zulu.215.beauty
YIBA
NAMEHLO APHAPHATHEKILE
BONA ZULU June 2008
BUKEKA KAHLE
Kubukeka kunzima ukuphaphathekisa amehlo nge-make-up yakho, kodwa akunzima neze! Ngokuzilungiselela, ulandele lezi zinyathelo eziyisikhombisa ezilula, ungabukeka ngale ndlela ngokushesha. Indaba Charis Dawson, izithombe Ivan Naude, iziphaqulo Nthato Mashishi umkhangisi Mmatsatsa Rampa
OKUMQOKA ekubukekeni ngale ndlela wukusebenzisa okuzogqamisa amehlo kodwa ungafaki lutho ebusweni. Ezindebeni akufanele ufake umbala ogqamile ozogqiba owufake emehlweni, uma unamabala ebusweni, faka okuzowafihla.
Kuliphutha ukucabanga ukuthi kufanele ubukeke ngale ndlela kusihlwa kuphela. Nasemini ungakwenza lokhu – faka i-eyeliner kancane, ufake i-eyeshadow enombala ogqamile emehlweni, ezindebeni ufake umbala ozothile. Esikhundleni se-eyeshadow e-dark grey, sebenzisa e-dark green noma e-blue, noma usebenzise i-eyeshadow ecwebezelayo ufake i-gloss ezindebeni.
Okudingayo Ukuze
Amehlo Aphaphatheke
■ I-eyeshadow e-pale silver, ne-dark grey (Zama iBlack Onyx Duo No. 350, R19,95 etholakala ezitolo zakwaDischem)
■ I-eyeliner pencil emnyama (Zama iDisco No. 1 Eye Pencil R9,95, etholakala ezitolo zakwaDischem)
■ I-liquid eyeliner emnyama (Zama iBlack Onyx No. 421 Liquid Liner R25,95, etholakala ezitolo zakwaDischem)
■ I-mascara emnyama (Zama: iBlack Onyx Long Lash Mascara R39,95, etholakala ezitolo zakwaDischem)
STEP 1
Faka i-eyeshadow e-pale silver emehlweni, yifake kusukela ezinkopheni uye ngenhla kweso njenge-coat yokuqala. Qala nge-coat engagqamile.
STEP 2
Sebenzisa i-eyeliner pencil, udwebe umugqa ogqamile emashiyeni. Qiniseka ukuthi uwudweba uhambe phezu kwamashiya ukuze ugqame kahle.
STEP 3
Uma usuqedile ngenhla kweso, dweba umugqa ongagqamile eduzane kwezinkophe ngezansi. Qaphela ukuthi awugqami kakhulu lowo mugqa ngoba ungaphenduka inhlekisa!
STEP 4
Ukuze amehlo akho agqame kahle, dweba omunye umugqa ngenhla esweni usebenzise i-liquid eyeliner.
STEP 5
Thatha i-eyeshadow e-dark grey uyifake endaweni eshwabene esweni ngenhla nangezansi. Yifake kube sengathi ingena ngaphakathi esweni (kunokuyifaka uyikhiphele ngaphandle kwalo), ukuze u-powder ungatheleki ebusweni.
STEP 6
Sebenzisa ibhrashi lakho le-eyeshadow, ugcobe i-eyeliner ngenhla nangezansi kweso, ukuze i-liner ne-eyeshadow kuhlangane kahle.
STEP 7
Okokugcina, faka i-mascara kakhulu ezinkopheni ezingenhla uyifake kancane kwezingezansi.
Manje usungaphumela ngaphandle uzijabulise! [z]
BONA ZULU June 2008
