zulu.2241.hero
BONA – April 2007
Balwela ubuntu
Ifilimu lakamumva laseHollywood lixoxa indaba yempilo yakhe yaphambilini esekuMK, kodwa indlela uPatrick Chamusso aphila ngayo impilo yakhe njengamanje imangaza kakhulu…
indaba nezithombe nguGUY JEPSON/AENS
KUMANJE kunefilimu laseHollywood elikhuluma ngempilo yakhe, kodwa ezinganeni eziningi azinakekelayo endaweni esikhahlamezwe yi-AIDS eMpumalanga, uPatrick ungubaba njengabanye abantu.
Odlala phambili nguDerek Luke noTim Robbins kanti iCatch A Fire isitshela ngokuthi ubandlululo lwamenza kanjani uPatrick ajoyine uphiko lwezempi lwe-ANC.
Waqhumisa ngebhomu isikhungo sikawoyela sakwaSasol eSecunda, wabanjwa, bamzwisa ubuhlungu bamnika isigwebo seminyaka engu-24 eRobben Island.
UPatrick (56) washayelwa elikhulu ihlombe ngesikhathi kwethulwa ifilimu iCatch A Fire kwiToronto Film Festival eCanada kanti naseLondon bakhombisa ukuyithakasela kanjalo nakwezinye izindawo.
Emumva ekhaya umasipala uMbombela wamendlalela ukhaphethi obomvu ngesikhathi sekwethulwa leli filimu iCatch A Fire lapha eSA eNelspruit ngoFebruary.
Isibongo sakhe sangempela nguThibedi, kodwa uChamusso, okwakuyi-code name yakhe yiyona eyachuma. “Wonke umuntu ungazi njengoChamusso, ikakhulu manje ngenxa yefilimu,” kusho yena.
UPATRICK nomkakhe wesibili uConney (28) bahlala nezingane zabo ezintathu uSahara (10), Sahira (9) no-Preston (4), eMganduzweni, okuyindawo esemaphandleni eduze kweWhite River.
Sebephendule ikhaya labo laba yisikhungo sokunakekela inqwaba yezingane zakule ndawo.
Lesi sikhungo saqanjwa ngokuthi yi-Two Sisters emva kwezingane zokuqala abavula ngazo - amantombazane angamawele ayeneminyaka engu-10, abazali bawo abedlula emhlabeni ngo-2000.
“Ngangingenalwazi ngaleso sikhathi ukuthi aye-HIV positive. Emva kwezinyanga ezimbalwa, namantombazane ashona. Umphakathi awuzange ulusukumele lolu daba ngoba wawungafuni ukuzibandakanya neHIV/AIDS. Abantu basazwela kakhulu ngalesi sifo.”
Wakha lesi sikhungo ngemali eyayisukela kwengu-R48 000 eyayiyimpesheni eyisipesheli ayithola emva kokukhululwa kwakhe ngo-1991.
UPatrick noConney nabanye abangamavolontiya banakekela izingane ezingu-110. Enye yemali iqhamuka emalini engu-R2 000 okuyimali eyimpesheni yamasosha ayithola zinyanga zonke nakuba ethembele eminikelweni.
UPatrick ukugcizelele ukuthi akuzona zonke izingane eziyizintandane ngesifo se-AIDS - iningi lazo lalahlekelwa abazali ngenxa yezinye izifo kubandakanya i-malaria ne-TB.
“Ububha budlala ngathi kule ndawo njengoba ubona ukuthi awekho ngisho amanzi,” kusho yena.
EZINYE izingane cishe ezingu-15 zihlala nalaba bashadikazi. Ezinye zihlala emikhukhwini kaPatrick ekule ndawo noma ekhaya nomalume no-anti abazinakekelayo asebefana nabazali.
UPatrick ongumqeqeshi ozinikele webhola, waphinde wakha inkundla yebhola neyokudlala ithenisi kule ndawo.
Impilo ngaphandle kwezingane ayicabangeki. “Ngesikhathi ngiseCanada naseNew York ngefilimu ngonyaka odlule, ngangizikhumbule kakhulu. Umsindo wazo, ukudlala kwazo - ziyingxenye yempilo yami.
Ngabe yini eyamkhuthaza ukuba anikele impilo yakhe ezinganeni?
“Ngesikhathi ngiseRobben Island ngathola abantu abangifundisa ukwabelana noma yini nabanye - abafana noTokyo Sexwale, Govan Mbeki, Wilton Mkwayi…
“Basifundisa ngobuntu, izindlela zokuba ngumuntu nokuthi kufanele uphilisane nabanye abantu.”[z]
l Ngeminye imininingwane ngalesi sikhungo, vakashela iWebsite ethi: www.twosisters.org.za.
African Eye News Service
Abantu bakithi
UPatrick noConney nezingane zabo…
BONA ZULU – May 2007
u
t
Impilo ngaphandle kwezingane ayicabangeki
BONA ZULU – May 2007
UPatrick Chamusso (kwesobunxele) noDerek Luke ongumdlali wezithombe odlala indawo yakhe efilimini.
BONA – April 2007
