zulu.2113.bar
Ziyabulalana!
NGABE ufuna ukuqeda i-stress" Uthini ngokushaywa wumoya uzithengele isiphuzo bese ushaya umuntu" OK, into enjalo ingakufaka enkingeni - kodwa eChina igunyaziwe.
I-Rising Sun Release Bar eseNanjing inika amakhasimende ayo igunya lokubhoka ngolaka, abulale izingilazi ashaye nabasebenzi.
Kodwa akugcini lapho! Uma lezi zindlela zokudambisa ulaka zingasebenzi, i-bar ibuye isize amakhasimende ayo ngokuweluleka ngokwengqondo!
Kule-bar kuqashwe izidlakela zamadoda angu-20 aneminyaka eko-20 no-30 avuma ukuba ashaywe. Agqoka izimpahla eziwavikelayo, i-bar iyawaqeqesha.
Ungazisholo ngokwakho ukuthi ufuna ukuba abukeke kanjani - okusho ukuthi ungacela ukuthi enye igqoke njengomqashi wakho.
Le-bar yasungulwa nguWu Gong oneminyaka engu-29 othi wakhuthazwa ama-bar alolu hlobo aseJapan.
Amakhasimende afuna lolu sizo akhokha phakathi kuka-R40 no- R300 kuye ngokwezidingo zawo.
Kukhona abagxeka izenzo zale-bar abathi nakuba ukushaya umuntu ogqoke njengomqashi wakho kungabukeka kuyinto enhle kwabanye abantu, udlame alusoze lwaxazulula izinkinga.
Kukhona abayesekela kakhulu le nqubo yale bar. "Ingcindezi umphakathi obhekene nayo esikhathini samanje iqhamuka ngezindlela eziningi kanti asinandawo esingakhiphela kuyona ulaka lwethu," kusho omunye usomabhizinisi.
Okuhle kakhulu ngale-bar wukuthi iningi labadinga usizo lwayo ngabantu besimame! [z]
BONA ZULU - October 2006
Ungakuzami ekhaya lokhu!
indaba ngu-ISAAC KWELA
I-bar enika abantu igunya lokulwa baphule ifenisha
BONA - August 2005
