zulu.2191.school
BONA ZULU - May 2008
►
Viva Mbilwi! Viva!
Ezweni lonke kukhalwa ngokuthi wukushoda kwezinsiza-kufunda okwenza ukuba imiphumela yebanga leshumi ingagculisi. Kodwa emaphandleni kwelakwaVenda, kukhona isikole esingakholelwa ekubekeni izaba. Sekuphele iminyaka engu-20 iMbilwi Secondary School ikhipha imiphumela emihle yebanga leshumi. UNEVILLE MAAKANA ulibangise eThohoyandou eyozwa ukuthi yini imfihlo yalesi sikole…
BABENGENAYO i-library ne-laboratory kanti nezindlu zangasese zazingekho esimweni esihle ngaphambi kukaMarch 2006, kodwa eminyakeni engu-20 edlule iMbilwi Secondary School eThohoyandou eLimpopo isikhiphe imiphumela yebanga leshumi emihle.
Ekupheleni kuka-2007, bangu-117 abafundi abaphase i-maths ku-higher grade. Zingu-13 kuphela izikole ezenze lokhu zaze zafakwa kwi-100 Club kaNaledi Pandor onguNgqongqoshe wezeMfundo.
Uhlelo lwe-100 Club lwasungulwa ngo-2006 ukukhuphula izinga lokuphaswa kwe-maths ku-higher grade. Izikole ezikule-club zithola u-R25 000 ovela kwaFirst National Bank no-R25 000 ovela eMnyangweni wezeMfundo.
I-Mbilwi Secondary School enezifundo ze-maths nesayensi yathola o-distinction abangu-177 ngonyaka odlule.
UBONA wavakashela lesi sikole uyothola ukuthi iyini imfihlo yaso.
“Njalo ngesonto sivakashelwa abantu abasuke befuna ukwazi ukuthi impumelelo yethu ilele kuphi,” kusho uNditsheni Ramugondo onguthishanhloko .
Odongeni ehhovisi lakhe kulenga izitifiketi kanti kukhona nezinkomishi ezingaphezulu kuka-80 eziwinwe yisikole sakhe.
Ukuzinikela
“Kulesi sikole, othisha nabafundi bayazikhandla,” kusho yena. Ukuzikhandla kuzala impumelelo kanti nokusebenza kothisha, abafundi kanjalo nabazali ngokubambisana kuyasiza.
Akekho umfundi okumele enze isifundo ku-standard grade kanti kumele kushaye u-August ama-syllabus eseqediwe – lokho kubanika ithuba lokubukeza izifundo.
Uma isikole sesiphumile, abafundi bahlala imizuzu engu-80 betadisha.
“Othisha abasalele ngemuva kwi-syllabus bangasebenzisa leso sikhathi ukukhava izifundo kanti nabafundi bathola ithuba lokusizwa ezifundweni zabo,” kuchaza uRamugondo.
Njengoba lesi sikole sidume ngokukhipha amamaki amahle kwi-maths nesayensi eLimpopo, siheha abafundi abaliqhamukisa eMpumalanga naseGauteng.
Ngesikhathi kuvulwa izikole kulo nyaka, uRamugondo uthi kwadingeka ukuba aphindisele emuva abafundi abangaphezulu kuka-500 ngenxa yokushoda kwamakilasi.
Lesi sikole sinabafundi abangu- 1 785 abampintshene emakilasini angu-31.
“Akufundisi izinsiza-kufunda,” kusho uRamugondo. “Angikaze ngiyibone ikhomphyutha noma i-library ingena ekilasini ifundisa.
“Udinga abafundi abafuna ukufunda nothisha abawukhuthalele umsebenzi wabo ukuze uphumelele.”
Impumelelo
Omunye wabafundi abaphasa ngamalengiso eMbilwi ngonyaka odlule nguTshimangadzo Rakhuhu oneminyaka engu-18 owathola o-distinction abahlanu waphasa kahle i-maths nesayensi.
Manje wenza i-actuarial science e-University Of Cape Town kanti uthi wakhuthala phezu kokukhulela kwakhe ebuphofini behlala endlini encane.
“Ngangitadishela ekhishini,” kusho yena.
U-Ronald Shikhitha ofundisa i-maths uthi baphumeleliswa wukubhala ama-test nokusebenzisa amaphepha emibuzo amadala.
“Kulesi sikole othisha nabafundi benza okufanele bakwenze,” kuqhuba yena.
U-Thelma Tshilande (17), owenza uGrade 12, uthi abafundi bayancintisana, akekho umfundi ofuna ukuhlulwa omunye. “Kodwa lokho kuhle. Sonke sisebenza ngokuzinikela ukuze igama leMbilwi lihlale lilihle,” kusho yena.
U-Ethel Shavhani ongumzali owakhelene nalesi sikole uthi uRamugondo uyisibonelo esihle.
“Ufika kuqala ekuseni, agcine ukuhamba ntambama,” kusho yena.
U-Aaron Motsoaledi onguNgqongqoshe wezeMfundo eLimpopo waphawula kanjena emva kokuvakashela lesi sikole ekuqaleni kwalo nyaka: “Kukhona izikole ezingenzi neze kahle kodwa emva kokuvakashela eMbilwi uyalwethemba uhlelo lwezemfundo nothisha.
“IMbilwi iwumthombo wethemba osogwadule losizi.”
NewsFirst
Imisebenzi emihle
Impumelelo yeMbilwi…
■ Eminyakeni engu-29 savulwa isikole saseMbilwi sikwazile ukuphasa u-matric ngaphezulu kuka-80%.
■ Saphasa ngo-100 percent
ngo-1995, 1996, 1997,
1998, 1999, 2000, 2002,
2003, 2004, 2005 no-
2007.
■ Ngo-2001, sabizwa ngesikole esingcono kakhulu ezweni.
■ Ngo-2000, umfundi waseMbilwi wabamba iqhaza kwi-United Nations General Assembly Mock Debate eNew York.
■ Ngo-2006, abafundi ababili baya eWashington DC emva kokuwina iYoung Communicators Award Competition.
INDABA NEZITHOMBE NGUNEVILLE MAAKANA
UDABALWEMPUMELELO
Lesi sikole siyilungu le-100 Club kaNaledi Pandor onguNgqongqoshe wezeMfundo ayisungula ngo-2006 ukukhuphula izinga lokuphaswa kwe-maths ku-higher grade.
BONA ZULU - May 2008
◄
Izeluleko zika- Ramugondo
1. Qala ukulungiselela izivivingo ngosuku lokuqala.
2. Ungalovi esikoleni.
3. Funda ngokuzimisela. Yenza i-homework, umsebenzi wasekilasini nama-test nyanga zonke ngokuzinikela.
4. Zihloniphe, uhloniphe othisha nabazali.
5. Bamba iqhaza ezintweni ezinjengezinkulumo-mpikiswano nasemincintiswaneni ye-maths nesayensi.
BONA ZULU - May 2008
Leyo naleyo ngane inokuthile engakwenzela umhlaba
Yisikhathi sekhefu eMbilwi.
▲U-Thelma Tshilande (kwesobunxele) noBooi Mpho bese-laboratory esanda kwakhiwa.
Indoda eneqhinga
Uyisibonelo esihle…
UNditsheni Ramugondo wathola iziqu zeB. Sc ne-University Education Diploma eNyuvesi yaseFort Hare ngo-1984. Njengamanje wenza iMBA eManagement College Of South Africa.
Wayefundisa ekolishi ngaphambi kokuba nguthishanhloko waseMbilwi Secondary School ngo-1992.
Uma ephawula ngesimo sezemfundo eSA, uRamugondo uthi ukungakheki kwezimilo kubafundi nokungaqeqesheki kahle kothisha kuyakhathaza.
“Ngicabanga ukuthi sigxila kakhulu emiphumeleni kaGrade 12. Esinye sezizathu esenza ukuba abafundi bafeyile kuGrade 12 wukuthi amabanga aphansi awanakwa kakhulu,” kusho yena.
“Ngeke ulindele ukuthi abafundi baphase uGrade 12 kalula bengazange baphekwe kahle emabangeni aphansi.”
Uthi eminyakeni engu-22 enguthisha, ufunde ukuthi akekho umfundi ongahlakaniphile.
“Leyo naleyo ngane inokuthile engakwenzela umhlaba.” kusho yena. “Thina njengothisha kufanele sizisize ukuze zicije amakhono namathalente azo.”
Yimuphi omunye umsebenzi angathanda ukuwenza ngaphandle kokuba nguthishanhloko?
“Awukho. Ngiwuthanda kakhulu umsebenzi wami. Engikuthanda kakhulu ngawo wukuthi ngishintsha izimpilo zabantu,” kusho yena. “Eminyakeni emihlanu ezayo ngiyazi ukuthi iningi labafundi bami liyobe lihola imali ephindaphindeke ka-10 kulena engiyiholayo. Ngiziqhenya kakhulu ngalokho!” [z]
BONA ZULU - May 2008
