zulu.212.FFFF_recipes
Bhakela inzuzo
Chocolate brownies with Caramel Cream frosting
Isikhathi sokukulungisa: 1 ihora
Isikhathi sokubhaka: 30-35 imizuzu
Kuphuma angu-12
Brownies
* 315g ushokoledi onsundu
* 200g imajarini
* 8 amaqanda
* 475g i-castor sugar
* 55g i-cocoa powder
* 1 isipuni (15ml) i-vanilla essence
* 160g i-cake flour
* 125g amakinati athoswe kancane (noma iyiphi inhlobo)
Caramel Cream Frosting
* 200g ushokoledi
* 4/5 inkomishi (200ml) iNestlé Caramel Treat
* 4/5 inkomishi (200ml) ukhilimu ophehliwe
* 1 i-teaspoon (5ml) ujusi kalamula
1. Ama-brownies. Ncibilikisa ushokoledi nemajarini endishini engazweli ukushisa ebekwe ebhodweni elinamanzi abilayo. Kupholise endaweni engashisi kakhulu.
2. Endishini hlanganisa amaqanda noshukela. Kuyeke ungakushayi kuze kube lula kube namabhamuza.
3. Shaya ushokoledi, faka izithako ezisele ukuhlanganise kahle.
4. Ndlala ingxube endishini yokubhaka engu-20x23x6cm. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-160°C imizuzu engu-35. (I-brownie kufanele iswakame uma ikhishwa kuhhavini.)
5. Kupholise ukufake kwi-freezer okungenani ihora elilodwa.
6. I-caramel Cream Frosting. Ncibilikisa ushokoledi endishini engazweli ukushisa ebekwe ebhodweni elinamanzi abilayo. Shaya iCaramel Treat, faka ukhilimu nojusi kalamula uhlanganise. Yikha ingxube ngesipuni uyibeke kuma-brownies apholisiwe, qoba kube yizikwele. Hlobisa ngokuthanda kwakho.
Lamingtons
Isikhathi sokukulungisa:
1 ihora
Isikhathi sokubhaka: 35 imizuzu
Kuphuma amakhekhe angu-36
Ikhekhe
* 6 amaqanda
* 3/4 inkomishi (185ml) i-castor sugar
* 1 inkomishi (250ml) i-self-raising flour esefiwe
* 1/3 inkomishi (60ml) i-corn flour esefiwe
* 1/3 inkomishi (60ml) amanzi ashisayo
* 15g imajarini encibilikisiwe
I-Icing
* 500g i-icing sugar
* 1/3 inkomishi (60ml) i-cocoa powder
* 15g imajarini encibilikisiwe
* 1/2 inkomishi (125ml) ubisi
* 250g i-coconut
1. Ikhekhe. Endishini shaya amaqanda ashube abe sakhilimu. Faka ushukela izikhawu, shaya emva kokuwufaka ukuze uncibilike. Faka ofulawa.
2. Kujeke hlanganisa amanzi nemajarini. Faka engxubeni yekhekhe uhlanganise.
3. Thela ingxube ethinini lokubhaka eliyisikwele elingu-23cm. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-180°C imizuzu engu-35.
4. Khipha kuhhavini, kuyeke imizuzu engu-5. Kuthululele kwi-wire rack ukupholise. Ncwela uqweqwe ekhekheni, qoba kube yizikwele.
5. I-icing. Endishini engazweli ukushisa, sefa i-icing sugar ne-cocoa powder.
6. Beka indishi ebhodweni elinamanzi abilayo, faka imajarini nobisi ugovuze. Khipha ebhodweni.
7. Cwilisa izikwele zamakhekhe kwi-icing, faka i-coconut, beka kwi-wire rack ukuze kusethe.
Corn muffinS with tomato and onion topping
Isikhathi sokukulungisa: 20 imizuzu
Isikhathi sokubhaka: 25 imizuzu
Kuphuma angu-12
Muffins
* 3 izipuni (45ml) ushukela
* 2 amaqanda ashayiwe
* 4/5 inkomishi (200ml) i-evaporated milk
* 2 izipuni (30ml) uwoyela
* 1 x 410g ithini i-sweetcorn
* 480g i-self-raising flour
* 1/2 i-teaspoon (2,5ml) i-bicarbonate of soda
* ibinzana likasawoti
* 100g ushizi ogreythiwe
* 1 i-teaspoon (5ml) i-parsley eqotshiwe
I-Topping
* 1 utamatisi oqotshiwe
* 1/2 u-anyanisi oqotshiwe
* 50g ushizi ogreythiwe
1. Endishini hlanganisa ushukela, amaqanda, ubisi nowoyela, faka i-sweetcorn.
2. Kwenye indishi, sefa ufulawa, i-bicarbonate of soda nosawoti. Faka ingxube yeqanda ukuhlanganise. Ungakushayi kakhulu.
3. Faka ushizi ne-parsley. Yikha ingxube ngesipuni uyifake ethinini lama-muffin.
4. I-Topping. Endishini hlanganisa zonke izithako, yikha ngesipuni ubeke phezu kwama-muffins.
5. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-180°C imizuzu engu-25-30. Kupholisele kwi-wire rack ukuseve kushisa. [z]
Uma abagibeli beme kolayini abade belinde amatekisi, bejahe isitimela noma ibhasi, kungabajabulisa ukuthola okokubamba umoya
SEBENZISA ISIKHATHI NGOKUYIKHO KUNOKUDLALA NGASO
Part 2
Ngenyanga edlule sikhulume ngokubaluleka kokusebenzisa isikhathi ngokuyikho kunokusisebenzisa ezintweni ezingeke zasisiza ngalutho, sabuye sabheka nezeluleko ezingu-8 ezimqoka. Kule nyanga sibheka ezinye ezingu-8.
1 Vuka uzithathe! Ukuba nohlelo kumqoka empumelelweni. Uma sesivuke sazithatha kumele siqhubekele phambili kunokuthi sibuye siphele amandla endleleni. Ngamanye amazwi, konke kumise ngomumo ngaphambi kokuqala.
2Yiba nesineke. Nakuba kungenzeka ube nezinto ezingu-101 ezimqoka okumele uzenze namuhla, konke kuqala ngento yokuqala oyenzayo. Yenze uyiqede udlulele kwelandelayo.
3 Okwenzayo kwenzisise ukhiphe lonke ikhono lakho. Yiba nesikhathi sokupholisha lelo khono ukuze kuzuze wena nethimba lakho.
4 Hloma ngamakhono amasha. Kuhle sivame ukufunda okusha okubalulekile entweni esiyenzayo. Uma ukwazi kahle okwenzayo, impilo izoba lula kanti nesikhathi osisebenzisile ngeke usikhalele.
5 Ngabe yimiphi imigoqo eyisithiyo eyenza ukuba ungaphumeleli? Yibheke le migoqo uyisuse endleleni yakho. Yiseluleko esilula lesi kodwa sinamandla. Sivame ukwenza imisebenzi yethu yansuku zonke ngaphandle kokubheka ukuthi singawukhuphula kanjani umkhiqizo wethu. Bheka izinto ezenza ukuba ungasebenzi ngokuzikhandla usebenzele ekulweni nalezo zinto.
6 Zigqilaze. Sivame ukungazikhandli uma sazi ukuthi yithina esingabaqashi. Kukhona umehluko phakathi kwe-stress nokuzikhandla. Makube khona ilungu lethimba lakho ozobika kulona – umuntu ozobheka ukuthi amaphupho akho ayafezeka. Le iyona ndlela yokuqinisekisa ukuthi uyakhuthala ukuze ufeze amaphupho nezinjongo zakho.
7 Amandla akho wasebenzise ngendlela efanele. Uyazi ukuthi ukhuthala ngasiphi isikhathi osukwini. Uma uzozijwayeza ukwenza izinto ezimqoka ngaleso sikhathi uzomangala wukubona umphumela omuhle ozowuthola.
8 Yeka ukucabanga ngento oyifunayo uqale uyenze. Yenza njengokusho kwesikhangiso somkhiqizo wempahla yokudlala edumile – just do it!
Lluwellyn Diedericks
