zulu.2101.mokoena
kodwa ngasinda
UNGUMFUNDISI, isangoma, umholi womphakathi kanti usawenza umsebenzi wakhe omdala wokushisela. Lokhu akulula ukukukholwa njengoba uMbhishobhi Abram Mokoena enengalo eyodwa.
"Ngiye ngizame ukuba ngenze umsebenzi wami ngaphandle kokusizwa abanye abantu," kusho yena ngesikhathi efaka u-pin wokushisela kwi-soldering holder.
Walahlekelwa yingalo esigamekweni okwafa kuso indodana yakhe ngesikhathi uMokoena, umkakhe uMasesi, indodana yabo nabanye abantu babebuya emcimbini wezangoma ngenkathi kuqhuma isondo lemoto ababeyiqashile yaphenduka.
"Indodana yami yafela lapho, kanti nami babecabanga ukuthi ngifile," kusho kukhumbula uMokoena. "Kwaphela amahora amahlanu wonke bengishiyile ngilele eduze kwesidumbu sendodana yami emgwaqweni ngesikhathi kusaphuthunyiswe esibhedlela abanye ababelimele.
"Ngavuka esibhedlela, ingalo yami eyayibambeke emnyango wemoto lapho iphenduka, yabe isinqunyiwe.
"Ngaphatheka kabi ngicabanga ngekusasa lami ngithi umkami nezingane zami bazongidikila ngoba sengikhubazekile.
"Ngakhululeka emoyeni ngesikhathi umkami ethi akasoze angilahle."
UMokoena wabhukula wakha impilo yakhe kabusha nokwaba nomthelela wokuba agcine esakhe indlu yesonto ngokwakhe - nokuyilapho eshumayela khona iZwi leNkosi.
Lo mholi weHoly St Phillip Apostolic Church Of South Africa uphinde abe ngumphathi weCommunity Police Forum (CPF) ekubeni ungusihlalo wekomiti elixazulula izingxabano zemindeni ezigcemeni ezintathu endaweni yase-Orange Farm.
"Asibi nezinkantolo zasehlathini.Esizama ukukwenza wukuletha ukuthula phakathi kwamalungu emindeni nomakhelwane uma kuxatshenwe," kusho yena ephawula ngokuxazulula izinkinga zemindeni.
Ngosizo lweCPF ibambisene namaphoyisa iSAPS, sebekwazile ukunqanda ubugebengu endaweni abahlala kuyona.
"Ngiphinde nginike usizo kulabo abangenamakhaya nabagulayo," kusho yena.
Usehlanganise intsha yamahlelo ezenkolo ehlukene endaweni ngenhloso yokuhlela imisebenzi yokuqoqa izimali.
"Lokhu kwenza abantu abasha babe nezibopho bakwazi nokudonsa ontanga yabo abangekho esontweni.
Kanjani ngomsebenzi wakhe wokuba yisangoma? Walwenqaba ubizo kwaze kwaba uphupha iphupho elilodwa izikhathi ezintathu. "Ngaphupha kuthiwa mangiye emfuleni iVaal ngifike ngingene phakathi ekujuleni kwawo ngiyolanda amathambo engangizowasebenzisa ukubhulela abantu," kusho yena.
Eminyakeni eminingi emva kokuba umkhulu wakhe owayeyisangoma edlula emhlabeni, abomndeni wakhe baphonsa amathambo awaphupha emfuleni iVaal.
"Babengasafuni lutho eyayizobahlanganisa nokwelapha ngamakhambi esintu babona kungcono amathambo bawafake emfuleni," kusho uMokoena.
AKUMANGAZIKE ukuthi uMokoena waphikiswa abomndeni lapho ebatshela ngamaphupho akhe.
"Ungalokothi usivusele izinkinga ezindala," kusho abomndeni kuyena. Wamuzwa umndeni wakhe lapho esethi, lesi sikhwama samathambo sesihlale emanzini ngaphezu kweminyaka engu-24 kufanele silandwe.
Ngaphezu kwalokho, ukwenqaba kwakhe lolu bizo kwakumdalela usizi.
"Ngangiphila impilo edabukisayo nengabekezeleki nginamashwa," kusho yena.
Umkhulu wakhe wamchazela ngephupho ukuthi yikuphi lapho ayezowathola khona amathambo.
"Wangexwayisa ngokuthi ngingalokothi ngingahambisi ngokwezifiso zakhe."
"Into eyayenza lo msebenzi wesabise kakhulu wukuthi ngangingakwazi ukubhukuda," kusho uMokoena.
Ngalo lolo suku olukhulu, ngo-3 ekuseni ngovivi wase esevukile. "Ngangiyalelwe emaphusheni ukuthi umsebenzi wokuyolanda isikhwama samathambo kufanele wenziwe ilanga lingakaphakami.
"Umkhulu nabanye abavela emaphusheni bathembisa ukuthi bazohlangana nami osekwini lomfula. Ngangingafuni ukuba ngifike emva kwesikhathi." Wathatha itekisi yokuqala ekuseni ngo-4.30. Nakuba kwakuyisebusika kodwa wenqaba ukuza nethawula noma ubhulankethi wokuzifudumeza uma esephumile emanzini. "Okumangazayo wukuthi ngangingesabi lutho," kusho yena.
ESAGQOKE enjalo izingubo zakhe - izicathulo, ijakhethi nebhulukwe - wadayivela emfuleni iVaal kuleyo ndawo ayeyiboniswa emaphusheni.
"Ngachitha amahora amabili ngifuna ngithinta noma yini phansi emajukujukwini omfula, ekugcineni ngasithola isikhwama."
Ekuqaleni, yena njengesangoma, wayengathandi ukuba inkosikazi yakhe ihambe isonto.
"Ngangilizonda isonto. Njengoba ngangiphuza ubhiya kakhulu, kwakuthi lapho esezobuya esontweni ngibeke amabhodlela kabhiya esangweni ngimphoqe awathathe ayongithengela ubhiya ejoyintini esafake umfaniswano wesonto."
Lokho kwabuye kwashintsha. Umkhulu wakhe wafika ngephupho ephethe imvubu wathi kuMokoena akafunde u-Isaiah 44 - ofundeka kanje: "Manje yizwa Jakobe nceku yami no-Israel engimkhethileyo..."
Wangena kanjalo ekukholweni kwathi emva kweminyaka embalwa, wasungula elakhe ibandla okumanje selinamaziko amahlanu ezweni lonkana. Namuhla uMokoena nomkakhe osanda kuphothula njengesangoma yibo abaphethe esontweni baphinde babambisane futhi ekwenzeleni iziguli zabo imithi... [z]
BONA ZULU June 2008
Bangishiya bethi ngifile,
Ungalokothi uthi ukhubazekile ngoba ukulahlekelwa kwakhe yingalo akuzange kumvimbe lo mfundisi ukuba asize umphakathi... indaba nguForce Khashane, izithombe nguMolefi Sebatie
IMPILO LEYO
U-Abram Mokoena uphinde abe ngumholi weHoly St Phillip Apostolic Church Of South Africa.
UMbhishobhi esebenza eshisela isango esontweni nasehholo lomphakathi alakha ngokwakhe.
UMoekoena enomkakhe uMasesi endaweni yabo yemithi (dispensary).
BONA ZULU June 2008
