-bra abanezingoxi ezehlukene kunalabo abacindezela amabele esifubeni.
IQINISO:
Izingane zihleka cishe izikhathi ezingu- 40 ngosuku - ekubeni abantu abadala bahleka cishe izikhathi ezingu-14 ngosuku
Hlala uphilile noPatricia McCracken
Unyaka womdanso
Uhlelo lwamazwe omhlaba olwaziwa ngokuthi yi-Dance 4 Life oluhlanganisa amakhono nokuqeqeshelwa ukudansa nokufundela umculo, lwenza olukhulu uguquko emphakathini kanti lubandakanya abafundi kusukela kuGrade 8 kuya phezulu eKZN naseWestern Cape.
Njengamanje lolu hlelo lwenziwa emazweni angu-12 kusukela eNetherlands kuya eNigeria nase-Ethiopia kuya eVietnam. Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuba ngonyaka ka-2014 lube selusabalele emazweni angu-25 nasemadolobheni angu-50 emhlabeni jikelele.
Ikhonsathi yeDance 4 Life lapha eSouth Africa, izobe ibanjelwe eThekwini ngomhlaka 1 December 2008.
Ngeminye imininingwane, vakashela: www.dance4lifesa.org.za
noma ubashayele ucingo: 031-202-0555.
Yikuphi ukudla okungcono okungalekelela amasosha omzimba wakho ozimisele ngokukudla kulo Nyaka oMusha- Ukulala isikhathi eside kukusiza ekutheni ukwazi ukulawula indlela odla ngayo (i-appetite) nesisindo somzimba - ngokusho kwabeColumbia University Medical Center eMelika. Lokhu kungenxa yokulala amahora ayisikhombisa noma ngaphansi - nokukhathaza ama-hormone kuthikameze nendlela odla ngayo.[z]
Ukufa okwenzeka ulele
