zulu.2229.judas
UBONA uyasicubungulela
indaba ngu-ISAAC KWELA
YINI PHO yonke lento ebesiyizwa ngoJudas" Ngabe lo mlisa eminyakeni engu-2000 eyedlule ubefaniswa nomthengisi ebe engumuntu olungile" Ngaphezu kwalokho ngabe ubengumfundi kaJesu othembekile"
Le ndaba eyindida yakamumva iqutshulwe ngabeNational Geographic Society ngesikhathi kwembulwa iVangeli likaJuda. Ngisho ngabe leli Vangeli elenziwe kahle lakhavwa ngesikhumba liyiqiniso noma cha, izazi zomlando wenkolo zazilokhu zizama ukugeza igama likaJudas kusukela kancane nje emva kwesikhathi sokufa kukaJesu.
I"Vangeli" ngokwalo kukholakala ukuthi labhalwa cishe ngo-200AD.
Okwesibili okufanele sikufake emqondweni wukuthi iThestamente eLisha akusilona kuphela umthombo wolwazi ngokuShumayela kukaJesu.
Izazi zomlando zamaJuda namaRoma nazo zabhala ngaye kanti indlela yabo ababeka ngayo iyehluka kunaleyo eseBhayibhelini.
Make sibheke ezinye zezinto "ezehlukile"...
UJudas wayeyilungu lamaZealot okuyinhlangano eyayikholwa wukuthi okuyiyona ndlela yokuketula umbuso wamaRoma ukuze kukhululeke u-Israel kwabe kungukusebenzisa izikhali.
Kulelo butho kwakukhona ababengababulali bevutha ngenkemba baziwa ngokuthi yi-"sicarius." Leli kwaba yigama laleli butho.
Njengelungu laleli butho, noJudas bambiza ngokuthi wu "Judas iSicarius" (noma "indoda yenkemba") kusukela lapha kwatholakala igama elisha eThestamenteni eLisha - lokuthi "Iscariot."
Ngaleso sikhathi, baningi ababeqhamuka bezishaya uMsindisi kodwa kwabonakala ukuthi baqamba amanga.
Kodwa uJesu wayehlukile. Ngaphambi kokuba uJesu Aqale uhambo lwakhe lokuShumayela, kuzokhumbuleka ukuthi Wahamba Wayohlala ogwadule izinsuku ezingu-40 nobusuku - kanti kunalabo abathi uJudas wayengu 'sathane' owalinga uJesu.
Phezu kwalokho, wayefuna ukubona ukuthi ngabe uJesu UyiNdodana kaNkulunkulu yini.
Emva kwalokho kwalandela izinsolo zokuthi uJudas kungenzeka ukuba wayengomunye wabafundi bakaJesu abathembekile. Ngabe lokhu kwakungenzeka"
La kulapho kuqala khona indaba eyindida.
NgokweVangeli likaJuda - neminye imithombo yolwazi - uJudas wayengalaleli nje kuphela imiyalelo ngesikhathi ekhaphela uJesu, kodwa wathathwa kwabaningi ukuba athole ulwazi "oluyisipesheli".
Leli Vangeli elinamakhasi angu-26 lichaza uJesu Ethi kuJudas: "Phumela eceleni kwabanye ukuze Ngikutshele okoMbuso weZulu. Kungenzeka ukuba ufinyelele kukho, kodwa uzolila kakhulu."
Ngazo lezo zinsuku ezandulela iPhasika, uJesu Wathi futhi kuJudas: "Uzobedlula bonke ngoba uzonikela ngeNdodana kaNkulunkulu."
Abafundi beBhayibheli bathi, uJesu Wakhetha uJudas ukuze Amsize ukuba Akwazi Ukufezekisa izinhloso zokuba Aphume emzimbeni waseMhlabeni.
Ngakhoke uma uJesu Ethi esiDlweni sokuGcina, "Omunye wenu uzongikhaphela," Akaphrofethi, kodwa Ukhipha umyalelo!
"Lokhu kuyashayisana nendlela abekeka ngayo uJudas," kusho uMarvin Meyer ongumfundi weBhayibheli eChapman University eCalifornia nokunguye owasiza ekuhunyushweni kweVangeli.
"Indlela abekeka ngayo uJudas, uthathwa njengomJuda omubi owanikela ngoJesu ukuba abulawe."
Manje lokhu kubukeka sengathi akunjalo...
Kodwa uma lezi zinsolo ziliqiniso, ngabe ithini imiphumela yezinkolelo zalabo abangamaKholwa"
Uma ucabanga ngakho, ngisho ngabe uJudas kwakungumfundi kaJesu othembekile noma owesilisa owathengisa ngoJesu ngesiliva elingu-30, kodwa lokho akuyikhubazi inkolelo yalabo abangamaKholwa.
Kubona kusho ukuthi uJesu yiNdodana kaNkulunkulu Eyasitshela ukuba siphilisane ngoXolo Yaphinda Yafela izono zethu.[z]
BONA ZULU - June 2006
Ubunjalo bukaJudas
Isidlo sokuGcina
Umdwebo wodumo kaDa Vinci (ngenhla) ukhomba abafundi emva kokuba uJesu Ebatshele ukuthi kukhona ozoMthengisa. Kwesobunxele sikaJesu kukhona uThomas, uJames omdala noPhilip bebukeka bethukile; uMatthew noJude, babheke ngakuSimon becabanga ukuthi mhlawumbe angakuchaza okushiwo wuJesu. Ohlangothini olungaphesheya ekugcineni kwetafula, kukhona uBartholomew, uJames omncane no-Andrew, oseze waphakamisa isandla wukwethuka.
Manje sesiza kwelinye iqembu... Onentshebe nguPeter, uJudas onethunzi ebusweni. Uma ubhekisisa uphethe isikhwama esinesiliva. Ubani lo wesithathu ohlezi eduze kukaJesu. Abanye bathi wuJohn - abanye bathi ngowesimame uMary Magdalene okungenzeka ukuthi wayesondelene kakhulu noJesu...
Ngumlisa ozondwa kunabo bonke
ngokomlando - ngabe wamthengisa
ngempela uJesu uJudas"
BONA ZULU - June 2006
u
Ukuhlanganiswa kweBhayibheli
Nakuba iBhayibheli kuyi "Zwi likaNkulunkulu," kodwa umuntu unesandla emazwini afundwayo.
Zingaphezu kuka-50 izincwadi ezashiywa ngaphandle eBhayibhelini kanti ezikaMatthew, Mark, Luke noJohn akuzona kuphela izincwadi zeVangeli.
Ezinye zibandakanya iVangeli ngokukaThomas, Philip, Peter, Mary Magdalene nangokukaJudas.
Abefundisi abakhulu bazokutshela ukuthi lezi zincwadi zenqatshwa ngabafundi beBhayibheli bakudala ngoba becabanga ukuthi zazingenamaqiniso.
Abanye abefundisi bathi zenqatshwa ngoba ulwazi lwazo lushayisana nendlela yokuhunyushwa eyayithandwa abaholi besonto ngaleso sikhathi.
UBart Ehrman, oyinzululwazi yezenkolo eNyuvesi yaseNorth Carolina uthi: "Emzabalazweni wamaqembu amaKhrestu wokuthola abalandeli, linye kuphela elaphumelela lazithatha njengeliyilo kunamanye."
IVangeli likaJudas, ukwenza isibonelo, kwaziwa ukuthi laba khona ngaphambi kuka-AD180 - nokuyiminyaka engu-180 emva kokufa kukaJesu - ngesikhathi lihlonzwa njengeliyilo nguMbhishobhi Irenaeus waseLyon.
t
Ubunjalo bukaJudas
Uhambo olude
Umbhalo we-papyrus watholakala emgedeni eGibhithe ngo-1978. Wazungeza phakathi kwabathengisi isikhashana ngaphambi kokuthengwa ngomunye wabaqoqi bezinto zakudala eNew York, wawukhiyela ebhokisini eliphephile.
IVangeli likaJuda emva kwalokho lathengwa ngumdayisi waseSwitzerland ngonyaka ka-2000.
Ngokubonelela ukubaluleka kwalo nesimo elabe selikuso, walinika abeMaecenas Foundation For Ancient Art eBasel eSwitzerland.
"Lase liguge liphelile kangangoba lalingahlukana phakathi ngokuthintwa nje okuncane," kusho omunye wochwepheshe ababizwa ukuba bazolihlanganisa.
Sekuthathe iminyaka emihlanu ukulihlanganisa nokuba lihunyushwe ukuze kube yilo uqobo.
