zulu.2167.spa
ABANTU BAKITHI
Ukusiza ukuze uzisize
ESENGUMFANA esakhula endaweni yaseKamberg, u-Elliot Ndlovu wayenothando lwezimbali. Ngabe kwakuyiziphi lezo zimbali? Nakuba wayengakazi ngaleso sikhathi, kodwa kwakuluphawu lokuthi ngelinye ilanga uyoba yinyanga. Kuncane ayekwazi ukuthi ngelinye ilanga uyohlangana nomongameli waseSouth Africa nendlovukazi yaseNgilandi acobelelane nabo ngezimbali ezingamakhambi okwelapha.
Ubizo lwamfikela ngesikhathi esebenza eMooi River nokuyilapho aqala waqeqeshwa ngesinye isangoma uma engasebenzi.
Ekuqeqeshweni kwakhe, izimbali zaziyingxenye yalokho - namuhla usezakhele elikhulu igama ngolwazi lwakhe lwezimbali ezingamakhambi.
Wayeyisimenywa etafuleni labaseSouth Africa embukisweni wezimbali eChelsea eLondon nokuyilapho athola ithuba lokuhlangana noQueen Elizabeth kanti namuhla ungomunye wabaqondisi beFordoun Spa.
Udumo lweFordoun lungenxa yochunge lwemikhiqizo eyenziwa yathuthukiswa nguNdlovu esebenzisa ezinye zezitshalo ezingaphezu kuka-120 azitshala ngokwakhe egcekeni.
Ukwenza isibonelo, kukhona nekhambi lokukilina ukhuculule lisebenzisa usawoti nomhlonyana.
Lokhu kulandelwa wukusebenzisa iLabatheka kanjalo nowoyela i-marula.
Umhlonyana usetshenziselwa ukwelapha ukugula okuphathelene nezinkinga zokuphefumula ezifana nokukhwehlela, ukucinana, ukuvaleka kwamakhala nemfuluwenza. ILabatheka yona isetshenziselwa ukukunika amandla emzimbeni, amaqhubu, eczema, isifo samathambo nokunye ukugula.
IMarula oil, ithambisa isikhumba.
Amanye amakhambi okwelapha enziwa nguNdlovu ewenzela iFordoun uwasebenzisa neLenotis Leonaris, noma i"Wild Dagga," ukwelapha ukugula okuncikene ne-stress. Kukhona futhi namakha akhe awenzele abantu besimame.
"Ikhambi elihle yilelo elikukhumbuza umuntu wesimame ngisho sekuphele isikhathi eside edlulile," kusho uNdlovu ekhuluma ngomkhiqizo wamakha akhe iMa'Ndlovu ayenza ngokukhuthazwa wuthando lwakhe lwezimbali zase-Africa.
UNdlovu uyathanda ukucobelelana ngolwazi lwakhe lakholelwa kukhona empilweni.
"Khumbula ukuthi noma yimuphi umcimbi empilweni yakho usuke uxhumene nomunye ozolandela. Noma ngubani ohlangana naye empilweni yakho angakwenza ukuba uguqule impilo yakho ngezindlela ezihlukene. Ngakhoke zethembe ukwazi ukubhekana nesimo," kusho yena.[z]
Ukuvakashela iFordoun noma ufuna ukuthenga imikhiqizo yabo, shayela kule nombolo: 033-266-6217.
BONA ZULU September 2008
Lesi sangoma sinosizo oLusha sibe sisebenzisa amakhambi akudala... indaba nguThandi Zulu
Isangoma u-Elliot Ndlovu usenze imikhiqizo yakuleli yokukwenza ubukeke kahle futhi uzizwe uphatheke kahle.
