zulu.2099.yourstyle_solutions
IZELULEKO ZEFESHINI
Ama-denim
DENIM akudingi ize
ibe sesimweni sama-jean noma ibe-bhlu. Lolu hlobo lwendwangu lungemibala ehlukene nezindlela ezihlukene kusukela kuma-jean kuya kumajakhethi, eziketini, kuya emakapisini nasezikhwameni. Kufanele uyisethe kahle ukuze izwane nomcimbi okuwo.
Nakhu ongakwenza.
Ubuciko bokugqoka i-denim kuyo yonke imicimbi ujike ubukeke kahle
Okwesonto
Le jakhethi ye-denim ingahambisana kahle kakhulu nokuhlotshiswe ngokusazimbali. Lokhu kwenza ubukeke kahle kodwa futhi uhlonipheke.
Ingubo enezimbali (R60), Camelion. Ijakhethi yeDenim (R120), Camera Smart Fashion. Izicathulo eziPurple (R220), Rage.
I
Okwe-Interview
Ijakhethi yeDenim ikahle uma ufuna ukubukeka uzimisele futhi usesitayeleni. I-Denim enombala ogqamile ngoba ayibukeki nejakhethi yeDenim ejwayelekile.
Ingubo emnyama (R90), Star Walk Fashion. Ijakhethi yeDenim ebomvu (R40), Camelion.
Ama-boot abomvu
(R320), Foschini.
Ama-jean amnyama noma aluthuthu ungawashaya noma kuyiphi imicimbi. Wagqoke nama-blouse kasilika noma acwebezelayo bese uqedela lobo buhle ngezicathulo eziphakeme.
Ihembe elinemisho ebomvu nemhlophe (R60), Camelion. I-jean yeDenim (R120), OK Fashion & Jewellery Centre. Ama-boot amnyama (R340), Sissy Boy.
Umcimbi wezicukuthwane
Izitayela: Thato-ya-Ona Lerefolo
Izithombe: Peter Whitfield
