zulu.2188.yourstyle_beautynews
Ezobuhle
Okusesitayeleni, izeluleko nemikhiqizo emisha
Okumele ube nakho esikhwameni sakho sasebhishi
Uma uzokuba selangeni isikhathi eside, ungayilibali imikhiqizo eneSun Protection Factor (SPF). Ukuba selangeni kungasishisa isikhumba sakho sisheshe siguge, sibe nezishishili ezimnyama.
■Rimmel London Bronze Beauty Moisture Renew Lipstick SPF20 (R69,95).
■ Nivea Invisible Protection Transparent Spray SPF30 (R99,99).
■ Palmer’s Cocoa Butter Formula With Vitamin E Body Lotion SPF15 (R63,50).
Konke kutholakala ezitolo ezikhethiweyo.[z]
OKUTHANDWA NGUMHLELI
Zenzele imali
AbakwaWatkins Valeur
benza imikhiqizo
yokugeza, yezinwele, izimonyo, imikhiqizo yesikhumba neziqe-daphunga.
Ungazitholela imali
udayise imikhiqizo yakwaWatkins.
Ngeminini-ngwane shayela ku-021-532-2640 noma ku-0860-101-186.
UBUHLE BAKHO
IZINDABA
USAZIWAYO
U-Gerry Elsdon usomabhizinisi ozwana nokuhlanganyela nabanye, usemkhankasweni wokusebenzisa ubuhle bakhe ukuze kusizakale abanye. Njengesihlabani esisha esikhulumela abakwa-AVON South Africa uhlele ukuqwashisa abantu ngomdlavuza.
■ Ngikhulele…
E-Cape Flats. Ngila ngikhona manje ngenxa yokusebenza kanzima, yokuzethemba nokwethemba uNKULUNKULU.
■ Ukuba yisihlabani…
Kusho ukuthi abanye kufanele bangihalalisele kwengikuzuzile. Ngayeka ukusebenza kwiTV ngoba ngangifuna ukuzama okwehlukile ngibe wusizo esizweni sakithi.
■ Umsebenzi wami njengokhulumela abakwa-AVON…
Owokusiza abe-AVON Justine iThemba Breast Cancer Crusade For Hope ngokuqwashisa abantu.
■ Okunye engikuthandayo…
Wukuqwashisa ngeTB ngisebenze nezinhlangano ezinjengeCHOC ne-Othandweni Children’s Home.
■ Umkhiqizo wakwa-AVON engiwuthandayo…
Yi-AVON Solutions Body Bust Sculpting Cream.
Xhumana nabakwa-AVON ku- 0860-102-345.
Nihlanganiselwe nguPippa Alcock
Izithombe: Andrea Caldwell
▲Baze babahle - u-Uyanda Mbuli, Sizwe Dhlomo noJo-Ann Strauss.
Umcimbi ofanele ‘inkosazana’
Abe-Impulse basanda kwenza isiphihli sephathi yeMasquerade Ball eSummer Place eGoli. Osaziwayo baseMzansi babefake ama-musk bezifihlile bezihlome nangezimpaphe. Phakathi kwabo singabala u-Uyanda Mbuli, uSizwe Dhlomo weMTV, uMbali Mlotshwa, umethuli wezemidlalo uCarol Manana, uCriselda Kananda wakwaBONA noKhanyi Mbau. UJo-Ann Strauss owayenguMiss SA nguye owayenguMC kunandisa neqembu lomculo lakuleli elashaya into ecokeme.
▲UCarol Manana nophathini wakhe uZosukuma Kunene.
◄UKhanyi Mbau wayebukeka njenge ‘nkosazana’
