zulu.2230.Bridges
Amakhasi ephrojekthi
kaBona
BONA ZULU – August 2006
Sinobuchwepheshe obumangalisayo kulesi sikhathi esiphila kusona – sine-Internet nama-cellphones ongabuka iTV kuwona. Ubuchwepheshe bunomthelela omkhulu empilweni yethu kanti kulolu shicilelo sibheka okwenzeka embonini yokwakha, ikakhulu ekwakhiweni kwamabhuloho.
Lolu lwazi lucashunwe ochungeni lweTechnology TODAY olushicilelwe abakwaMaskew Miller Longman.
Uchunge lweTODAY luneLearning Areas yakho konke okukaGrade 7 kuya kuGrade 9.
Izakhiwo zamabhuloho
Amabhuloho ayisibonelo esihle sezakhiwo ezenzelwe ukuthwala umthwalo osindayo kanti anamandla kakhulu. Amabhuloho abalulekile empilweni yethu. Ayisixazululo enkingeni yokuhamba emigwaqweni, emizileni yezitimela, emifuleni, emihosheni nasolwandle. Abantu kade baqala ukwakha amabhuloho. Eminyakeni eyinkulungwane edlule, ingakasetshenziswa insimbi nokhonkolo, abantu babakha amabhuloho ngokhuni netshe ukuze bawele ngawo.
Izingodo emabhulohweni
Kuvamile ukusetshenziswa kwezingodo ekwakhiweni kwamabhuloho. Izithombe kwesokudla zikhombisa ukuthi izingodo zasetshenziswa kanjani emabhulohweni ehlukene.
Ibhuloho elide eSouth Africa yibhuloho eliyingoxi. Leli bhuloho lingu-272 metres kanti alisekwe ngalutho phakathi nendawo. Umgwaqo ungu-216 metres ngaphezulu komfula iBloukrans.
Izingoxi ezisemabhulohweni
Ungakabi khona usimende nensimbi, amabhilidi amaningi namabhuloho kwakwakhiwa ngamatshe. Kwakuvame ukuba okwakhiwe kube nengoxi ngaphakathi. Kwakungelula ukusebenzisa amatshe ukuvala izikhala ezinde. Kwadingeka ukuba kutholakale enye indlela. Emandulo kwakusetshenziswa izibonda eziqinile ukusekela isakhiwo.
Ibhuloho eliseBloukrans River eGarden Route.
I-Tower Bridge eseLondon inomgwaqo owakhiwe ngezinsika ezimbili eziphakanyiswayo uma kukhona umkhumbi ofuna ukudlula ngaphansi kwebhuloho.
Ibhuloho elisemgwaqweni onguthela wayeka elakhiwe ngezibonda zikasimende.
Kulungele izingane zeminyaka engu-8-14
izingane
zeminyaka engu-8-14
1. Yakha ibhuloho ulandele umdwebo.
2. Yisho izinto ezine ezitholakala ebhulohweni elenziwe ngemicu yensimbi:
(a) Intambo enkulu: Isuka ekuqaleni iye ekugcineni. Ebhulohweni olenzayo usebenzisa intambo.
(b) Izinsika: Zisemachosheni kanti zisekele izintambo.
Yiziphi izinsika ezisebhulohweni lakho?
(c) Izinsimbi ezisekele ibhuloho: Yizona eziseke indawo ephansi.
(d) Indawo ephansi: Ebhulohweni yindawo ephansi eba ngumgwaqo. Yini oyisebenzise phansi ebhulohweni lakho?
Amabhuloho asekelwe ngemicu esontekile
Uhlobo olusha lwamabhuloho amade yilolo olwesekelwe ngemicu yensimbi esontekile. Ibhuloho eliyilolu hlobo yilelo eliqanjwe ngoNelson Mandela elimaphakathi neGoli elavulwa ngo-2003. Inqamula phakathi kolayini bezitimela abangu-42. Leli bhuloho alakhiwanga ngenhloso yokuba linqamule phakathi kolayini nje kuphela kodwa lenzelwa nokuhlonipha uNelson Mandela. Idolobha laseGoli lalifuna ukuba leli bhuloho likhange libe yisakhiwo esiqinile.
Siphisana ngamakhophi angu-5 eFrancolin
Illustrated School Dictionary for Southern Africa!
Thumela imingenelo yakho kuleli kheli:
Francolin Illustrated School Dictionary for Southern Africa Giveaway
Maskew Miller Longman
PO Box 396, Cape Town, 8000
Ungakhohlwa wukubhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo negama lesikole sakho.
Ongakwenza: Zenzele ibhuloho elinezinsimbi
Udinga: izihlalo ezimbili, intambo noma intambo kakotini ewugqinsi, ibhokisi elinamazenga ne-glue.
BONA ZULU – August 2006
Ibhuloho elinemicu yensimbi
Izingobe ezisemabhulohweni ngeke uzakhe ngemicu emide yensimbi ngoba kungadingeka ukuba zibe nkulu zisinde. Ibhuloho elinemicu yensimbi lidinga leyo esontekile enesisindo esingaphansi kwezingobe nemishayo. Ibhuloho iForth River eseScotland, ekwesobunxele inemicu yensimbi.
Ibhuloho elenziwe ngezihlalo, intambo nebhodi.
intambo eqinile
Ibhuloho iNelson Mandela.
shaya amafindo uxhume izingxenye
zentambo
ibhodi elinamathiselwe
Umtitilizo!
