zulu.2134.thin
KU-BONTLE (17) ukungadli ngendlela kwaqala njengento yokwehlisa isisindo somzimba elungiselela i-matric dance. Ekuseni wayeziphuzela ikhofi, ngelantshi adle iqanda elibilisiwe ne-apula, ebusuku kube wu-lettice noshizi. Lokhu kwamsebenzela kahle waqhubeka nako, kwaze kwaba uyaquleka ngelinye ilanga.
Ngesikhathi u-Akhona (18) ethola ukuthi umngani wakhe omkhulu wayedla noma yini ayeyifuna kodwa engakhuluphali wabona ukuthi kungakuhle naye emva kokudla akuphalaze.
UBontle une-anorexia nervosa kanti u-Akhona une-bulimia nervosa.
Ababulali ababili
Zimbili izinhlobo ezijwayelekile zokungadli ngokuyikho i-anorexia ne-bulimia. I-Anorexia yenzeka cishe emantombazaneni amancane nakwabesimame abancane kanti ibonakala ngokuba lowo muntu abe nomuzwa wokwesaba ukukhuluphala.
Uma umuntu ene-anorexia, akadli nakuba ezokwehla ngesisindo ngendlela eyingozi, yena akaziboni ezacile. Uma intombazane ene-anorexia izibuka esibukweni, noma izicabanga, izibona ikhuluphele kunesidingo sokwehla ngomzimba.
I-Bulimia yehlukile kancane kune-anorexia, ngoba umuntu one-bulimia akakugwemi ukudla, udla kakhulu kodwa abuye akukhiphe ngokukuphalaza noma asebenzise amaphilisi okuhlambulula isisu. Njenge-anorexia, i-bulimia nayo iphatha abantu besimame abancane nabasebasha.
Ukubukeka komzimba
Ukubukeka komzimba kubalulekile. Kusukela ebuncaneni, amantombazane afundiswa ngokubaluleka kwawo nokuyinto encika ekubukekeni kwawo.
Amaningi asabela ukuthi ukukhuluphala akuthola uma engena esigabeni sokukhula yinto yaphakade.
Aba nokwesaba azame nokuba akuqede ukukhuluphala ngoba engenalwazi lokuthi uma ushintsho ngokomzimba lunqamuka, isisindo sawo sizoma ndawonye ngaphandle kwesidingo sokuba anciphise ukudla.
Ukuqala izindlela zokungadli kahle zisasuka phansi, kubandakanya ukungabi nokuzethemba; ukunganeliseki ngomzimba wakho, umzimba ongamile kahle (uzizwe ukhuluphele) nokulwela ukuba nomzimba omuhle; umlando womndeni wokukhathazeka; izinkinga ezinzima zomndeni; umlando wokuhlukumezeka ngokocansi noma ingcindezi yangakwezemidlalo.
Ukuzaca kakhulu kungakulimaza.
Ukuzilambisa kungabeka impilo yakho engcupheni yokufa.
Uma intombazane izace kakhulu, kungenzeka ingabi nawo amafutha anele ukuze izitho zayo zomzimba zihlale ziphilile.
Umuntu one-anorexia angenza umonakalo enhliziyweni yakhe, esibindini nasezinsweni. Yonke into esemzimbeni wakhe iyehla, idale nokwehla kwezinga le-blood pressure, ukushaya kwemithambo, izinga lokuphefumula ahlale egodola.
Amanye amantombazane azilambisa kakhulu, angazithola esenqanyukelwa ama-period awo. I-Anaemia nokuvuvukala kwamajoyinti yizinto ezijwayelekile, njengamathambo aphukayo.
I-Anorexia ingenza izinwele nezinzipho kungabi nampilo, kuze kuholele esifweni sendlala nokufa imbala.
Abantu abane-bulimia bavame ukuphathwa yisisu, singahleleki kahle, umqhubukusho, umphimbo obuhlungu noma kube ngukulimala esiswini nasezinsweni ngenxa yokuphalaza.
Amazinyo abo angabola ngenxa yama-acid esisu afinyelela emlonyeni lapho bephalaza.
Njengamantombazane ane-anorexia, ane-bulimia nawo anganqanyukelwa ama-period awo, ahanjiswe yisisu aze alahlekelwe yi-mineral ebalulekile i-potassium, abe nezinkinga zenhliziyo ezingaholela ekufeni imbala.
Khulula umzimba wakho
Isinyathelo esinzima kakhulu wukuvuma nokukwamukela ukuthi unenkinga yokungahleleki kwendlela odla ngayo, wesabe ukufuna usizo.
Usizo lukhona, ngakhoke ungakuvumeli ukuphila nale nkinga.
Thanda lo mzimba onawo
Iqiniso wukuthi, bambalwa abantu abanemizimba emihle. Uma umuntu engadaliwe wamuhle, lowo muntu kufanele akwamukele lokho afunde ukuthanda umzimba wakhe njengoba unjalo.
Thanda umzimba wakho uwunakekele.
Enza uhlu lwazo zonke izinto umzimba wakho okwazi ukuzenza. Uwufunde njalo wengeze okunye.
Qaphela ukuthi yini umzimba
wakho ongayenza nsuku zonke. Khumbula yilona thuluzi lempilo yakho, hhayi into yokuhlobisa.
Enza uhlu lwabantu obakhonzile: abantu abanempumelelo nababa negalelo empilweni yakho, emphakathini noma emhlabeni.
Abantu abasha
Ufuna ukuba mncane ngomzimba
Abantu abasha abasebenzisa uhlelo lokungadli kakhulu kungenzeka baqalwe wumkhuba wokungadli ngokuyikho
sihlanganiselwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe nguCLIVE THOMPSON
BONA ZULU - October 2005
t
t
BONA ZULU - October 2005
Bala izibusiso zakho hhayi izici
Okungenziwa abazali
Njengomzali, kufanele uqaphele ushintsho ezindleleni zokudla zomntwana wakho. Njengoba ukungakuvumi lokhu kuvame ukuba yingxenye yale nkinga, usizo lokwelashwa kungenzeka lufike ngokuphoqelela komunye womndeni.
Khumbula, ukungenelela kulokhu kungahlenga impilo yomntwana wakho. Uma usola ukuthi umntwana wakho unenkinga yokungadli ngendlela eyiyo, mfunele usizo lokwelashwa ngokushesha.
Ukuziphatha okukhombisa ukuthi ingane yakho inazo izindlela zokungadli ngokuyikho:
Ayilambi noma ayithandi ukudla nomndeni.
Idla kakhulu kodwa ayikhuluphali.
Isebenzisa amaphilisi okuhlambulula isisu noma ama-water pills.
Ukuzilolonga ngokwedlulele noma ukuhlale icabanga ngesisindo somzimba.
Ukuhlale ivakashela e-bathroom emva kokudla - kungenzeka ivule amanzi ukuze ungezwakali umsindo wokuphalaza kwayo.
Ukuthanda ukuba yodwa. [z]
