zulu.2196.python
Izinyoka e-pub
ZOMBILI zineminyaka emibili. Impilo yazo ziyichitha e-pub kodwa iningi labantu abaphuza lapha abanendaba nazo. Zinikwa ukudla njalo ezinsukwini cishe ezilishumi. Lezi zinyoka uHoudini noCecelia ziyakhombisa ukuthi ziyayithokozela indlela eziphathwa ngayo.
Uyabona uHoudini noCecilia yizinhlwathi zohlobo lweBurmese. Zishaya isisindo esingu-45 kg iyinye kanti ubude bazo bungamamitha amathathu.
Kuyothi lapho sezizindala cishe ngeminyaka yo-2030 zibe sezinesisindo esingango-100kg iyinye, ubude mhlawumbe sebungamamitha amahlanu.
"Yizilwane ezithandekayo," kusho uCraig Exall ogcina lezi zinhlwathi ethangeni lazo e-pub yakhe eThekwini. "Sekuphele iminyaka elishumi nginezinhlwathi zohlobo lweBurmese kodwa sezingilume kabili nje vo. Kuzo zombili lezo zikhathi kwakuyiphutha lami, ngoba angiziqaphelanga izimpawu ezingixwayisayo ezivame ukuba khona.
"Uma zidiniwe, imiqala yazo imisa okuka-S, izinyama zazo ziqine. Lapho-ke kungcono uzishiye zodwa usuku noma izinsuku ezimbili."
UCraig uvame ukukhipha izinyoka zakhe azihambise eYellowwood Park enxanxatheleni yezitolo nokuyilapho i-pub yakhe ikhona. Uhamba kanjani nezilwane ezingenamilenze"
"Uyidonsa ngebhande," kusho yena.
Kulula kona uma ukucabanga. Lezi zinyoka aziyi ezimotweni ezidlulayo, kodwa abasuke bezothenga bayazesaba uma zizihambela ngokwazo.
UPrincess Sikotoyi usebenza kule-pub, nakuba engenandaba nalezi zinyoka kodwa akafuni ukusondela kakhulu kuzona.
"Ekuqaleni ngangesaba, kodwa manje sengizijwayele," kusho yena ehleka.
"Angithandi ukuzithinta kakhulu, ngoba angikwazi ukuzibona uma sezidiniwe."
UCraig uyazidedela izinhlwathi zakhe zizizulazulele ngaphakathi e-pub yakhe amahora ambalwa osukwini. "Zihamba e-bar noma emashalofini noma ziqalaze ngamafasitela, kodwa ngokuvamile ziyazihlalela," kusho intombi yakhe uRagan Porrill. "Noma ngubani angazithinta, kanti azicasuki."
Akulula ukusho ukuthi lezi zinhlwathi ziyawadonsa amakhasimende noma ziyawaxosha, kodwa uCraig ukholwa wukuthi zenza umsebenzi omuhle wokuwadonsa.
"Abanye abantu bafikela ukuzozibuka, ngenxa yokuthi bayazesaba, abasondeli eduze kwazo. Emva kwezikhathi ezimbalwa bezibukela kude, bacela ukuzithinta."
Izikhathi zokudla zikhomba ngokusobala ukuthi izinyoka aziyona ingozi njengoba zibukeka. "UCecilia nguye onolaka kakhulu," kusho uCraig.
"Ngesikhathi ngifaka unogwaja kwi-tank yakhe, uvele awulume. Uluma ngokukhulu ukushesha - ukuluma okukodwa nje kuphela, uzwa sengathi ushaywa yindoda endala. Ngayibona izithandela kathathu kunogwaja."
'Inyama' yenhlwathi ifa ngokukhulu ukushesha ngoba ivele iyicine ngamakhulu amandla ukuze igazi lingahambi, ife ngokukhulu ukushesha. Emva kwalokho inyoka iyayigwinya yonke iqale ngekhanda.
Iningi labantu likholwa wukuthi izilwane ezingaka zingadla abantu, kodwa akunjalo. Ngisho nezingane ezincane zingaba zinkulu ekutheni zingagwinywa yinhlwathi.
Uma inhlwathi iqala izithandela emzimbeni walowo osuke eyiphethe, kufanele omsizayo ayiqaqe ngokushesha ngokuba ayibambe ekugcineni lapho kungekho mazinyo ayiqaqe. "Uma izinyoka zami zisemnyango, ngizibheka ngeso lokhozi, kodwa asikaze sibe nenkinga," kusho uCraig.
UCraig wayenezinhlwathi zohlobo lweBurmese ezingu-18, kodwa manje ziyisishiyagalombili.Ekhaya unenesisindo esingu-100kg enkulu okungelula ukuthi angayiletha e-pub. "Leyo ithwalwa abantu abathathu," kusho yena.
Nakuba u-Houdini no-Cecilia bechitha isikhathi sabo esiningi bezihlalele ethangeni labo lamagilasi elingeke lanele ngisho ikati noma unogwaja - kodwa bezwana kahle kakhulu kangangoba uCecilia njengamanje usekhombisa izimpawu zokukhulelwa. [z]
BONA ZULU - February 2006
KWESOKUDLA: uRagan noCraig nenye yezinhlwathi zabo.
KWESIKHULU: Lena iyona ndlela okhipha ngayo inhlwathi yakho.
Izinyoka!
indaba nezithombe nguGAVIN FOSTER
eyisipesheli
Le-pub inento
edonsanayo...
NGENHLA: U-Dave Todd umnini we-pub ebuka inhlwathi eduze.
BONA ZULU - February 2006
KWESOBUNXELE: Maduze noma emva kwesikhathi, ngisho ngabe bazisaba kanjani izinyoka, kodwa bafuna ukuthinta eyodwa yalezi zinhlwathi
