ZULU.2189.free
10 AMAPHAKETHE EZIPHO
Amateku amahle!
Ochwepheshe bokunakekelwa kwezicathulo bakwaKiwi banazo zonke izixazululo zezinkinga zezicathulo zakho zezemidlalo. Ama-Takkie Brite amasha yi-gel ewuketshezi eyenzelwe ukuhlanza amateku kanti sekutholakele ukuthi iyawususa udoti iqede namaphunga amabi, igcine amateku akho enuka kamnandi isikhathi eside.
I-Takkie Brite iphephile kanti ungayisebenzisa kunoma yisiphi isikhumba esinombala, i-canvas, i-nylon, i-rubber, i-vinyl, noma i-nylon mesh.
Sukuma kuqala uziwinele umklomelo wokuqala walesi simanga sokuhlanza amateku akho.
Abafundi bakaBONA abalishumi bazothola isipho se-Takkie Brite esibiza R400 umuntu emunye. Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulelwa owenhlanhla, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini uyithumele kuleli kheli: BONA/Takkie Brite Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma u*SMSe TAKKIEBRITE ku-35919.
BONA ZULU – March 2007
AMATHIKITHI EKHONSATHI
Umculo we-jazz
Uma ungumthandi we-jazz, sikuphathele i-jazz engasukumi kwelase-Africa i-Cape Town International Jazz Festival ka-2007.
Kule festiveli kuzokuba khona iziteji ezinhlanu nezihlabani zabaculi abangaphezu kuka-40 kubandakanya nabaphesheya. Ezinye zezihlabani ezizobe zikule festiveli sezake zaba khona kuyo phambilini kubandakanya u-Youssou N’dour, Randy Crawford, George Duke, Archie Shepp, Andreas Vollenweider nezakuleli ezifana noHugh Masekela noMiriam Makeba.
Kulo nyaka le festiveli izokuba ngomhlaka 30 no-31 ku-March eCape Town International Convention Centre, ngakhoke kufanele usheshe - UBONA unomtitilizo wamathikithi esamba sika-R4 000 onikezela ngawo.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuzitholela owodwa wale mititilizo, *SMSa JAZZ ku-35919.
Usuku lokuvalwa kwemingenelo ngumhlaka 12 March, nokuyothi emva kwalokho kutonyulwe amagama abafundi abaphumelele bese futhi baziswa ngocingo. Qaphela: Lo mtitilizo awubandakanyi izindleko zebhanoyi, ezinye izindleko zokuhamba noma zendawo yokulala.
Imititilizo
Usuku lokuvala (ngaphandle komtitilizo weJazz Festival): ngumhlaka 30 March 2007.
*(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
60 AMAPHAKETHE
Nika izingane zakho umdlandla
Izingane eziningi ezikhulayo zingenwa wumkhuba wokungadli kahle lapho zidinga kakhulu ukudla okwakha umzimba. Ngosizo lwe-Turbovite School Tablets uzoba nesiqiniseko sokuthi izingane zithola zonke izakhamzimba ezizidingayo ukunika izingqondo zazo umdlandla nokukhula komqondo kuqine namasosha omzimba.
Lawa maphilisi ahlafuneka kalula azwakalisa okwe-strawberry kanti aqukethe ama-vitamin, ama-mineral, i-antioxidants, Omega-3 oil nama-amino acid akhethiweyo kanti ayatholakala emakhemisi.
UBONA unamaphakethe angu-60 abiza R60 lilinye onikezela ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni lokutonyulelwa owenhlanhla, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini bese uyithumela kuleli kheli: BONA/Turbovite Tablets Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140 noma u*SMSe TURBOVITE ku-35919. [z]
4 AMAHAMPA
Okwethenjwa ngomama
Imikhiqizo yakwa-Elizabeth Anne’s isiyazakhela elikhulu igama ekunakekeleni omama nabantwana ngezindlela eziphephile ezizukulwaneni ngezizukulwane, kanti kumanje abale mikhiqizo banikezela abafundi abane ithuba lokuwina ihampa ka-R1 000 equkethe imikhiqizo yabo yokunakekelwa kwezingane kanjalo nochunge lwe-Soothing Touch oluqukethe i-vapour gel, arnica gel ne-cradle cap cream okungukhilimu wezingqweqwe zenkwethu (ukuze kuphele ukungaphatheki kahle okhakhayini).
Ukwengeza ekuthokozeni komntwana - uzophinde athokozele amahora enjabulo nge- Fisher-Price 2 Ocean Wonders ‘Kick and Crawl’ Aquarium.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuthola eyodwa yalawa mahampa, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini ukuthumele kuleli kheli: BONA/Elizabeth Anne’s Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma u*SMSe ELIZABETHANNES ku-35919.
Izipho zika-
R16 000
Usuku lokuvala:
30 September 2007
BONA – August 2007
