zulu.2149.walter
Unkulunkulu UngiBusisile!
Sixoxisane noWalter Mokoena
WAYEMUHLE egqoke kahle kubonakala ukuthi uyinsizwa ezithandayo uWalter Mokoena. Ngendlela ayemuhle ngayo wawungafunga ukuthi ukhangisa ngezimpahla zefeshini ephephabhukwini. “Ubuso bakho ngibujwayele,” kusho owayekuleli hhotela esasizohlangana kulona nale nsizwa eyixhawula.
Yimpilo aseyijwayele lena uWalter. Kodwa uthi ubona ukuthi useyisihlabani ngempela uma izintombi seziziphonsa kuyena zingagcini ngokumanga nokumxhawula nje kuphela.
Usesakaze imidlalo yama-Olympics emibili, iRugby World Cup ka-2003 kanye nemidlalo yeNdebe yoMhlaba eGermany ngo-2006. Uthi u-2010 uyofika esesakaze imidlalo engu-400 kwiTV.
Akumangalisi ukubona ukuthi abaningi bayabazi ubuso bakhe.
Uneminyaka engu-29 kanti kuyamgculisa asekuzuzile okungathatha abanye iminyaka eminingi ukuthi bakuzuze. Usecabanga ukuwuyeka umsebenzi awenzayo ukuze abhekane nezinye izinselelo.
Kulula kabi akholelwa kukona: “Kufanele uyeke okwenzayo usakwenza kahle.”
U-2010 ubalulekile
Emva kokuchitha izinsuku ezingu-30 e-Athens emidlalweni yama-Olympics, wathunyelwa eRio de Janeiro eyoxoxisana no-Carlos Alberto Parreira engakabi ngumqeqeshi weBafana Bafana ngaleso sikhathi.
KuWalter unyaka ka-2010 awugcini ngokubaluleka emlandweni webhola kuleli kuphela kodwa ubaluleke nakuyena. “Kuyobe sekuphele iminyaka engu-10 ngenza lo msebenzi nokuyisikhathi enganginqume ukuthi ngizowuyeka ngaso,” kusho yena.
Emva kwalokho uyogxila enkampanini yakhe yokuphathwa kwezemidlalo asevele eyivulile.
U-Happy Jele, odlala emumva; uMandla Masango, obukeka ethembisa kwiKaizer Chiefs, kanye noDennis ongumfowabo kaWalter omncane babalwa kubadlali abasizwa yinkampani yakhe.
UMasango, abambiza ngokuthi wu “Kaka” usezakhele igama kwiChiefs, uDennis Mokoena udlalela iMaritzburg United kanti wake wadlala naku-Under-20.
Laba badlali babedlala kwiWalter Stars, iqembu elasungulwa eminyakeni eyisithupha edlule elidlala kwiVodacom League uMokoena alisungula noBongani Mabilisa owayenguthisha wakhe.
Leli qembu useyalidayisa: “Anginaso isikhathi sokwenza umsebenzi wami ngokuphelele kuleli qembu ngenxa yezinye izinto engizenzayo. Ngibona kungumqondo omuhle ukuthi ngilidayise.”
Uphila ngemidlalo
Izinto ziyihambela kahle le nsizwa endala ezinganeni ezine zikaGerman noBetty Mokoena eyazalelwa eBushbuckridge, eLimpopo, yagcina isihlala eMiddelburg eMpumalanga.
Ubaba wakhe uGerman usenza umsebenzi wakhe wokudiliva izinkwa kanti umama wakhe uBetty usasiza ekhaya likathishanhloko wase-boarding school.
“Sasinganothile ekhaya. Emva kokuba sengiqede u-matric ngo-1996, ngaya eCape Town ngiyozama inhlanhla ebholeni,” kusho yena.
Wake wahlolwa yiCape Town Spurs kanti ngaleso sikhathi wayedlala esiswini ekwazi nokuvimba ezintini. KwiSpurs kwakusadlala abadlali abanjengo-Ian Gorowa, oseqeqesha iMoroka Swallows, kanye noDavid Modise.
“Ngaya eCape Town ngoba ngangibona bonke abadlali beya eGoli,” kusho uWalter.
Akaphawulanga kakhulu ngokudlala kwakhe ebholeni elikhokhelwayo kanti wathi: “Engingakusho nje wukuthi ngacishe ngaba nenhlanhla.”
Ukungaphumeleli kwakhe ebholeni kwamvulela amathuba okuba asakaze ezemidlalo. Wake wasakaza okwesikhashana kwiKaya FM eJozi emva kwalokho wazakhela igama njengomethuli wezemidlalo kwiTV!
“Kuyangithokozisa okwenzeka empilweni yami. KuyisiBusiso esiVela kuNKULUNKULU. Ngangingazi ukuthi Uzoba Muhle kaNgaka empilweni yami,” kusho uWalter.
“Feza amaphupho akho. Sonke sinobizo lwethu. Akufanele uvumele ukudikibaliswa yizinto ozwa zikhulunywa abantu ngawe,” kusho yena eluleka intsha efuna ukuhamba ezinyathelweni zakhe.
Yile nkolelo yakhe emenze wahlangana nezingwazi zebhola ezinjengoJomo Sono, Kalusha Bwalya, Bob Arum, Jose Sulaiman… nabanye. [z]
BONA ZULU – November 2007
Uselungele ukuqhubekela phambili abhekane nezinye izinselelo – ngokusho kwakhe, “kufanele wenze njengoZinedine Zidane, uyeke okwenzayo usakwenza kahle” – kodwa okwamanje usengumethuli wezemidlalo odumile ezweni
U-Mr Cool – uWalter uthi usalindele usuku lapho eyobona izintokazi ziziphonsa kuyena zingagcini ngokumanga nokumxhawula.
indaba nezithombe ngabeMAKATILE MEDIA
