zulu.2236.benni
Izinxushunxushu ebholeni laseSA
U-BENNI usaphatheke kabi namanje yindlela aphathwa ngayo kumafayineli e-African Nations Cup ayeseGibhithe eminyakeni emibili edlule - kanti lokho kukhomba ukuthi kunokungathembani phakathi kwabadlali nezikhulu zebhola eSA.
Ngokwabadlali, izethembiso ezenziwa yinhlangano yebhola yakuleli iSouth Africa Football Association azifezwa kanti le nhlangano isaqhubeka nokungabaniki imali okufanele bayithole.
Kodwa noma yiluphi udaba lunezinhlangothi ezimbili kanti akudlalwa ngabadlali beBafana Bafana njengoba besho.
Iningi labo lilindela ukuhola imali enhle ngokudlalela iqembu lesizwe ekubeni le nhlangano yebhola iyinhlangano engatholi nzuzo okubhekeke ukuba ichithe imali eningi ithuthukisa amakhono abadlali abasafufusa.
Konke lokhu kwaqala uNeil Tovey esengukaputeni weqembu lesizwe, abadlali ababedlala emaqenjini asekhaya ayengabaholeli kahle bebona ukuthi ngokujoyina iBafana Bafana bangazitamuzela imali.
Kodwa amanye amazwe awabakhokheli kahle abadlali abasuke bedlalela amaqembu esizwe kanti baze bathole okungconywana uma bedlala emiqhudelwaneni enjengeyeWorld Cup.
Impumelelo
Ngaphandle kobumnandi bokumela izwe lakho, ukudlalela iqembu lesizwe kuthathwa njengendlela abadlali abathola ngayo ithuba lokusayiniswa amanye amaqembu ukuze nabo bagcine sebethola imali engcono.
Ngamanye amazwi, kukhona umdlali akuthola ngokudlalela iqembu lesizwe - kanti lokho akukho semahlombe ebhodi eliphethe ezemidlalo ukunika abadlali imihlomulo.
Baningi abadlali abayizihlabani zebhola eSA abaphumelela kanjalo ebholeni, kubandakanya naye uMcCarthy, owabonwa yi-Ajax Amsterdam eminyakeni engu-10 edlule ngesikhathi edlala eqenjini lesizwe lika-under-20 emiqhudelwaneni eyayibanjelwe eMorocco.
Emva kwempumelelo yemidlalo ye-African Nations Cup ngo-1996, abadlali abanjengo-André Arendse, Shaun Bartlett, Mark Fish, Doctor Khumalo, Sizwe Motaung, David Nyathi no-Eric Tinkler basayiniswa amaqembu aphesheya bakwazi ukuzitholela imali.
Ukulahlekelwa
Umdlali uthola ithuba lokubonwa amaqembu aphesheya uma edlalela iqembu lesizwe...
... usayina izivumelwano, adlale kahle aqale ukuhola imali enkulu...
... lokho kwenza ukuba abadlali bagcine sebemanqika ukudlalela iqembu lesizwe ngoba ngokwenze njalo kwehla imali abayihola kulawo maqembu asuke esebasayinisile...
... kodwa bayakhohlwa wukuthi wukudlalela kwabo kulelo qembu lesizwe okwenza ukuba bagcine sebesayiniswa amaqembu abaholela kahle.
Kukhona nezinye izinto eziba yinkinga kubadlali.
Abadlali babuye basabe ukuthi bayalimala uma bedlala emiqhudelwaneni yase-Africa lapho bedlala khona ezinkundleni ezingekho esimweni esihle. Ngesikhathi besathola ukwelashwa emva kokulimala balahlekelwa amabhonasi amahle abasuke bezowathola emaqenjini abasayinisile.
Uma bezodlala kumafayineli eNations Cup kusho ukuthi banyamalala amasonto ayisithupha emaqenjini abo ngaleyo ndlela bangayitholi imali abayidingayo.
Yingakho nje abanye abadlali bekhala ngemali okufanele iSAFA ibanike yona kanti uma le nhlangano ingayingeni eyokubakhokhela, igxekwa kakhulu.
Ukuduba
Zimbili izizathu eziyimbangela yokuthi uMcCarthy adube imidlalo yeBafana Bafana.
Esokuqala, yamphatha kabi indlela aphathwa ngayo eGibhithe ngo-2006 ngoba ngokwakhe kwakheka isithombe sokuthi wanqaba ukusayina isivumelwano sokukhangisa ngezimpahla zakwa-Adidas okungabaxhasi beBafana Bafana njengoba yena asayina isivumelwano nabakwaNike.
Kukhona nodaba lwefayineli ye-African Nations Cup eyobanjelwa eGhana ngoJanuary.
Lo mgadli oneminyaka engu-29 akafuni ukushiya iqembu lakhe lamaNgisi alidlalelayo ngaleso sikhathi.
Njengoba imiqhudelwano yale midlalo iqala ngoJanuary 20 kuya kuFebruary 10, ngaleso sikhathi kusuke sekudlalwa imidlalo emqoka kakhulu kwisizini yebhola e-Europe. Indaba yesikhathi edlalwa ngaso ibakhalisa kakhulu abadlali nezimenenja zamaqembu abawadlalelayo.
Kulo nyaka izikhalo zisheshe zezwakala kunokujwayelekile njengoba u-El Hadji Diouf waseSenegal odlalela iBolton Wanderers azwakala egxeka isikhathi le miqhudelwano edlalwa ngaso kanti noJose Mourinho oyisikhulu seChelsea wakhala ngokuthi kubadlali bakhe bayobe bengekho oDidier Drogba, Michel Essien noSalomon Kalou emidlalweni yeligi eyobe idlalwa ngaleso sikhathi.
Ukungaziphathi kahle
Isifiso sikaMcCarthy sokudlalela iqembu laseNgilandi sagcina sifezekile ngonyaka odlule emva kokusayiniswa yiBlackburn imthatha kwiFC Porto. Kunezinsolo ezingaqinisekisiwe zokuthi lo mdlali wenza isifungo kuleli qembu lakhe elisha sokuthi ngeke anyamalale isikhathi eside eyodlalela iqembu lesizwe.
Kulula ukubona isizathu esenza ukuba uMcCarthy abone kungcono ukuthi azakhele igama elihle eNgilandi kunakwiBafana Bafana lapho ehlala egxekwa khona abezindaba njengomphehli wodweshu.
Ngesizini edlule, njengoba ayengalidlaleli iqembu lesizwe, wafaka amagoli angu-23, angu-18 wawafaka emidlalweni yeligi wasiza iBlackburn emiqhudelwaneni ye-UEFA Cup.
U-McCarthy wakhipha isitatimende sokuthi akaboni ukuthi uzosheshe abonakale eqenjini laseSouth Africa ngoba kusenezinkinga okufanele zixazululwe.
Kusho ukuthi ngeke simbone enkanjini yeBafana Bafana zingakaxazululwa lezo zinkinga.
Uthwala izono zabanye
Useyabakhetha abantu akhuluma nabo ngezinkinga zakhe ebholeni ngoba akasabathembi abezindaba eSA. Ngokusho kwakhe, abezindaba bagxeka yena ngokwenziwa abadlali beqembu lesizwe.
Uthi akuvamile ukuthi izintatheli zifune ukuzwa isizathu esenza angafuni ukudlala ekubeni abadlali abanjengoSibusiso Zuma bengagxekwa abezindaba uma bebeka izizathu ezingezwakali kahle uma bengeke beze emidlalweni.
"Sengikhathele wukuzwa kukhalwa ngami, manje sengidlala ngikhululekile," kusho yena.
U-Rob Moore oyi-agent yakhe uthi uMcCarthy uthwaliswa umthwalo ongaphezu kwamandla akhe ngenhloso yokuphumelelisa iqembu lesizwe.
"Kuthenjelwe kuyena uma kukhulunywa ngokufakwa kwamagoli kodwa siyakhohlwa wukuthi impumelelo yakhe incike kubadlali abalishumi asuke edlala nabo," kusho uMoore. [z]
BONA ZULU - September 2007
Ukungathembani phakathi kwabadlali nezikhulu zebhola eSA kusaqhubeka kanti nendlela iBafana Bafana edlala kabi ngayo iyakufakazela lokho. Sizogxila kumdlali osekukhulunywe kakhulu ngaye - uBenni McCarthy
Ukungathembani, ukuthanda imali nokungafezeki kwezithembiso
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeGALLO IMAGES
Ngonyaka odlule kwafezeka iphupho likaMcCarthy lokudlala eNgilandi emva kokuba esayiniswe yiBlackburn. Kusolwa ukuthi wenza isifungo sokungadlali kweminye imidlalo yeqembu lesizwe.
KWESOBUNXELE: Abanye abadlali ayibaphathi kahle impatho abayithola kwiSAFA nakwabezindaba eSA
BONA ZULU - September 2007
u
t
'Sengikhathele wukugxekwa, manje ngidlala ngikhululekile'
NGENHLA: Kule sizini uBenni usefake amagoli angu-23, angu-18 wawafaka emidlalweni yeligi kanti usize iBlackburn emiqhudelwaneni ye-UEFA Cup.
