zulu.2226.job
EZEMI SEBENZI
1 WENZE KAHLE
Wenze kahle umsebenzi wakho. "Zinikele emsebenzini wakho," kusho uMarty Nemko oweluleka ngemisebenzi. "Uzozizwa ukhululekile ngokukhuthala kwakho emsebenzini." Okunye: bheka indlela ongaphucula ngayo izinga lomsebenzi wakho - uqiniseke ukuthi uyatuswa ngokuzinikela kwakho.
2 VOLONTIYA
Ukuvolontiya wenze eminye imisebenzi - ikakhulu leyo abanye abangafuni ukuyenza - kuyindlela enhle yokukhombisa ukuthi uzinikele nokuthi unogqozi lokufunda konke okuphathelene nebhizinisi," kusho uRoman van Niekerk wakwaKelly inkampani etholela abantu imisebenzi.
3 LALELA
"Sonke sicabanga ukuthi siyalalelisisa," kusho uNemko. "Kodwa kubo bonke abantu obaziyo, bangaki abalalelayo" Kungenzeka ukuthi nabanye bakubuka kanjalo bathi awulaleli.
"Ukulalela kunzima. Kudinga ukuba ube nesiqiniseko sokuthi ukuzwa kahle okushiwo omunye umuntu, ubheke nokushintsha kwakhe amasayini uma ekhuluma uthole nokuthi uqondeni ngenkulumo yakhe.
"Lokho akusho ukuthi ungahlala ulungiselele inkulumo."
4 UNGATATAZELI
Ukwenza umsebenzi wakho ngokukhululeka ungatatazeli uma nimatasa kakhulu kukhomba ukuthi uyakwazi ukusebenza ngaphansi kwengcindezi.
5 GCINA ISIKHATHI
Elinye ikhambi lokuphucula izinga lokusebenza elokusebenzisa isikhathi ngendlela efanele. "Umqashi wakho uzoqaphela ukuthi uyasihlonipha isikhathi senkampani nokuthi awunankinga ngokusebenza amahora angeziwe," kusho uVan Niekerk.
"Fika ngesikhathi esifanele emsebenzini, uhambe sesidlulile isikhathi okufanele uphume ngaso, ngisho noma ungahamba emva kwemizuzu engu-15 sishayile isikhathi sokuphuma. Yidla isidlo sasekuseni esizokusuthisa ukuze ungajahi ukuthola ithuba lokuphumela phandle uyobheka ozokudla singakashayi isikhathi sesidlo sasemini.
"Uma uthatha ikhefu lokudla, tshela umqashi wakho ubuye ngesikhathi esifanele."
UNemko uthi imihlangano iyasidla isikhathi. Uthi kufanele nizibuze ukuthi yikuphi okungcono ukuya kuyona nokuthumela ama-e-mail...
OKOKUGCINA...
"Enye indlela yokuthola ukuthi umsebenzi owenzayo usakufanele yini wukubheka iCV yakho uzibuze ukuthi yini entsha oyenzile ezinyangeni ezingu-12 ezidlule ongayifaka kuyona," kusho uLiz Ryan, owayengundabazabantu nongumsunguli weWorldWIT, inhlangano yabesimame.
"Uma kungekho okusha okwenze onyakeni odlule ongakufaka kwiCV yakho, mancane amathuba okuthola isikhundla esisha." [z]
BONA ZULU July 2008
ONGAKWENZA
ukuze ukhushulewe kwesinye isikhundla
Ochwepheshe bathi ukwenza umsebenzi wakho ngendlela ehlukile, njengokulalela ube nobubele kwabanye, kungenza ukuba ukhushulelwe kwesinye isikhundla emsebenzini...
Indaba THANDI ZULU
